Abashayisibhakela bafulathela abaqeqeshi
Kulindelwe ngabomvu ukubona ukuthi abashayisibhakela abaxabane baze behlukane nabaqeqeshi kanye nabahleli bezimpi zabo bazohamba bafike kuphi.
Usaqalile nje unyaka, abashayisibhakela abathathu base- East London sebeshiye abathandi balo mdlalo bekhungathekile ngezinqumo zokushiya abantu asebewe bevuka nabo baze baba sezingeni lokuba ompetha bomhlaba.
Ngemuva nje kokunqoba isicoco seWBO International bantamweight ngokushaya u-Ernesto Saulong e-Orient Theatre, uLwandile Sityatha wehlukane nomhleli wezimpi u-Ayanda Matiti weXaba Promotions.
Bekusalindeleke ukuthi uSityatha ahambe elide ibanga evikela lesi sicoco. Ngaphandle kokubamba isicoco seWBO International, uMatiti ubemphendlela indlela emzuzise isicoco se-IBO Junior Bantamweight, eseWBA Pan African flyweight neseWBF kuJunior Bantamweight.
Kusenjalo, uLusanda Komanisi naye ushiye umqeqeshi uNick Durandt isigubhukane waqoma ijimu i-All Winners Boxing Club eseMdantsane.
UKomanisi ushiya uDurandt eGoli nje, le nkakha yomqeqeshi ibisigudle naye isikhathi eside. UDurandt umsize ekutheni anqobe isicoco sikazwelonke esigabeni seFeatherweight wase enezezela ngese-IBO Featherweight.
Akwaziwa-ke ukuthi uma uDurandt, okumanje uphesheya ulungiselela impi enkulu yeWorld Boxing Council, uzobuya zikhona yini izinyathelo azozithathela lo mshayisibhakela oteketiswa ngelikaSchoolboy.
Kuleli sonto uSimpiwe “V12” Vetyeka naye udide u-Andile Sidinile ngokumshiya yize kusasele iminyaka emibili enkontilakini yabo bobabili.
USidinile weSijuta Boxing Promotions usize kakhulu uVetyeka ekutheni igama lakhe laziwe emhlabeni.
Esebenzisana noSidinile lo mshayisibhakela waseDuncan Village unqobe isicoco se-IBO Featherweight ngokumuhluza uDaude Yordan wase-Indonesia.
Bobabili bazakhele ugazi eNingizimu Afrika ngokuya e-Australia babukisa ngenkakha yase Indonesia, uChris John ngowezi-2013. UJohn, owayengumpetha weWBA iminyaka eli-11, washaywa waphela inkani ngomzuliswano wesithathu. Ngokunqoba leya mpi eyayise-Australia, uVetyeka waqopha umlando ngokuphatha izicoco ezimbili zomhlaba kanye kanye.
UVetyeka ulaxaza uSidinile nje, lo mqhathi ubesanda kumkhulumela eziphathimandleni zeWBA ukuthi zimsondeze eduze kokulwela isicoco sale nhlangano yasePanama ebalwa namakhulu emhlabeni.
Njengoba uVetyeka eseneminyaka engama-35 akwaziwa ukuthi ubani ozomphathela izindaba zakhe njengoba uSidinile eseveze ukuthi sebehlukene.
Akwaziwa-ke ukuthi uzosuswa yini endaweni yesine abesebekwe kuyo njengoba esehlukene noSidinile. UVetyeka ubezanyelwa ukulwa phesheya asebenzisane nenkakha yomqhathi u-Al Haymon wase-USA osebenzisane isikhathi eside nesihlabani uFloyd Mayweather Junior.