Now Reading
Amaqembu alifuna esitikini olwamabhasi
Dark Light

Amaqembu alifuna esitikini olwamabhasi

Enkulumeni ekhethekile iBAYEDE ebenayo namaqembu aphikisayo aveze ukuthi asola uMacingwane ngokushaya indiva lezi zinsolo zenkohlakalo ezibikwa emnyangweni wakhe

 

ABHODLA umlilo amaqembu aphikisayo  ngomphathiswa wezokuthutha  KwaZulu-Natal, uMhlonishwa uWillies Mchunu abamsola ngokuthi uhudula izinyawo ekuthatheleni izinyathelo izikhulu zomnyango wakhe ezithinteka ezinsolweni zenkohlakalo.

La maqembu aphikisayo okubalwa kuwo iDemocratic Alliance (DA), Inkatha Freedom Party (IFP) neNational Freedom Party (NFP) agxeka uMhlonishwa uMchunu ngokuthi uvikela ozakwabo abanukeka ezinsolweni zenkohlakalo nokugwazelwa ngosomabhizinisi bamaNdiya ekutheni kucekele phansi aboHlanga abasembonini yezokuthutha.

Phela uNkk uMaki Mogale uphumele obala ngesonto eledlule wathi yena ubengumgudu wokushushumbisa imali yomgunyathi yalowo owayenguNgqongqoshe wezokuthutha, uSibusiso Ndebele noMnu uGeorge Mahlalela owayengumqondisi jikele kulo mnyango.

Iphephandaba iBAYEDE ibike ngalolu daba ngeledlule ngendaba yokuqoqwa kwezimali kosomabhizinisi boHlanga okwakuthiwa izothenfgainkampani yamabhasi iKZT, kwakujutshwe uMogale ukuba ayiqoqe.

Kuhlaluke  ukuthi kwakudlalwa ngabantu abamnyama ngoba leyo mali igcine iphelele emaphaketheni alezikhulu ezibaluliwe.

NgokukaMogale leyo mali yayizothenga amasheya enkampani yamabhasi iKZT, kanti babhixwa ngodaka emehlweni ngoba yonke leyo mali ibhubhudlwe yizikhulu.

Ukuphumela obala kukaNkk uMogale kulandela olunye uchungechunge lwezikhalo ezivela kosomabhizinisi abamnyama abasembonini yezokuthutha abakhala ngokuthi izikhulu zoMnyango Wezokuthutha KwaZulu-Natal zigwazelwe ngosomabhizinisi bamaNdiya.

Enkulumeni ekhethekile iBAYEDE ebenayo namaqembu aphikisayo aveze ukuthi asola uMacingwane ngokushaya indiva lezi zinsolo zenkohlakalo ezibikwa emnyangweni wakhe. Abamaqembu aphikisayo babuye bathi bafuna lolu daba luyodingidwa kuSishayamthetho ngenhloso yokuthola incazelo ngalolu daba.

Manje abaholi beDA, IFP neNFP bafuna lolu daba luyodingidwa kuSishayamthetho ngenhloso yokuthola  incazelo ngokuthi kungani uMchunu ethule ngalo.

UMhlonishwa uSizwe Mchunu uqhubeke wathi, “Sifuna ukwazi ukuthi kungani uWillies Mchunu ezishaya indiva lezinsolo zenkohlakalo ezithinta izikhulu zomnyango wakhe.’’

Ezinye zalezi zikhulu ezibandakanyekayo kulo mkhonyovu nguNks Fikile Sithole, Nks Nozipho Mthethwa, uMnu uRaphael Gadla, uAdvocate uSimo Chamane nalabo ababesebenzela umnyango abanjengoThemba Manyathi.

Abanye osomabhizinisi abakhala ngokucekelwa phansi yilezi zikhulu zomnyango ngokuhlanganyela nosomabhizinsi bamaNdiya, nguMnu u-Anthony  Chili weThalente Lama-Africa Bus Services kanye nabanikazi beMasinqobe Bus Services.

UMhlonishwa uMchunu ufunge wagomela ukuthi iqembu lakhe ngeke liphumule lezi zinsolo zingaphenyiwe. “Kulihlazo futhi kuyethusa ukuthi kungani uMchunu ezishaya indiva izinsolo zaloluhlobo ezithinta ozakwabo emnyangweni. Thina njengeDA lolu daba sizolulandela kuze kube sekugcineni ngoba ngeke sithule kudlalwa ngosomabhizinisi boHlanga. Sesicele usihlalo wethu okuPortfolio committee yezokuthutha ukuba lolu daba alufake kuSishayamthetho luyokhulunya khona ngoba sifuna izimpendulo kuMchunu,’’ kuqhuba uSizwe Mchunu.

See Also

UMhlonishwa uGwala noMhlonishwa uBonga Nzuza weNFP nabo bahambe emagameni kaSizwe Mchunu. “Kubuhlungu ukuzwa ukuthi kunabaholi nezikhulu eziphezulu ezihlangene nosomabhzinisi bamaNdiya ukucekela phansi osomabhizinisi abamnyama ikakhulukazi intsha,’’ kusho uMhlonishwa uGwala.

UMhlonishwa uGwala uphinde wagxeka abaholi be-ANC  ngokuziphikisa kwabahlale bekushumayela emphakathini.

UMhlonishwa uGwala uqhube wathi bona njengeqembu le-IFP bazolulandela lolu daba kuze kube sekugcineni.

“Ngeke sihlale sigoqe izandla kudlalwa ngabantu abamnyama. Sifuna ubulungiswa kulolu daba,’’ kuqhuba uMhlonishwa uGwala.

Usihlalo wePortfolio Committee kuSishayamthetho, uMhlonishwa uMxolisi Kaunda uthe ubengenalwazi ngalezi zinsolo zenkohlakalo ebikwa eMnyangweni Wezokuthutha.

“Empeleni lolu wudaba okumele ludingidwe ngumnyango wezokuthutha hhayi ikomiti leportfolio mina engingusihlalo walo,’’ kusho uMhlonishwa uKaunda.

Scroll To Top