Bayabonga aboHlanga ngempilo kaMama uLauretta Ngcobo
Inkulumo yesilungu ethi ngale kowesilisa ophumelelayo kukhona owesifazane iba yiqiniso uma ufunda umlando wabantu besifazane ababekhathula indima emqoka emzabalazweni wakuleli
LO mlando uhlelwe encwadini esihloko sithi Prodigal Daughters nguLauretta Ngcobo ongasekho. Lesi sishoshovu somzabalazo wabesifazene kanye nabantu baseNingizimu Afrika kanye nombhali ohlonishwayo osedlulele kwelamathongo sineminyaka engama-84. Yize ukwedlula kwakhe kungabanga yindaba enkulu njengoba kuke kwenzeke kwabanye, iqiniso lithi leli lizwe lilahlekelwe, futhi kungekudala leli nxeba lizozwakala ngoba ukuwa kwale nsika kusho ukuphela komlando ojulile womzabalazo.
Nokho abakwabo, ekhaya nasemzabalazweni bayokhala bazithulise, bazithobe amanxeba ngale ncwadi asishiye nayo neyinqabakutholwa. Le ncwadi, iProdigal Daughters ixoxa umlando ngabesifazane bakuleli ababesekhaleni lempi yomzabalazo. Okumqoka ngayo wukuthi yakuveza ukuthi laba besifazane babengezona izindibi zabayeni babo kepha nabo ngokwabo babeyingxenye yomzabalazo. Lokhu kulungisa iphutha elenziwa ngababhali ngomzabalazo wakuleli lapho beveza khona isithombe sokuthi ngamadoda wodwa ayekule mpi eyaguqisa isikhondlakhondla okwakuwumbuso wobandlululo.
Ngobuchule obumangalisayo kule ncwadi uMama uLauretta Ngcobo uveza ikhasi elimqoka emzabalazweni wethu sonke. Phakathi kwabesifazane incwadi ekhuluma ngabo (abazibhalele bona umlando wabo wasekudingisweni) kukhona: uBrigalia Hlophe Bam, uBarbara Bell, uNomvo Booi, uRuth Carneson, uBusi Chaane, uCarmel Chetty, uMathabo Kunene, uBaleka Mbete, uNomusa Judith Mkhwanazi, uGonda Perez, u-Ellen Pheko, uLiepollo Pheko, uMohau Pheko, uRajes Pillay, u-Elizabeth Trew kanye no-Ann Marie Wolpe.
Le ngqalabutho yazalwa ngonyaka we-1931 endaweni yaseCabazi, eXobho. Wayegane uMnu u-A.B. Ngcobo owayengomunye wabaholi ababumba inhlangano iPan Africanist Congress of Azania ngonyaka we-1959. Empilweni yakhe yasekudingisweni uhlale emazweni ehlukene kubalwa eSwazini, eZambia kanye naseNgilande. Ungumbhali wezincwadi ohlonishwayo, ezinye zalezi zincwadi kwaba ngethi: Cross of Gold (1981) ekhuluma ngalokho okwenzeka eSharpeville ngonyaka we-1960 kanye ne-And They Didnt Die (1990) nekhuluma ngosizi lwabesifazane abamnyama ababesebenza ngaphansi kwezimo ezilukhuni. Ubhale nencwadi yezingane ethi: Fiki Learns to Like Other People (1994). Uklonyeliswe ngendondo ye-Order of Inkamanga nguHulumeni waseNingizimu Afrika ngonyaka wezi-2008.
Njengephephandaba siyaziqhenya ngoMama uNgcobo nabo bonke abesifazane, esibaziyo nesingabaziyo ababeyingxenye yomzabalazo wethu sonke. Lala uphumule Qadi, aboHlanga bohlale beziqhenya ngawe nangomnikelo wakho.