Now Reading
Ukwentuleka kobulungiswa enkululekweni yezomnotho
Dark Light

Ukwentuleka kobulungiswa enkululekweni yezomnotho

Abantu abaningi basethukile ukubona ulaka nenzondo equbuke ngaphandle kokuhlokozwa, lapho uthola umuntu ebiza aboHlanga ngezinkawu.

EMVA kwalokho seziqubuke zaba ziningana izigameko lapho uzwa izinkulumo ezifuze lezi zobuhlanga. Kulezi zinkulumo kuyavela ukuthi kunolaka nenzondo efuna ukuphumela obala. Ithola intuba kwabambalwa abazithole bephahluka ezinkundleni ezithile. Kuyacaca ukuthi bakhona abangaphahluki kodwa abasethubeni lokwenza izenzo buthule. NgesiZulu sithi imbilapho ivuna isilonda. Kuyacaca ukuthi kunesilonda esingapholile esenza kube nale mbilapho, egcina ibuhlungu yedlule isilonda uqobo lwaso. Kunesilonda esidinga ukwelashwa.

Mhlawumbe ukuqubuka kwezinkulumo ezinjengalezi ziyindlela yokwexwayisa ukuthi akukuhle konke njengoba kubukeka. Mhlawumbe kube ‘kuhle’ ukuqubuka kwalezi zinkulumo ngoba kuveza obala izimo ezifihlekile iningi labesizwe abaphila phakathi kwazo eziningi zazo bazibekezelele ngoba zingavelile obala. Kwesinye isikhathi uma izinto zenzeka kuthulekile umuntu oveza ukungeneliseki ubukwa njengohlanya olususa uthuthuva. Izimo aboHlanga abazithola bebhekene nazo azichazeki zonke kalula ngoba kusuke kusavele ikhanda lenhlwa umzimba usemgodini. Uma kunjalo umuntu ofisa ukuletha usizo uyaye angazi ukuthi uma elapha isimo uzoqala kuphi, athatheni ayihlanganise nani. Lesi simo sokucwasa nokubukela phansi aboHlanga asigcini ngokubizwa ngesilwane kodwa kweminye imikhakha kubonakala ngezenzo.

Endimeni yomnotho busantuleka kakhulu ubulungiswa. Ngike ngabona imiphakathi ezizamelayo ukungena ensimini yomnotho ihlangabezana nezinkinga zokwakhiwa, yagcina icishe yaphelelwa ngamandla nethemba. Izinkampani ezehlukene, neminyango ethile kahulumeni iyaye isungule izinhlelo zokungenisa abesizwe enkundleni yomnotho. Izibonelo ezimbalwa zalokhu: Enye yezinkampani esebenza ukuthutha ngamaloli, yavula ithuba lapho aboHlanga benikwa amaloli bathuthe impahla kuleyo nkampani. Kulolu hlelo labo besizwe abanikwe lelo thuba kuyaye kufanele basebenze ngokuzinikela nokuzikhandla ukuze ekugcineni benze inzuzo. Kulolu hlelo basebenzisa leli loli abalithengelwe yinkampani njengabanikazi balo. Kuba nesivumelwano sokuthi bazoyibuyisa kanjani imali okuthengwe ngayo leli loli, ngokukhokha kancane kancane ngenyanga baze baqede leyo mali okuvunyelwene ngayo. Iningi labashayeli balithatha baligone leli thuba elingandele abaningi ngoba libanika indlela ecishe ibe lula yokuqala ukuba neloli, bangene embonini yezokuthutha.

Leli ngilibona njengethuba elihle kakhulu kumuntu osuke ezimisele ukungena enkundleni yezomnotho abe ngumnikazi wezinto eziphathekayo. Abantu-ke abayi nganxanye njengamanzi; kuyenzeka kube nedlanzana eliye lizibone ngokushesha selingo’basi’, liziqashele abashayeli balo. Iningi lalabo abenza kanjalo behluleka bengakafiki ndawo, ngoba basuke bengakazinzi emnothweni, bengakazenzi nezibalo ezingabenza baqashe abanye abantu. Kuye kube kuhle ukulinda uze uyazi kangcono inkundla odlala kuyo ngaphambi kokuba ushaye izitayela. Nasemnothweni kunjalo, umuntu kumele aqonde kahle ukuthi inkundla yomnotho imi kanjani, enze izibalo ngokwakhe, aze ayejwayele inkundla.

Yileyo naleyo nkundla inogalakajana bayo ongababuka ubethembe kanti bathi lala lulaza ‘sizokwengula.’ Kulolu hlobo lomnotho ogxile kwezokuthutha kunezinto eziningi ezenzeka khona. Angizukugxila kweziningi namhlanje, kodwa ngifisa ukuveza imibandela ethile abesizwe abazithola kumele bedlule kuyo ukuze baphumelele uma sebenikwe, sakuphiwa amaloli, sebengene enkundleni yezokuthutha. Indaba enkulu icasha emininingwaneni onikezwa leli loli ngaphansi kwayo. Ayifani enkampanini nenkampani enika abashayeli amathuba anjengalawa. Amanye awo angabukeka emahle njengawo wonke, kanti iminingwane ifihle lukhulu, oluzokwenza umshayeli onikwe leli thuba ehluleke engakafiki ndawo. Kungenzeka mhlawumbe ukuthi abanikazi benkampani ethile bangene kulolu hlelo nje benzela amehlo abantu, ukuze kube semlandweni ukuthi babanikeza aboHlanga amathuba okungena emnothweni wezokuthutha, kodwa bazihlulekela bona. Kulesi simo kuba nezigatshana ezithile okumele abashayeli-banikazi basebenze ngokulawulwa yizo, kuthi uma beke baphambuka, kube sebeyinyathele emsileni; bephucwe leli thuba. Esimweni esinjengalesi kusuke kungesibo bonke abaziyo ukuthi induku ithukuswe kuphi emqubeni, kuba yilowo oyedwa noma abambalwa abaqhuba izinhlelo zobuhlanga ngendlela ecashile. Lapha umshayeli-mnikazi uthatha adle ecabanga ukuthi udla uswidi kanti udla iphilisi elikhiphayo.

See Also

Kwesinye isimo kungenzeka kuthi sebenikezwa amaloli abashayeli kulotshwe phansi basayine ukuthi bazowabuyisa kuyona inkampani ahlolwe ngomakhenikha benkampani, emva kokuhamba ibanga elithile. Lokhu yinto enhle kakhulu ngoba iqinisekisa ukuthi iloli lihlala lisesimweni esihle, futhi liyanakekelwa. Kulolu hlelo kuyenzeka kwezinye izinkampani ukuthi abantu abazokhanda kumbe babheke lezi zimoto uma zibuya emva kwebanga elithile, kube ngabohlanga oluthile olwehlukile kwabesizwe abangabashayeli-banikazi bamaloli. Iningi lalabo makhenikha kungenzeka ukuthi ngenkathi aboHlanga bevulelwa ithuba abaphathekanga kahle. Babefisa nabo ukulithola ithuba elinje kodwa ngenxa yobuzwe babo bangaba sethubeni. Babe sebeba nohlelo lomshoshaphansi owakhelwe enzondweni yobuhlanga. Uma kunjalo, labo makhenikha benza itulo lokuthi bakhombe izici nezinkinga ezinkulu kula maloli uma ebuya, kube nesidingo sokuthi ahlale isikhashana engasebenzi kulindwe ukuthi aze alunge. Akulula ukuphikisa umakhenikha uma eseshilo waze wabhala phansi. Bakhona abathile abalinyazwe yizimo ezifuze lesi, okuthe bezimisele ukusebenza kodwa bazithola behlezi belindele umyalezo kumakhenikha ophethwe yinzondo yobuhlanga.

Ngiyazi ukuthi bakhona abawabone ngamehlo amathuba anjengalawa, kodwa kwathi ngenxa yempi yobuhlanga ecashile bazithola amathemba abo eshabalala. Kubalulekile ukuthi labo abavula amathuba okungenisa aboHlanga emnothweni babe nezinhlelo eziqinile zokubheka ukuthi kukuphi lapho inqola ibhajwa khona. Uma ngicabanga kusukela eminyakeni engaphezu kwamashumi amabili inkululeko yepolitiki sangena kuyo, ziningi izinhlelo eziqaliwe ngenhloso yokuthi aboHlanga bangene emnothweni. Ngithinte eyodwa namuhla kodwa ngiyazi ukuthi ziningi izinkampani ebezifisa ukuba kuthi kushaya lesi sikhathi zibe zibalwa neziningi ezifake aboHlanga enkundleni yomnotho.

Ezinye zalezi zinhlelo bezenziwa ngaphansi kwezinhlelo ezibizwa ngosenzangakhona (affirmative action). Inhloso yalolu hlelo beyiyinhle, kodwa ngenxa yomona nenzondo eyakhelwe phezu kobuhlanga nokucwasa, igcine ingayilethanga imiphumela ebeyingayiletha ukuba yenziwe ngokuyikho. Singalibeka icala kwabanye abantu, kodwa eminye imibuzo ingabhekiswa nakithi, njengokuthi: Uma sesilubekile uhlelo oluhle esifisa lusetshenziswe ukuletha inkululeko yezomnotho, silulandela kangakanani ngokwethu? Bangaki asebeke babekwa amacala okuthi baphambanise izinhlelo obekuhloswe ngazo ukuletha izinhlelo zomnotho kwaboHlanga. Kusobala ukuthi uma sizithola lezi zinhlelo akumele sijabule size sivaleke amehlo. Kumele sibe nakho ukuhlangana sibukisise imininingwane esiyithole ngaphansi kwalolo nalolo hlelo. Ngaleyo ndlela kungaba lula ukukhuluma ngezwi elilodwa elizwakalayo lapho singeneliseki khona. Ezimweni ezinjengalezi zamaloli umuntu uzithola ekhala ngayedwana, engazi ukuthi umakhelwane wakhe naye ulunywa yizintwala ezifanayo.

Scroll To Top