Wonke umuntu uneNdiya lakhe embonini yamabhasi



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
Kuvela ukuthi aboHlanga baklwebhana nje kubangwa ivenge abalithola kosomabhizinisi bamaNdiya
SELUFIKA kuvuthondaba uphenyo lweBAYEDE mayelana nezinsolo zomgunyathi nenkohlakalo okuthinta imboni yezokuthutha kwaZulu-Natal. Uphenyo oluqale ngenyanga kaZibandlela seluveze umsanka owesabekayo othinta osopolitiki, izikhulu kanye nezisebenzi zoMnyango kanye nosomabhizini nezinkampani zabomdabu baseNdiya. Emuva nje kokushicilela ingxenyana encane yalezi zinsolo iBAYEDE isithole izincwadi zabameli ezivela ezinkampnaini ezithintekayo. Kulezi zincwadi leli phephandaba beliphoqwa ukuba lingabe lisabhala ngezinkampani ezithintekayo noma lihoxise osekuvelile. Ngenxa yokuhloma ngobufakazi obunye obufungelwe leli phephandaba liyaqhubeka nokubhala ngalolu daba.Kuleli sonto labo abakhulume neBAYEDE nabangabanga nankinga ukuba kuvele amagama abo, badalule amanye amagama ezikhulu abathi zabe zisekhaleni lomguyanthi owabe uhlose ukubaqola, ubaphuca iqatha emlonyeni uyolinika izinkampani kanye nosomabhizinisi bamaNdiya. Phakathi kwamagama avelile (uhlu luningi okwamanje sidalula lawa ukuze kuhambisane nodaba) ngelikaMnu uGeorge Mahlalela kanye noMnu uChris Hlabisa ababeyizikhulu eMnyangweni Wezokuthutha. Abanye abakhonjwayo ngu-Advocate uSimo Chamane, uMnu uThami Manyathi, uNks uNozipho Mthethwa, uNks uFikile Sithole kanye noMnu uRaphael Gadla.
Lezi zinsolo ezishaqisayo zizekwe nguMnu uGezani Anton Chili nothi laba ababili baba ngabanye abenza yena nozakwabo isilo sengubo bebaphuca isinkwa sezingane zabo. UChili ubengomunye wabaphathi benkampani ebhaliswe ngokuthi yiThalente Lama-Afrika (Pty) Ltd. Abanye ababengabaqondisi bale nkampani ngoMnu uMudliwama Sizwe Shenge kanye noMnu uVusumuzi Mngomezulu bonke ababakhelene eNanda. UChili ukhomba ngomunwe lezi zikhulu ezingenhla ngokuthi zenza umgunyathi nowaholela ekuthini kuhambe isinkwa sezingane zabo njengoba kwahamba imali yabo amabhasi ali-11 kanye namasheya enkampanini. Uthi kwenzeka konke nje lokhu kuhlelembelwa usomabhizini weNdiya uMnu uJay Singh ophethe iRamant Alton Land Bus Services kanye nenkampani yokwakha.
Ekhuluma lusizi uChili obebonakala ukuthi ushayekile uthe kwaguqulwa igama leThalente Lama-Afrika (Pty) Ltd. “Kuthe ngowezi-2003 uMnu uMahlalela wathi njengoba uHulumeni eseqhamuke nohlelo olusha lokufukula osomabhizinisi boHlanga kule mboni yezokuthutha sekuzofanele nathi sishintshe igama lenkampani yethu ukuze sikhiphele ngaphandle umnikazi wenkampani yomndeni wakwaDaas ebizwa ngeDaas Group Company ezinze eSiphingo enamabhasi abizwa ngeSouth Coast Bus Service (Pty) Ltd ahambela ogwini lwaKwaZulu-Natal. Le nkampani yakwaDaas sabe sinokusebenzisana nayo kwasize safika isisensimini. Nembala ngokulandela iseluleko sikaMahlalela saliguqula igama sabe sesibizwa ngeleTwo Line Trading 4 Bus Services (Pty) Limited,“ kusho uChili.
Ngalokhu uthi babengazi ukuthi kanti uMahlalela wabe ebawaka. “Kuthe sesiliguqulile igama saziqhelelanisa noDaas uMahlalele wabe esesilethela uMnu uDaniel Jagadason odume ngelikaJay Singh ethi kumele sisebenze naye waphinde wathi namabhasi ethu sekuzomele siwathenge kuJay Singh futhi kube nguye owalungisayo ukuwagcina esesimweni esifanele. Akugcinanga lapho ngoba uSingh yena uqhamuke esesilethela isihlobo sakhe esinguMnu uSurendera Singh ezothi naye kumele azoba namasheya enkampanini yethu,’’ kuqhuba uChili.
Echaza konke okwenzeka emuva kwalokho uChili uqhube wathi ozakwabo okunguShembe noMngomezulu babe sebeke bahlangana noSurendara Singh ngoba baqhamuke sebethi bona sebedayisela yena wonke amasheya abo.
“Bangincenga bethi nami kuzomele ngimdayisele uSerendara Singh awami amasheya. Ngenqaba ngoba ukudayisa ngenkampani yami engazisungulela yona, ngathola ngemuva kwesikhathi ukuthi uMngomezulu yena wayedayise ingxenye yamasheya akhe. Ngashaqeka nje manxa sengithola ukuthi uSurendera Singh usegijime ngemuva wayoshintsha i-akhawunti yethu yasebhange wase ezivulela eyakhe.” UChili uqhube wathi: “Akugcinanga lapho ngoba uphinde wathatha wonke amasheya ami kanye namabhasi ethu ali-11. Waphinde wasikhipha ngesidlozana nasedepho yethu esePhoenix. Lapha sakhiswha ngesankahlu emahhovisi abo ngabePentagon Security.”
IBAYEDE inayo incwadi yasebhange evumelana nalokhu okushiwo nguChili kokuguqulwa kwe-akhawunti. Sinayo nencwadi eyabhalwa nguMnu uJay Singh eyibhalela isisebenzi soMnyango uNks Shamina Essa. Kule ncwadi eyabhalwa mhla zingama-31 kuMasingana 2007, uMnyango wabe welulekwa ngezinguquko zasebhange.
UChili utshele iBAYEDE ukuthi kwalona leli gama elaguqulwa ngenxa kaMahlalela kalisekho ngoba uMnu uSurendera Singh wabe esenza “umgunyathi” waliguqula walibiza ngeBroad Market Trading 284 (Pty) Ltd. Kulokhu uChili wabe eseyovula icala lokukhwabanisa nathe kuze kube yimanje akakezwa ukuthi abomthetho babesebenzani. IBAYEDE inayo inombolo yecala elavulwa nguChili ngowezi-2012. Inombolo yecala ithi: 1453/7/2012.
“Sengihambe kwaguga izicathulo ngigqigqa ngicela usizo ngisho naseMnyangweni Wezokuthutha kodwa lutho ukuluthola,’’ kuzikhalela uChili.
IBAYEDE iphinde yakhuluma noMnu uShembe obengumlingani kaChili enkampanini ohambe emagameni kaChili wagxeka aboMnyango Wezokuthutha ngokuthi yibo abagcwele inkohlakalo.
“Lezi zikhulu zoMnyango zahlangana ngasese noSurendera Singh kwashintshwa i-akhawunti esasiyivule ngenkampani yethu iTwo Line 4 Bus Company wazivulelela eyakhe thina banikazi benkampani singazi,’’ kusho uShembe.
Odabeni lokuthengiswa kwamasheya abo uShembe ukuqinisekisile ukuthi yena noNgongoma bathengisa ingxenye yamasheya kuSurendera Singh.
“NguChili kuphela ongawadayisanga awakhe amasheya, kodwa naye akasatholi ngisho isenti ngoba uSurendera Singh ebambisene nezikhuku zoMnyango Wezokuthutha usuqhwage konke okungokwethu,’’ kuqhuba uMnu uShembe.
UShembe uqhube wathi basalungiselela ukumthathela zizinyathelo zomthetho uSurendare ngokhwabanisela ibhizinisi labo. “Kusamele izikhulu zoMnyango zichaze ukuthi zamvumela kanjani uSurendera ukuba ashintshe i-akhawunti yethu singavumanga thina banikazi benkampani. Thina ngokwazi kwethu sisengabanikazi benkampani iThalente Lama-Afrika, ngisho angazama kanjani uSurendera ukusixhopha ngeke aphumelele,’’ kusaqhuba yena.
Umthombo ongaphakathi enkampanini kaMnu uSurendera Singh upotshozele iBAYEDE ukuthi le nkampani uMnu uSurendera Singh useyishintshe igama wayibiza ngoBonisons Family Trust. “Yize eselishinthsile igama kodwa amapermit amabhasi asabiza iThalente Lama-Africa. Ngisho nemibhalo emizimbeni yamabhasini kusabhalwe igama elithi Two Line Trading 4 (Proprietary) Limited.”
Umthombo uphinde wahamba emagameni kaChili ngezinsolo zokuthi kugcwele umkhonyomvu eMnyangweni wezokuthutha. “Njalo ngemuva komhla we-15 okusuke kuwusuku uhulumeni akhokha ngalo imali yeSubsidy yokuxhasa abamabhasi, ngakusasa izikhulu zoMnyango zifika zelakanyana enkampanini kaSurendera Singh ziphume seziqiqinga nopulastiki’’ kuqhuba lo mthombo.
Omunye othintekayo kulolu daba yindodana kaMnu uSurendera Singh, uMnu uSandeep Singh.
Imizamo yokuthola uMnu uSurendara Singh ukuba aphawule ngezinsolo ezibhekiswe kuye ayiphumelelanga, kodwa uMnu uSandeep Singh oyindodana yakhe futhi osondelene nomholi ophezulu wezepolitiki esifundeni iTheku naye oqale walalela zonke izinsolo ezibhekiswe kubona uvele washaya ungqimphothwe wathi ngeke esaphawula.
“Ngicela ungithinte ngesinye isikhathi ngoba manje sengisemhlanganweni,’’ kusho uMnu uSandeep Singh ngaphambi kokuvala ucingo lwakhe.
Ngesikhathi uZul’azayithole evalela ekhoneni uMnu uGadla uvele washona ezintangeni ngokuvala ucingo lwakhe.
[divider style=”solid” top=”20″ bottom=”20″]
IBAYEDE iyaphikelela
Selokhu iBAYEDE yaqala ukubika ngalezi zindaba elaboHlanga selithole izikhalo ezivela nxazonke ngisho nasematekisini, nayilapho kuthiwa amanye amatekisi akuwona awaboHlanga kepha abanye bayizisebenzi nje zabanye abantu. Khona manjalo leli phephandaba selithole izincwadi zabameli abehlukene nabebesiyalela ukuba sime ngokuphenya nokubhala ngezindaba ezithinta ubunini bamabhasi nemizila kwaZulu-Natal. Ezinye izincwadi zabameli zikhuluma ngezindaba ezingakashicilelwa okwenza kusolise ukuthi lokhu okusashicilelwe yinto nje encane okukhulu okungaziwa. Nokho abaphathi beBAYEDE baqinisekise abasebenzi ukuthi bazoma kunoma yisiphi isithangami noma inkantoko bevikela ilungelo lokubhala iqiniso lodwa noma ngabe ngubani othintekayo. Isikhulu esiphezulu seBayede Publications uNks uMakhosi Msimango uthe: “Ngeshwa kuzo zonke izincwadi zabameli esizitholile akekho othi kukuphi lapho oZul’azayithole bephaphalaze khona noma besho okungelona iqiniso. Yikho singasiboni isidingo sokuthi sime nokuveza la maqiniso. Siyethemba ukuthi lokhu kuzoba yisibuko lapho bonke abantu noma izinhlaka ezithintekayo zizozibuka kuso, zilungise lapho konakele khona. Loyo ngumsebenzi wephephandaba,” kuphetha uNks uMsimango.
Uma unenkinga noma umbuzo ungasithumela umlayezo ku editor@ingabadimedia.com, noma ungashaya ucingo emahhovisi eBAYEDE ku 031 765 6662 noma 031 765 3302 ngezikhathi zomsebenzi.