Now Reading
Kungabe wonke amabhizinisi azosizakala ngoxhaso?
Dark Light

Kungabe wonke amabhizinisi azosizakala ngoxhaso?

Lungene ukhuvethe kungalindele muntu. Kwaba sengathi yiphupho ukuthi abantu bonke baseNingizimu Afrika bazohlala lapho bekhona bangahambi ngokuthanda, kanti futhi amabhizinisi azovala kume nse yonke into. Ingqayizivele yoqobo engakaze ibonwe yizizukulwane eziphila kulesi sikhathi, ukuthi umhlaba ume wonke kunganyakazi lutho. Kuso leso sikhathi kwaba nezimemezelo zokuxhaswa kwamabhizinisi nguHulumeni ukuze angashayeki ngokwedlulele njengoba kumile ukuhweba. Kwaba nemigomo ebekwayo yokuthi iwaphi amabhizinisi azoxhaswa ngezindlela ezehlukene ezichazwa uHulumeni. Kwawehlisa amaphaphu kosomabhizinisi abaningi.

Seyiphelile inyanga nesikhathi esicishe sibe ngamasonto amabili saphuma lesi simemezelo, zafakwa izicelo zoxhaso. Kwakungalindelwe muntu lokhu. Uma kuqhamuka isimo esinjengalesi yilowo nalowo uzama ngayo yonke indlela ukumisa ibhizinisi lakhe lime ngomumo. Usomabhizinisi uyalilungisa ibhizinisi lakhe ukuze lilungele lolo lusizo olulungelene nalo. Labo abalungisa izinhlelo zokuxhasa amabhizinisi benza imigomo eqondile, okudingeka lowo odinga uxhaso alungise ibhizinisi lakhe lingene khaxa emigomweni. 

Uma abadobi bephonsa inethi emanzini basuke beqonde ukubamba izinhlanzi eziningi. Engikwaziyo ngenethi lokudoba liba nezimbobo eziyisilinganiso esithile ukuze kungabambeki nezinhlanzi ezincane ngobukhulu. Iningi lezinhlanzi ezincane ziyazihlungekela kusale ezinkulu enethini. Kungaba yishwa kumdobi uma udobo kumbe inethi libuye nezilwanyana eziningi abengaqondile ukuzidoba. Angikholwa wukuthi uxhaso olumenyezelwayo luyowanela wonke amabhizinisi aseNingizimu Afrika. 

Ngokwesimemezelo sikaHulumeni imali ebekelwe ukutakula amabhizinisi ebalelwa ezigidini ezingama-R500, izotholwa ngamabhizinisi afake izicelo, ngaphansi kwemigomo, eminye yawo okuwukuthi: 

  Inkampani kumele kube ibhalisiwe eNhlanganweni kaHulumeni ebhalisa izinkampani, okungenani zingama-28 kuNhlolanja kulo nyaka

  Kumele abanikazi benkampani kube yizakhamuzi zaseNingizimu Afrika

  Kumele inkampani ibe nezisebenzi ezidabuka eNingizimu Afrika

  Kuyolandelwa uhlelo lokucabangela kuqala izinkampani ezinabanikazi abangabesifazane, intsha noma abanokukhubazeka 

  Inkampani makube ibhalisile ngokusemthethweni futhi iyazigcina izimfanelo zeSARS neze-UIF 

  Kumele kube nobufakazi bokuthi inkampani kuyilimazile ukufika kokhuvethe, kanye nezinye izimfanelo esingabala kuzo isitatimende sezinyanga ezintathu zasebhange  

  Umbiko wokuphathwa kwemali omusha kunayo yonke yenkampani 

  Isitatimende esikhombisa uhlelo lokusebenza kwemali lwezinyanga eziyisithupha ezizayo. Neminye imininingwane esingenakuyiqeda lapha

Le mininingwane engenhla yayingakahlelwa ngesikhathi kuvalwa ukusebenza kwamabhizinisi. 

Kube nesikhashana kuhlelwa indlela okuzoxhaswa ngayo amabhizinisi nezidingo ezifunekayo kuwona. 

Ngaleso sikhathi amabhizinisi angekho ohlelweni oluhambisana nokhuvethe abevalile. Bese iqalile inyanga eyedlule kukhishwa iminingwane edingekayo emabhizinisini ukuze ahlomule kulolu xhaso. 

Ikomidi lezoHwebo Nezezimboni embikweni walo ophume zili-12 kuNhlaba, uveze ukuthi ngesikhathi izwe lisavalwe ngokwezinga lesihlanu kwatholwa izicelo zezincwadi ezigunyaza ukuqhubeka zihwebe eziphuma emabhizinisini ayizi-270 000. 

Lezi yizinkampani ezazifuna ukubalwa njengezisebenza ohlelweni oludingekayo ngesikhathi kulwiwa nokhuvethe. Njengoba sekwehlelwe ezingeni lesine isibalo sezicelo zamabhizinisi afuna ukuhweba ezingeni lesine sifinyelele ezi-440 000. Lesi simo sokhuvethe siphoqa lowo nalowo somabhizinisi azifune ukuthi ibhizinisi lakhe likuyiphi imboni futhi lingenza kanjani ukuthi libalwe nalawo ayisidingo ngesikhathi salesi sifo. 

Lapha kukhulunywa ngokuhweba nje kukodwa. Awukwazi ukuguqula imboni yakho ngenyanga eyodwa kube ngekhiqiza izinto ezidingeka ngesikhathi sokhuvethe. Yikho lokhu okwehlele imboni yokuhlela imicimbi, yazithola ime nse ngoba imicimbi ime nse ngalesi sikhathi. 

Ongqongqoshe kube nesidingo esiphuthumayo sokuba benze izinhlelo ezizohlomulisa bonke abathintekile emisebenzini yabo nasemabhizinisini abo. Ezinye zalezi zinhlelo bezisaphuma okokuqala ngokuphela kwenyanga njengalezo zokubhekela abezokungcebeleka.

See Also

Nginesiqiniseko sokuthi awamaningi amabhizinisi abemi ngomumo ngokwezimfanelo ezidingeka ukuze inkampani ithole uxhaso, ikakhulukazi asafufusa kanye nawaboHlanga abazihwebela ngabodwana. 

Ezintweni eziningi ezibalwe ngenhla ezidinga ukuqoqwa kumbe zifunwe ngumnikazi wenkampani, ezinye zazo azithathwa njengezidingongqangi ukuze ibhizinisi lisebenze lenze imali.

Njengoba kukhulunywa ngokunxeshezelwa kwamabhizinisi, anginasiqiniseko ukuthi imigomo ebekwe uHulumeni yehluke kangakanani phakathi kosomabhizinisi abasaqala nalabo asebemnkantshubomvu naphakathi kwabancane nabakhulu. 

Ngike ngezwa sengathi kunezikhalo zokuthi amabhizinisi ahlomula ngobuningi ohlelweni lukaHulumeni lokuxhasa osomabhizinisi ngawabezinye izinhlanga, okubalwa kuzo ikakhulukazi abamhlophe. Uma kuyiqiniso lokhu kubukeka kungase kuvuse imbiliso yobandlululo engakapheli embizeni okuvutshelwa kuyo. AboHlanga bangazibona beqhubeka nokubandlululwa kube sekuthiwa bakhululekile futhi baphethe. 

Kodwa ayikho into engenziwa uma kuqalwe kwavunyelwana ngemigomo nezimfanelo ezidingekayo ukuze kuxhaswe noma kunxeshezelwe abanikazi bezinkampani.  Uma umuntu esala enethini lokudoba kuyokusho ukuthi akalingani nezimbobo zenethi.

Uma kuyiqiniso kumele kesibheke ngakubo aboHlanga ukuthi banazo yini izimfanelo ezidingekayo ukuze usomabhizinisi athole uxhaso. 

Kumele singaqali ngokumemeza singakabi nalo iqiniso lokuthi aboHlanga bazifakile yini izicelo zoxhaso. Uma inethi likaHulumeni lizokuthi uma liqoqa izicelo zoxhaso zingabikhona ezaboHlanga ngeke zakhiwe zibe khona abanikazi bamabhizinisi bengazifakanga. 

Kubadobi, ikakhulukazi uma kungaboHlanga kuyokuba buhlungu uma bengazitholanga izicelo eziphuma kwaboHlanga ngoba kungasho ukuthi kuhlomula labo abami kahle ngezimfanelo. 

Iqiniso elingenakuguqulwa ngelokuthi uxhaso lunemithetho elawula ukuphuma kwemali.  Mhlawumbe isibonelo sokuqala engingasenza ngesokuthi uma siphuma isimemezelo sasiqonde kubo bonke osomabhizinisi singabandlululi, kodwa sidinga ukuba usomabhizinisi kube nguye osukumayo aye lapho kuhanjiswa khona izicelo zoxhaso.  Uma engasihambisanga isicelo soxhaso ngeke sibe khona phakathi kwezicelo uma sekuqoqwa sekuhlungwa izicelo ezifikile.

Scroll To Top