EyakwaDakw’udunuse: Aphikisayo abanga ukuthi ngubani oginge iNdlovu


Yize lokhu kwaziwa ngoLwezi 2015 zonke izinhlangothi ziphakama manje ngenxa yezizathu zepolitiki yamaqembu kanye neyokusebenza kwezinhlakazikahulumeni
UKUVELA kwezindaba zokuthi lowo onguMengameli wezwe, uMengameli uJacob Zuma uthi uzimisele ukuhlangabezana nezindleko odabeni oluthinta ukulungiswa kabusha komuzi wakhe kwaDakw’udunuse eNkandla, kwamukelwe ngezindlela ezingefani. Babodwa abathi uMengameli wenze ngakhona kanti abanye bathi usesindwe zinyawo ngoba vele amanzi asengene endlini. Okwenza kube nomuzwa wokuthi usesindwe zinyawo wukuthi igama kanjalo nelenhlangano yakhe i- African National Congress (ANC) selimanaphanapha ngalolu daba. Ukukhuluma kwaqala ngesikhathi kuphuma umbiko woMvikeli woMphakathi owaziwa ngokuthi yiSecure in Comfort nowabe ungamakhasi angama-447. Lo mbiko waphakamisa ukuthi uMengameli kakhokhe okuthile, kakhulukazi okwabe kungeyona ingxenye yezokuphepha. Kusuka lapho kube khona ukuphikisana kumaqembu aphikisayo nelibusayo ekuthini ngabe kumele lesi siphakamiso sihlonishwe. Naye uMengameli qobo ubengayizwa kahle eyokukhokha. Lokhu kungaboni ngaso linye kuye kwehlukanisa phakathi amalungu ePhalamende ayeyingxenye yamaKomiti ayebekelwe ukubheka lolu daba. Lapha amalungu e-ANC ayephebeza kwasani eyabe inokukhuluma okuthi uMengameli kumele akhokhe. Kanti ngakolunye uhlangothi amaqembu aphikisayo ayeholwa yi-Economc Freedom Fighters (EFF) kanye neDemocratic Alliance (DA) ayedudula eyokuba kukhokhwe imali.
Amalungu e-EFF ePhalamende aze aqhamukananomkhankaso owasabalala izwe lonke owabe uthi #Paybackthemoney. Lomkhankaso kawugcinanga ngokuphoxa uMengameli nenhlangano yakhe kepha kwabanye wehlisa isithunzi sePhalamende ngenxa yomsindo nokukhishwa ngoshova nangamaphoyisa kwamalungu e-EFF ngenxa “yokuziphatha” kwawo. Khona manjalo izinkantolo kwaba yikhaya lesibili lamaqembu ngenxa yokungenaephuma ngalo lolu daba nezehlakalo ezenzeka ePhalamende.
Ukuphuma kwabezindaba zokuthi uMsholozi uthi akuxoxwe kwenzeke ngesikhathi kusele izinsuku ezimbalwa kube nokulalelwa kwalolu daba eNkantolo yoMthethoSisekelo. Lokhu kulandela isicelo esafakwa ngabe-EFF neDA. Yize sekunemixhantela kulokho okusezithebeni zenkantolo ngoba sekukhulunywa ngamandla ehhovisi loMvikeli woMphakathi njengehhovisi eligunyazwe ngumthetho sisekelo, yonke inkulumo izungeza ekutheni uMengameli enze njengokuyalela kwezincomo zoMvikeli woMphakathi. Okuvelayo wukuthi yize lesi siphakamiso siphume kwabezindaba kuleli sonto empeleni safinyelela kuzo zonke izinhlangothi ngenyanga kaLwezi 2015, abeDA, EFF nehhovisi loMvikeli woMphakathi kabaphendulanga ngalesisi siphakamiso sikaMengameli kuze kube yimanje. Lokhu kungahumusheka ngezindlela ezahlukene. Kukhona kuhlanganisa amaqembu aphikisayo nabahlaziyi abasola uMengameli “ngokudlala umdlalo wepolitiki” ngalolu daba ngoba sekusondele ukhetho lohulumeni bezindawo. Khona lapho bathi uMengameli uphunga izimpukane nakhu sekuzovulwa iPhalamende ngesonto elizayo, isenzo sakhe sincisha ithuba amaqembu aphikisayo, kakhulu i-EFF ukuba iqhube umkhankaso wayo nakulonyaka. Kulaba isenzo sikaMengameli kasivikeli nje yena kuphela kepha neqembu lakhe. Kepha ngakolunye uhlangothi kukhona abathi isenzo se-EFF neDA siveza ngokusobala ukuthi lolu daba kubo bese liwumdlalo wepolitiki ababefisa ukuba uqhubeke isikhathi eside ukuze bakwazi ukukhedamisa iqembu elibusayo kanye naye uMengameli uqobo. Ngokwalaba isenzo sikaMengameli senze “ kwaphela umdlalo”. Naye okaMandosela kabamshiyi ngaphandle ngoba kunembuzo ukuthi ube esethulelani ukungawazisi umphakathi njengoba ehlale enza manxa kukhona isiphakamiso esinjengalesi.
Ukuncintisana kweDA ne-EFF
Yize amaqembu aphikisayo endawonye kulolu daba okucace bha kulelisonto wukuncintisana kweDA ne-EFF ngalolu daba ngoba womabili alwela ukuba izakhamuzi kanye nomhlaba bazi ukuthi ngubani oginge indlovu, owenze uMengameli wagoba uphondo. Lokhu kubonakale kakhulu ngesikhathi emuva nje kokuthi abe-EFF bethe ngoMsombuluko bazobiza isithangami sabezindaba babeke ilaka labo ngesiphakamiso sikaMengameli, iDA ibe isibiza esayo kuqala ngoLwesithathu nayilapho ilimise ngembaba elokuthi ngeke livume ukuba loludaba lukhulunywe ngaphandle kwenkantolo, nokuyikuthi kabasamukeli isiphakamiso sikaMengameli. Ngokomthetho lokhu kokungasamukeli isiphakamiso kakusho lutho ngoba inkantolo ingakwamukela njengesethulo ithathe isinqumo kuso kepha kumqoka kula maqembu ngoba kusho ukuthi bangaqhubeka bakhulume ngodaba. Okunye okucacayo wukuthi iDA izibona seyisala ngemuva kulolu daba njengoba iEFF okuyiqembu elisha nelincane ngesibalo osekuyilo ubuso bomkhankaso wokuthi uMengameli akakhokhe imali. Yiyo futhi i-EFF eyaya kuqala enkantolo yomthethosisekelo isebenzisa isahluko 167 (4) (e) soMthetho Sisekelo, esithi le Nkantolo inganquma ukuthi “iPhalamende noma uMengameli wehlulekile ukwenza lokho okungumsebenzi wakhe ngokomthetho sisekelo”. Womabili la maqembu kubukeka evumelana ngokuthi uZuma makakhokhe kepha abafisi ukuba umhlaba ungazi ukuthi ngubani kubo oginge indlovu ngoba lokho kungase kwenze abavoti bamkomelise ngophaphe legwalagwala ngosuku lokuvota kusuka kulo lolu oluzayo.
Kungekudala iNkantolo yomthethosisekelo izonquma ngaloludaba, wedlule nokhetho kepha isibazi umbusazwe, kanye naleli zwe elinaso siyohlale siyisikhumbuzo eqenjini elibusayo ukuthi kokunye ukusuka muva kwipolitiki kusho into efanayo nasesiZulwini, ukuthi abenza njalo bakholwa yizagila.