ASINAMALI: Ifilimu entsha ethembisa ukushisa izikhotha


ISIKHONDLAKHONDLA kwezobuciko uDkt Mbongeni Ngema usezinhlelweni eziphezulu kakhulu zokukhiqiza ifilimu ebizwa ngokuthi Asinamali – The Musical Movie nesuselwe emdlalweni wakhe weshashalazi owashisa izikhotha ngeminyaka yama-1980’s
LO mdlalo wehashashalazi kaMadlokovu i-Asinamali wanyakazisa umhlaba wonkana ngemva kokwethulwa eMarket Theatre, eGoli – kanti wawudlalwa ngesikhathi esinzima nodlame olubhekiswe kwaboHlanga lubhokile. Yiwo lomdlalo owavula indlela yemidlalo yeshashalazi yaseNiningzimu Afrika, eBroadway Manhattan, eNew York, eMelika.
I-Asinamali yabhalwa uNgema isuselwa ezigamekweni zeziteleka zentela zangowe-1983 ezagubuzela ilokishi laseLamontville eThekwini. Isiqubulo i-Asinamali saqalwa umholi owayephikisana ngamandla nencidezelo yomuntu ongumAfrika uMnu uMsizi Dube (owake waba isiboshwa ngisho eRobben Island). Umphakathi wabumbana waba imbumba phansi kwalesisiqubulo.
Lesi siqubulo i-Asinamali sakhuthaza futhi savusa uhlevane kubantu basemalokishini ezweni iNingizimu Afrika. Ukunkeneneza kwalesi siqubulo kwadlondlobala kakhulu kwaba umlilo kazokhele nowagcina ngokuzwela kubacindezeli baze baphoqeleka ukuba bakhulule abaholi abafana noMandela, ukuvulwa kwezinhlangano zepolitiki, i-ANC, iPAC nezinye.
Lolu lozolo lwefilimu aqhamuka nalo uNgema kuhlelwa ukuba luqoshelwe ejele laseThekwini nelalinedumela lokuhlukumeza amalungelo aboHlanga. Izogxila kakhulu kubalilingiswa abayishumi nambili njengabafundi bakaJesu kanti kubona kukhona nesishoshovu seqabane uComrade uWashington, kanti udaba lungabantu abazibonela ngawabo uMnu uMsizi Dube ehlanganisa umphakathi waselokishini iLamontville elwisana nemithetho yobandlululo kanye nokuphoqwa ukuba kukhohkwe intela ephezulu ekubeni imiphakathi ingenamali!
Kule filimu i-Asinamali uComrade uWashington, ongumholi wepolitiki ngaphansi kophiko lwezempi lwe-ANC, loMkhonto weSizwe (MK), ubuya ekudingisweni angene ejele avule umsebenzi weshashalazi khona ngaphakathi. Weluleka futhi agqugquzele iziboshwa ezihlukunyezwa mihla namalanga ukuba zikuveze obala ukuhlukunyezwa kwazo ngomculo kanye nokulingisa ukuze udaba lwazo luvele obala. Lokhu kwenza iziboshwa zibone ukuthi zixhumene nesiteleka sentela saseLamontville bese zibona kubalulekile ukuveza iqiniso kanye neqhaza lazo ekubulaweni komholi womphakathi uMsizi Dube.
Ngokuthuswa ilo mdlalo weziboshwa onembayo izikhulu zejele ziphoqeleka ukuwuvala ngesihluku esinokusabisa, udlame kanye nokujezisa kanzima iziboshwa. Yize zihlukunyezwa kabuhlungu kodwa iziboshwa ziyaqhubeka nomdlalo, zicule kakhulu kunakuqala nokwenza nezinye iziboshwa zigcine zijoyinile ziphikisana nesihluku sabaphathi bejele. Lokhu kwenza izikhulu zigcine zigobe uphondo zivumele iziboshwa ukuba ziqhubeke nokudlala lomdlalo.
Isimo sepolitiki sigcina ngokushintsha eNingizimu Afrika nokulandelwa ukukhululwa kweziboshwa zepolitiki bese kuqalwa uhlelo lwezingxoxo zokubonisana. Ngosizo lukaComrade Washington iziboshwa zithola usizo lokuhlunyeleliswa kwezimilo zazo nokwenza ukuthi zithole lokudlala lomdlalo wazo endaweni ephezulu kwezeshashalazi yaseBroadway, eNew York. Lokhu kwenza kwakheke amathuba masha anekusasa eliqhakazile eziboshweni zokuba abalingisi!
Abalingiswa abathathu kule filimu kukhunjulwa ngabo abalingisi bokuqala be-Asinamali yeshashalazi nokungo uBhoyi Ngema (nongumfowabo kaMnu uMbongeni Ngema), uThami Cele kanye noSolomzi Bhisholo bonke abazungeza amazwe ngamazwe nalomdlalo.
Ngokolimi lwefilimu lomsebenzi usesigabeni esaziwa nge-pre-production, kanti ukuqoshwa kwezinga eliphezulu kwe-Asinamali – The Musical Movie kulindeleke ukuba kuqalwe ngoMbasa 2016. Izinhlelo zihlanganisa ukuvulwa ngokusemthethweni kwale filimu kwiToronto Film Festival, eCanada kuMfumfu 2016. UNgema uhlose ukwenza esifanayo neSarafina yodumo ngale filimu ye-Asinamali – The Musical Movie.
Phezulu eqhulwini lokukhiqizwa kwale filimu uDkt uMbongeni Ngema uzibambele mathupha futhi njengomqondisi kanye nombhali kanti uzobe elekelelwa uDarryl Roodt. Ethimbeni lababhekene nokuhlanganiswa kwale filimu kukhona uDavid Dison (eziphathelene nomthetho), uHarry Hofmeyr (kwezamaqhinga), uNkk uThandekile Mqadi noMangisi Khumalo (kwezezimali).
Le filimu izovula inqwaba yamathuba emisebenzi kubalingisi bakuleli kanye nemisebenzi kulabo abasembonini yezokwenziwa kwamafilimu kuleli. Njengoba izoqoshelwa eThekwini nje, kuningi okuzozuzwa iTheku nesifundazwe sonkana njengoba izindawo zokuhlala ezizosetshenziswa kungezalelidolobha. Ukwenziwa kwale filimu kuqondaniswe nokugubha iminyaka engama-40 yesibhicongo saseSoweto samhla zili-16 kuNhlangulana ngowe-1976.
Akungatshazwa ukuthi le filimu izoba uqambothi lodwa ngoba umculo uzobe udidiyelwe nguye kanye uNgema kanti kuneculo lothando elizoculwa nguR. Kelly ehambisana nentombazane yeKhaladi yakuleli nesazofunwa ngohlelo lwenhlololukhono. Kuneculo lasejele elizoculwa iLadysmith Black Mambazo nesiwine amaGrammy amane kanti iculo elimdanso wase-Lamontville lizokwenziwa inkakha uMnuz uHugh Masekela. Amanye amaculo azokwenziwa abeCommitted Artists kanti iKZN Philharmonic Orchestra izokwenza iculo lebika lalefilimu ngokuhlanganyela nombhidi uMnu uThemba Mkhize wodumo lweqembu leSakhile. Izinga likaMkhize emculweni lilinganiswa nse nelikaHans Zimmer wefilimu iThe Lion King kanye noGeorge Fenton wefilimu eyayingo-Ghandi.
Okwamanje le filimu isikwazile ukuthola izibophezelo zokuyisiza ekwenziweni kwayo ezinkampanini ezifana neNational Lotteries Commission, iDTI, iKZN Film Commission nabeM-NET.