Now Reading
Ibhizinisi alicelwa kodwa liyasungulwa
Dark Light

Ibhizinisi alicelwa kodwa liyasungulwa

Ngangixoxa nabantu ababezothekela ulwazi lwebhizinisi. Ngabuza ngamunye ukuthi bafuna ukungena kuluphi uhlobo lwebhizinisi, abaningi babo baphendula ngokuthi bafuna ukuqala ibhizinisi lamathenda.

EKUQALENI ngangingaqondi kahle ngicabanga ukuthi basho ibhizinisi lokuqashisa kumbe ukwakha amatende. Kwathi lapho bengicacisela khona ukuthi baqonde ukuthini kwakhanya kimi ukuthi kusenomsebenzi wokwazisa abantu ukuthi ithenda akusilo ibhizinisi. Ngifisa kesiyibuke le ndaba, ngoba ngiyazi kunezigwili namuhla ezakhiwe ngamathenda, kunemizi eyondliwa ngemali yamathenda. Pho ngiqonde ukuthini uma ngithi ithenda akusilo ibhizinisi? Kwenziwe imisebenzi eminingi kwakhiwa ingqalasizinda kwathuthukiswa izindawo eziningi ngamathenda. Kanti yini ithenda?

Lisho ukuthini leli gama elithi, ithenda? Lisuselwa kwelesiNgisi elithi, tender. Leli gama lichaza ukufaka isicelo. Isibonelo salokhu ukufaka isicelo sokuxolelwa, lapho kuthiwa, tender an apology. Lesi sicelo singavunywa kumbe siphikwe. Le thenda esikhuluma ngayo, yigama eselamukelwa njengesicelo sokwenza umsebenzi othile, bese ukhokhelwa uma sewuwenzile. Kanjalo uma ufaka isicelo sokwenza umsebenzi usuke ulindele ukuba siphumelele kumbe singaphumeleli. Kungakho-ke ngithi awukwazi ukuba nebhizinisi lokufakela amathenda. Kulaba bantu engangikhuluma nabo kwakunomcabango wokuthi kunebhizinisi lokufakela amathenda elingama, lihlale liphilile nje ngamathenda kuphela. Kuhle ngikucacise ukuthi uma wenza isicelo sokwenza umsebenzi usuke ufuna umsebenzi okwaziyo ukuwenza, futhi usuke ungezufaka isicelo wedwa.

Uma ngibukela nje ngingaphandle kuye kungifikele ukuthi ukufakela ithenda kucishe kufane nokudlala ilotto, lapho ufaka izinombolo wethembe ukuthi uzowina. Uma izinombolo zihlangane zaqondana kahle zonke usuke sewuwinile ngokwelotto. Kanjalo uma uthe uma wenza ithenda walandela yonke imininingwane ebekiwe usuke sewuzibeke ethubeni lokuwuthola lo msebenzi owucelayo. Abanye baze bathi ‘ngiwine ithenda’. Ayiwinwa ithenda! Angiqondile lapha ukuthi ithenda libi, kodwa ngithi nje akulona ibhizinisi. Alikho ibhizinisi lethenda. Kumele ngisheshe ngiyicacise le ndaba ngaphambi kokuba kuthiwe angiwagwinye amagama ami. Umehluko usekutheni uma ufakela ithenda kudingeka ube nalo ulwazi lomsebenzi nezidingo zawo ukuze ube sethubeni.

Ukucacisa lokhu engikusho ngenhla ngizokwenza izibonelo: Ukuze ukwazi ukwenza umsebenzi kudingeka ukuba ube nolwazi lwawo. Uma ithenda kungeyokwakha kudingeka izitifiketi ezithile, kumele lowo ofakela umsebenzi aphelelise zonke izimfanelo ezidingeka kulowo msebenzi. Kubedukisile abantu abaningi ukuvuleka kwamathuba amathenda ngoba kube sengathi uvele unikwe ithenda noma ungawazi umsebenzi. Kumele ube nebhizinisi lokwakha, elisebenza umsebenzi wokwakha. Lo msebenzi kuhle kube wumsebenzi omile ongancike ndawo. Kuyaye kuthi uma kuvela isikhangiso somsebenzi odinga ukwenziwa babe bekulungele ukungenela bafake isicelo sokwenza umsebenzi. Kwesinye isikhathi kukhangiswa ngomsebenzi odinga izinkampani ezikhiqiza imikhiqizo ethile. Lapha kusuke kudingeka izinkampani ezivele zikulowo mkhakha webhizinisi. Akukhona ukuhlakanipha ukuba uthi usebhizinisini elidayisa amakhekhe unele ubone isikhangiso sokuthengisa insimbi bese usifakela, ube ungenalo ulwazi lwemboni yensimbi.

Akukuhle futhi akuvamile ukuletha impumelelo ukubona isikhangiso bese usingenela ube ungenalo ibhizinisi elenza lowo msebenzi futhi ungenalo ulwazi lokwenza umsebenzi ofaka isicelo sokuwenza. Uma kwenzekile wawuthola lowo msebenzi ube ungenalo ulwazi lwawo, kuyenzeka kube nezinkinga kwikhwalithi yalowo msebenzi. Kungenzeka kube nabangiphikisayo kulokhu engikushoyo, kodwa iqiniso lithi ungayithola imali kodwa lokho akusho ukuthi unalo ulwazi lwalelo bhizinisi. Lokho akukwenzi ube kulelo bhizinisi isikhathi eside. Ucishe ufane nomuntu owine ilotto, oba nesizumbulu semali kodwa engenawo amasu okuyigcina. Baningi abangene kulolu hlobo lwesimo bazitholela amathenda ngobungani noma ngenye indlela kodwa bebe bengawazi lowo msebenzi.

Ukufaka isicelo sokwenza umsebenzi ongenalwazi lwawo kunomthelela othile ongemuhle ekwakhiweni komnotho. Okokuqala nje kuyaye kuholele esimweni sokubiza imali engaphansi kwezindleko zokwenza umsebenzi. Uyaye uwuthole umsebenzi ngoba ubize inani eliphansi kunabanye, kodwa kuphele imali umsebenzi ungakapheli. Labo abakunikeze umsebenzi baye baphoqeke kwesinye isikhathi ukuthi bathole omunye umuntu onolwazi lwalowo msebenzi awuqedele, kwakheke ezinye izindleko ebezingenasidingo. Igama lakho liyonakala ubukwe njengomuntu ongeke athenjwe ukuthi angenza eminye imisebenzi. Kuleso sikhathi usuke ungasenawo umsebenzi futhi ungenayo imali.

See Also

Okwesibili okuyaye kwenzeke uma ufakela ithenda lomsebenzi ongenalwazi lwawo wukuba uqashe abantu abanolwazi lwawo ukuba bawenze, kuthi ekugcineni wena usale ungenamali. Kunendoda engakhula ngixoxelwa ngayo eyayithenga ihlathi likawatela, ithembise ukulikhokhela uma seyiqede umsebenzi; bese iqasha abantu abaningi abazonquma imithi bayenze ilungele ukuyiswa emshinini. Uma seyilungele ukuhamba imithi yayiqasha iloli nomshayeli abazothutha izingodo ziye emshinini. Uma seyikhokhelwa ngabanikazi bomshini yayikhokhela bonke abenze umsebenzi, kusukela kumnikazi wehlathi, kuya kumnikazi weloli nomshayeli. Isikhathi esiningi yona yayigcina ingasali nalutho, kwesinye isikhahi isale inesikweletu. Baningi abagcina esimweni esinje bebe bewutholile umsebenzi kodwa bengenalo ulwazi lwawo kumbe izinsiza zokuwenza. Okungenani kuhle ube nayo iloli okungeyakho, ishayelwe nguwe, ukuze kunciphe izindleko zokuqasha ngisho amathuluzi. Kuyingozi kakhulu kuwe ukuthatha umsebenzi ongawazi futhi ongawulungele.

Okwesithathu futhi okubalulekile ngomuntu othola umsebenzi angenalwazi lwawo, kuyaye kuholele kule nto okuthiwa yifronting. Kuyiqiniso ukuthi kunemithetho elawula ukunikezwa kwemisebenzi ngethenda. Eminye yale migomo igcizelela ukuthi kunikezwe aboHlanga ithuba kunalabo abangondlebezikhanyilanga. Lokhu kwenzelwa ukuvala igebe elakhiwe yisimo sobandlululo, lapho aboHlanga bebengabalwa njengabantu abanolwazi lokwenza imisebenzi emihle futhi enemali. Ngenxa yokuthi sekunemithetho eyenza kungabi lula, ikakhulukazi kondlebezikhanyilanga ukuthola imisebenzi, bayaye balinde laba abathola imisebenzi, kwesinye isikhathi babalekelele ngokugcwalisa imininingwane yethenda. Kuthi uma esewutholile umsebenzi owesizwe, awuthathe njengoba unjalo awedlulisele kundlebezikhanyilanga ukuba alawule ukwenziwa kwawo. Lokhu akwehlukene nokudayisa ngobuzwe noma ngobuzibulo bakho. Kuyasehlisa isithunzi saboHlanga ukuba nabantu abayilolu hlobo, abenza noma yikuphi inqobo nje uma bezothola imali ekugcineni. Lapha kulesi simo umnikazi wethenda uthola imvuthuluka esale etafuleni sekukhokhelwe konke. Lona owenza umsebenzi ulawula konke, asebenzise imishini yakhe, abale imali, asebenzise isikhathi sakhe nolwazi lwakhe abale imali. Sekunemithetho eshayiwe evimbela ifronting. Ngamanye amazwi owoHlanga uvela ngaphambili aveze ubuso kodwa isandla esamukela umnotho yileso asifihlile.

Kuyadinga ukuba sihlolisise ukuthi sithola ulwazi ngemikhakha esithanda ukungena kuyo, futhi sizigweme izinto ezehlisa isithunzi sethu abanye besebenza nzima bekhuphula ukuhlonipheka kwethu. Isisekelo somnotho akusilo ithenda kodwa wuhlobo oluthile lwebhizinisi oluzokubeka ethubeni lokufaka ithenda emkhakheni onolwazi nesisekelo kuwo. Ezinye izinto zithi zizinhle, zinezinhloso ezinhle zoniwe ngabantu bese zivela sengathi zimbi kube sengathi zazingacatshangwanga kahle. Ithenda yinto enhle eyayisunguleke ngezinhloso ezinhle futhi okungelula ukuyiqeda ngoba yenza umsebenzi wenziwe wumuntu owaziyo futhi awuqede ngesikhathi esinqunyiwe. Ngendlela ehlelwe ngayo abakhipha ithenda baba sethubeni lokuthola usomabhizinisi okwaziyo ukwenza umsebenzi abize inani eliphansi uma eqhathaniswa nabanye. Kuhle siqale ngokusungula ibhizinisi emkhakheni othile bese sibheka imisebenzi ngokwemikhakha yebhizinisi lethu.

  • UMnu uLindani Dhlomo unguMphathi kuSmall Enterprise Development Agency (Seda) KwaZulu-Natal.
Scroll To Top