Now Reading
Lingase ligide isibili kweZimnyama
Dark Light

Lingase ligide isibili kweZimnyama

Njengoba i-Orlando Pirates isethubeni lokuqopha umlando ngokunqoba indebe yeCAF Confederations Cup, laba badlali bowezi-2015 bazobe belandela ezinyathelweni zezinkakha ezaqopha owazo umlando ngowezi-1995.

IPIRATES izothuthana ne-Etoile du Sahel yaseTunisia emlenzeni wokuqala e-Orlando Stadium kusasa ngelesi-8 ebusuku.

Umlenze wesibili ubekelwe umhla zingama-29 wale nyanga eSousse. Nanamuhla awuvalwa umlomo ngobuchule obakhonjiswa “Amaqhawe owe-1995” adlula ebunzimeni obukhulu ebuya nendebe yeCAF Champions League.

Lezi zingwazi zehlula izethenjwa zase-Ivory Coast, i-Asec Mimosa, ezayisobozela esibayeni sayo e-Abidjan. Ngemuva kokudlala ngokulingana ngamabili nxa zombili emlenzeni wokuqala eFNB Stadium eGoli. Izingqapheli sezibeke ngembaba ukuthi kwasekubhedile kweZimnyama emlenzeni wokuqala.

Kodwa phinde njengoba isibindi nokuzethemba kwabadlali abanjengo-William Okpara, Gavin Lane, Mark Fish, Vincent Sokhela no-Jerry Sikhosana kwaqulekisa abanye babalandeli be-Mimosa ababembathise inkundla imibala ephuzi. Igoli likaSikhosana lenza eZimnyama zedlule ngama-3 kwama-2 sekuhlanganiswe awemilenze yomibili.

Kuze kube imanje iPirates ilona qembu kuphela eliseNingizimu ne-Afrika elanqoba le ndebe enkulukazi yeCAF. Nakulokhu “igenge” yamaBhakabhaka ifuna ukuqopha owayo umlando ngokufaka ekhabetheni le ndebe. Ozonqoba uzozuza u-R625 000.

IBAYEDE inqume ukubikela abafundi bayo ukuthi “Amaqhawe owe-1995” akuphi futhi enzani njengamanje empilweni.

  • uWilliams Okpara

Leli “kati” likanozinti waseNigeria lafika ngowe-1993 futhi layidlala yonke imidlalo yeChampions League.  Isibindi sakhe sokuphuma exhimfa amabhola ayingozi kundiza amakhokho ekhanda lakhe kwamenza waba isithandwa kubalandeli beBhakabhaka. Njengamanje uyimeneja yamaBhakabhaka.

  • uLucky Shiburi

Leli sekela lika-Okpara laqopha umlando walo wodwa ngokunqoba izindebe ezintathu, eyeligi ngowe-1994, eyeChampions League ngowe-1995 neye-African Super Cup ngowe-1996 kodwa lingakaze lidlale nowodwa umdlalo ngenxa yokuthi u-Okpara wayengafuni nejezi. Njengamanje uqeqesha onozinti kuBafana Bafana

  • uBernard Lushozi

U-“Shoes” wayedume ngokuhlaba kanti wangena sekuyophela umdlalo. Wadlala indawo angakaze ayidlale , esiswini, ukuyovimba zingakafiki emuva i-Asec, isithelwe ngezibonkolo. Unguthishanhloko e-Albertina Sisulu Centre, okuyisikole sabangadalwanga baba nengqondo esheshayo njengabanye.

  • uGavin Lane

U‘Stability Unity’ sasingafuni muntu owedlulayo emuva lesi siqongqwane njengoba sasikhukhula kwasani. Ukukwazi ukusebenzisa kahle ikhanda kwasiza ngamagoli abalulekile ekuhambeni nasekhaya. Njengamanje uyicontract manager enkampanini elungisa izinto kwaGordon Verhoef & Krause.

  • uMark Fish

Yize emncane kodwa isipiliyoni sokudlala e-Afrika asithola esagijima kuJomo Cosmos eyayidlala iCAF Cup Winners Cup ngowe-1993, kwayisiza kakhulu iPirates. Ngemuva kokudlala isikhathi eside kuBafana naphesheya e-Italy nase-England, uFish useziphilisa ngokuba inxusa lezinkampani ezinhlonhlobo zemidlalo.

  • uPhiri Tsotetsi

Lo mdlali owayeyibamba kwesokudla emuva wayeka ibhola ngemuva kokwephuka umlenze esedlala kuMaZulu ngowe-1999. Njengamanje ungusupervisor enkampanini yasezimayini eNew Vaal Colliery eVereeniging eGauteng.

  • u-Oupa Mabuza

Kwakungedluli muntu emuva uma ekhona owayedlala ngokuzwana no-Edward Motale. U “21 Jump Street” sewaxhwala ngemuva kwengozi yemoto enyantisayo

  • uMandla Zwane

Lo mdlali owayeyibamba ngenxele esiswini wadlala kancane njengoba angena sewuyophela kubhekenwe ne -Eleven Men in Flight yaseSwaziland.  Usebuya naphesheya kuFC Porto lapho uJose Mourinho, owayesathuthuka, wayengumsizi wenkakha uSir Bobby Robson. Ungumhlaziyi webhola ku-Etv.

  • uEdward Motale

U“Magents” nguye owaphakamisa indebe njengoba wayengukaputeni wosuku e-Abidjan njengoba u-Innocent Mncwango wayengekho ngenxa yekhadi elibomvu alithola emlenzeni wokuqala. Ungumhlaziyi webhola kwaSABC.

  • uVincent Sokhela

Wadlala kancane, kodwa kwaba umdlalo obalulekile njengoba wangena endaweni kamkhaya wakhe waseVryheid eMondlo, uMncwango, wayibamba kwathula umoya esiswini. Usebenza emazingeni aphansi okuqeqesha ngakwakhe eLadysmith.

  • uJohn Moeti

U“Dunga” wayenomfutho nobuhlakani obuyisimanga yize ayemfishane. Uke wasebenza enyunyaneni yabadlali iSA Football Players’ Union ngaphambi kokunyamalala emehlweni abantu.

  • uErnest Makhanya

Le nsephe eyayinenxele elihloliwe yadlala kancane njengoba yayisihambile iminyaka. U“Botsotso” wedlule emhlabeni ngowezi-2011 ngemuva kokuxinwa ukugula izinyanga ezimbili.

  • uTebogo Moloi

Lesi sithandwa sabalandeli sadlala kowe-Eleven Men in Flight yase-Uganda neBCC Lions yaseNigeria ngaphambi kokuthathwa i-Once Caldas yaseColombia. Uyise, uChippa Moloi,  wayegijima kuzona eziMnyama, futhi enobuchule obumangalisayo. Njengamanje u”Tebza” uyisekelamqeqeshi u-Erick Tinkler.

  • uDumisa Ngobe

U“Sphithiphithi” wayedume ngokunyakaza esiswini abese ethumela izinguzunga zamabhola emapalini kuvalwe amehlo. Wadlala kuquarter final, kusemi final nomlenze wokuqala wamanqamu. Usebenza ebholeni lamazinga aphansi ngakubo eMpumalanga.

See Also

  •   u-Innocent Mncwango

Waphuthelwa ithuba lokuqubula indebe njengoba athola ikhadi elibomvu emlenzeni wokuqala eFNB Stadium. Njengamanje ungujele.

  • uHelman Mkhalele

Lesi siphekephe somdlali safika nesipiliyoni sase-Afrika njengoba wayesuka kuCosmos. U “Midnight Express” udlale kakhulu kuBafana Bafana wawelela naseTurkey. Njengamanje usebenza njengomgqugquzeli enkampanini iKBC Health and Safety eseRoodepoort.  Washaya igoli emlenzeni wokuqala

  • uBrendon Silent

U“Sgqebhezana” wayethandwa abalandeli ngenxa yokungakhathali enkundleni yize emfishane. Nanamhlanje igoli alishaya kudlalwa neMbilinga lisabatshazwa. Njengamanje uhola isikhungo sebhola i-Impala yangakubo eNorth West.

  • uMarc Batchelor

Lo mgadli wayemuhle ngekhanda futhi abuye asize uma sekuvinjwa izitha ezihlasela ngamabhola ahamba emoyeni. Unebhizinisi lendawo yokulolonga umzimba eGoli.

  • uJerry Sikhosana

U“Legs of Thunder” nanamhlanje uyazondwa e-Ivory Coast ngesibhicongo asenzayo. Ubuhlakani bakhe eqhatha izitobha ezimbili ze-Asec wapulukutshela wathatha ibhola wedlula kunozinti walikhalakathisela enethini kwaduma cishe iNingizimu Afrika yonke, kwaba muncu e-Abidjan. Ungumqeqeshi weTornado FC edlala ku-ABC Motsepe futhi ungumhlaziyi kuSuperSport.

  • uBruce Ramokadi

Le ndodana yenkakha kanozinti weKaizer Chiefs uJoseph “Banks” Sethlodi yayisencane ngesikhathi kugilwa izimanga e-Abidjan. Wayekhuliswa uSikhosana, uBatchelor noMarks Maponyane. Nokho wakhombisa ubudoda eshaya igoli kunqotshwa i-African Super Cup ngowe-1996. Njengamanje usebenza eMnyangweni Wezemidlalo kuhulumeni waseGoli.

  • uMarks Maponyane

U“Go Man Go” wayevela kuDynamos lapho abantu abaningi babecabanga ukuthi sekuphelile ngaye. Washaya amagoli amabili asiza kakhulu ekufikeni kowamanqamu. Njengamanje uyintatheli yeSABC kwezemidlalo kanti ubuye aqashwe izinkampani ukuphatha izinhlelo zemicimbi nokwethula izinkulumo zokweluleka.

ABAQEQESHI

UJoe Frickleton noRonald Mkhandawire

UJoe Frickleton wayethathe izintambo kuMike Makaab maphakathi nemidlalo yeChampions League. Wahlala ebhentshini emlenzeni wokuqala. Ngenxa yezingxabano, akahambanga ukuya e-Ivory Coast, indawo yakhe yathathwa isekela uMkhandawire osewadlula emhlabeni.

Angeshiywe ngaphandle umeneja waleli qembu lamaBhakabhaka ngalesi sikhathi uMnu uLawrence “ Teddy bear” Ngubane, owayenobuhlakani namava amangalisayo kwezikanobhutshuzwayo. Sewathatha umhlalaphansi, wakhe e-Amanzimtoti.

Scroll To Top