Ngabe uMandela wasithengisela utalagu?
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/07/author-icon-02.png?fit=80%2C80&ssl=1)
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/05/d1.jpg?fit=1024%2C683&ssl=1)
Lokhu okwatshalwa nguMandela kuyagcugca abacindezelwa bakhunjuzwa ukuthi bangobani nokuthi babengobani kanti uHulumeni wenza adume ngakho
IGAMA elithi “Mandela“ lilunjaniswa emhlabeni wonke nokuthula nokubuyisana. Lokhu kungenxa yegalelo lale nsizwa yabaThembu hhayi kuphela kwezombangazwe eNingizimu Afrika kepha nasembusazweni njengoba wagcina esenguMengameli wezwe elikhululekileyo. Njengoba kuhlale kunjalo emlandweni wamazwe nowesintu nje jikelele, umlando uyazikhethela iqhawe lawo. Lona kuba ngumuntu oba phambi kwesizwe akhomoze inyathuko okumele ilandelwe kuleso simo esibhekene nesizwe. Laba ngabantu, abesilisa nabesifazane abahlonishwa ngumhlaba ngisho sebahamba emhlabeni. KumaNgisi iNkosi uGeorge V okwathi ngonyaka we-1921 yakhuluma inkulumo enohlonze ePhalamende lase-Ireland. Le nkulumo yaguqula ubudlelwane boMbuso wamaNgisi nobe-Ireland. Kuwo futhi amaNgisi kukhona abaholi abafana noWinston Churchill owabe enekhono lokukhuluma into esemizweni yamaNgisi ewafukula ngisho ephansi.
E-Afrika bakhona ababenjalo, lapha kungabalwa umholi waseGhana uMengameli uKwame Nkrumah, owaseTanzania uMengameli uJuilus Nyerere nabanye abaningi. UMandela ungena kulolu luhlu lwabaholi ngezinto angagcinanga ngokuzikhuluma kepha nalezo azenzayo. UMandela owaphuma ejele ngonyaka we-1990 wabe ehlukile kunaloyo owangena ejele ngeminyaka yawo-1960. Lo obesebuya ejele wayeyisishabasheki sokubuyisana phakathi kwezinhlanga ezakhele leli lengabadi. Lokhu uma sifunda umlando kuthiwa wabe ekwenza ngisho kwakungehli kahle kwabanye ngaphakathi nangaphandle kwenhlangano yakhe i-African National Congress (ANC).
Baningi abangaziqondanga izinkulumo zikaMandela zokubuyisana kuleli ngoba kubo inkululeko yayisho ukuthi aboHlanga bazothola ithuba lokuba bake baqhwakele okanye baziphindiselele kubacindezeli. Nokho uMandela yena wabe enomunye umqondo. Kusuka ekwakhiweni kukaHulumeni awabe ewuhola kuya ezinhlelweni zikaHulumeni uMandela wayengakufihlile ukuthi okwakhe ukuzohlanganisa zonke izinhlanga. Kwala ngisho nabo abacindezeli ayebacubuzela amagabade kwaboHlanga sebemuyisa ezinkantolo ngezinhlelo zakhe ‘zokuphoqa” ubunye akamanga ekwenzeni ayecabanga ukuthi kuyikho.
Akuyona imfihlo ukuthi iningi labacindezelwa belingakuzwa lokhu ayekukhuluma uMandela ngoba kubo ukuba noMengameli ongelona ibala labo kwakusho inhlekelele. Nokho kwathi uma kuhamba isikhathi kwabonakala ukuthi empeleni okwabe kushiwo nguMandela kwakunemiphumela emihle kubacindezeli ngoba kwakusho ukuthi bazolala ubuthongo kungekho muntu ode ebakhumbuza “ngezono” zabo. Nembala nanamuhla kunjalo, abacindezeli baphephe kakhulu ukudlula izikhathi zobandlululo. Abaningi kabakugwinyanga kahle lokho okwaba yizinqumo zomhlangano wokubonisana nokwazala umthethosisekelo lo esinawo
Inhlamba kuMandela
Kuyishwa ukuthi phezu kwemizamo kaMandela uhlangothi lwabacindezeli kanye nalabo abazuzayo ngezikhathi zobandlululo bayifela ngamathe imizamo kaMandela. Bheka nje ngoba lapha kuKhomishana Yamaqinisi akekho noyedwa kubo owake wathi “uyaxolisa”. Kunalokho abantu nezikhulu babeya nje lapha esithangamini ukuze bangaboshwa. Empeleni abagcina bexolisile yibo aboHlanga, nguNkk uWinnie Mandela owavalelwa ekhoneni ukuba avume ukuthi “kwenzeka iphutha” odabeni oluthinta uStompie Seipei.
Namuhla eminyakeni engamashumi amabili nanye leli lakhululeka, nokuwunyaka wesithathu ashona uMandela lokhu ayekutshalalile okwakuwumoya wobunye nokubuyisana kuyagcugca. AboHlanga nabaholi babo bakhunjuzwa indawo yabo, ukuthi bangobani noma bake baba ngobani. Muva nje sebeyizinkawu okuthe ukwehla kulokhu kwakuqala kokuba kuthiwe bayizindangala. Nalapha akekho oxolisayo kepha kukhona abachazayo ukuthi kungani kwenzeke “iphutha”. Okumangazayo lapha ukuthi manxa umuntu esexolisile ulindele ukuba axolise engasachazanga ukuthi kambe uxoliselani nokuthi bekwenzenjani.
UHulumeni wenza adume ngakho
Umbuzo uthi yini okumele kwenziwe ngalokhu nakhu aboHlanga bechukuluzwa. Yize impendulo ingeyodwa kepha okulindelekile wukuthi uHulumeni enze adume ngakho okuyimihlangano nemikhankaso lapho kusuke kuhlangene abantu abangaxabene babhunge udaba lwabantu abaxabene. Muva nje kukhona izinkulumo zemikhankaso ekanjalo okuthiwa akuphele ukucwasana. Akhona namahalanjonjo asebone imali. Okudumazayo wukuthi ekhaleni lalo mkhankaso uHulumeni wabacindezelwa nabacindezeli abanye bazihudula kuyiwa khona.
Akukho ukungabaza ukuthi lokhu uMandela ayekwenza kwabe kusuka enhliziweni. Akukho futhi ukungabaza ukuthi iningi labakwabo, aboHlanga, abacindezelwa basabela kulokhu aye kusho njengomholi. Nokho izinto ezenzeka mihla namalanga zingase zenze aboHlanga baqale ukubuza imibuzo emqoka. Bazobuza ukuthi engabe lokhu uMandela ayemathengisela khona, okuyizwe elibumbene nelinokubuyisana kuyinto engenzeka noma wutalagu nje.