Now Reading
Umsanka ufaka ingcindezi kuMengameli waseBrazil
Dark Light

Umsanka ufaka ingcindezi kuMengameli waseBrazil

Ngesikhathi ehla esikhundleni loyo owayenguMengameli waseBrazil, uLuiz Inacio Lula da Silva kwaba nombuzo ekuthini ngubani ozoqhuba uhlelo ayeluqalile okwakunokuvumelana ukuthi luyasebenza ekufukuleni leliya lizwe kwezomnotho

 

KUBANTU abaningi baseBrazil nasemhlabeni jikelele iminyaka engamashumi uLuiz da Silva uyatuswa ngokukwazi ukuguqula izwe elalisobishini ngakwezomnotho negqalasizinda libe ngelinye lamazwe ayenomnotho okhulayo esifundeni salo kanye nasemhlabeni. Lokhu kwenza uLuiz da Silva neqembu lakhe iWorkers Party libe nogazi kubavoti baseBrazil.

Ngenxa yodumo lweqembu likaLuiz da Silva akubanga bikho ukungabaza ekuthini uma esehla esikhundleni uLuiz da Silva kuyobuye kube yiqembu lakhe eliphatha izintambo zombuso. Ngaleso sikhathi iWorkers Party yaphakamisa kubavoti igama likaNkk uDilima Roussef nokwathi kulolo khetho langonyaka wezi-2011 waphumelela ukuba abe ngumengameli wokuqala wesifazane waseBrazil. Uthatha lesi sikhundla sobumengameli ubenguNgqogqoshe obhekelele ezamandla nokumbiwa.

Konke kuqale kahle ngoba iningi belimbuka njengomuntu ozoqhuba izinhlelo ebesezibonakala zithela izithelo ezaqalwa nguLuiz da Silva. Kanti futhi nezibalo zokuthandwa kukahulumeni wakhe zabe zizinhle kakhulu ngoba ngonyaka wezi-2013 , izibalo zazikhomba ukuthi amaphesenti angama-63 abantu bakuleliya lizwe babekweseka ukusebenza kukahulumeni. Ngakolunye uhlangothi amaphesenti angama-79 ayeseka uMengameli uRoussef siqu, nokuyisibalo esiphezulu kakhulu. Kuningi obekumenza abe nodumo nokuhlonishwa ezweni lakhe.  Okunye kwaba wukwehlisa kukahulumeni wakhe intela kwezamandla (energy)  nokwathinta uphethiloli; ukususa intela ezintweni ezifana nesinkwa, ushukela, amazambane, ilayisi nokunye.

Nokho akubanga sikhathi singakanani itshe lagaya ngomunye umhlathi, zehla izinombolo zokuthandwa nokwesekwa kwakhe kanye nohulumeni.  Ekuqaleni konyaka wezi-2015 izibalo zehle zaye zafika emaphesentini angama-23, kwathi ukungathandwa kwaba ngamaphesenti angama-62 nokuyisibalo esikhulu eminyakeni engamashumi amabili kwelaseBrazil.

Umsanka okhonjwayo 

Namuhla uMengameli uRousseff uphansi kwengcindezi hhayi nje kuphela yamaqembu aphikisayo kepha ngisho nakubantu abebengabalandeli bakhe neqembu lakhe iWorkers Party. Lokhu kungenxa yomsaka wenkohlakalo okhonjwa kuye siqu, eqenjini lakhe kanye nakuhulumeni awuholayo. Ukungenami kwabantu baseBrazil kubonakale kakhulu nangesikhathi semidlalo yeNdebe yoMhlaba lapho amalungu omphakathi abekhala ngokuthi ibe ningi imali ekhokhelwe ukwakhiwa kwezinkundla zokudlala ekubeni abantu baseBrazil benezinkinga zabo. Lokhu kwaholela emibhikishweni eminingi ngale nangazo izinsuku zeNdebe yoMhlaba.

Lo mbono wokuthi yiningi imali esetshenziswe engqalasizindeni ufakazelwe nayisilomo sebhola nentandokazi yakuleliya lizwe u-Edson Arantes do Nascimento owaziwa kakhulu ngokuthi uPele. Ekhuluma nabezindaba uPele ngonyaka wezi-2014 wacashunwa ethi: “Nxa sikhuluma ipolitiki, yona iningi imali esetshenziswe ukwakha izinkundla, kanti kwenye inkathi kuyabonakala ukuthi kukhokhwe imali eningi kungenasidingo.”

Omunye umsanka unukwa kuye uqobo uMengameli kulandela udaba lwenkohlakalo enkampanini iPetrobas ayengusihlalo kuyo ngesikhathi esengungqongqoshe. Lapha kunukwa ukuthi kwabakhona amantshontsho namavenge abathile abazinothisa ngawo.  Yize kungekho ubufakazi bokuthi uMengameli uyathinteka. Naphezu kokuthi naye eshilo ukuthi lo msanka obikwayo wenzeka engenalo ulwazi, amaqembu aphikisayo angena ngenxeba elibi kwelokuthi inja yayibambele umniniyo ngoba naye ngaleso sikhathi wayeyingxenye yabaphathi njengesikhulu sikahulumeni. Lo msaka kuthiwa waqala ngonyaka wezi-2003 kuya kowezi-2010.

See Also

Ungoti  ovela kwa-Eurasia okuyinhlangano yabahlaziyi bepolitiki nezomnotho, uMnu u-Agusto de Castro Neves  uthe ingcindezi yokuthi uMengameli uRouseff  ehle esikhundleni kanjalo nemizamo yokwenza lokho kulandelwa umthetho waseBrazil isazokhula kakhulu kwazise leliya lizwe liya okhethweni ngonyaka wezi-2018.

Izinhlelo zokufaka isiphakamiso sokuthi ehle esikhundleni uMengameli seziqalile ziholwa phakathi kwabanye nguMnu uMiguel Reale Junior owayenguNgqongqoshe Wezobulungiswa nabalingane bakhe, yilowo owayenguMengameli uFernando Henrique Cardoso weqembu eliphikisayo iPSDB. Ukuze lesi siphakamiso siphumelele kuyomele samukelwe yiningi ePhalamende.  Ezweni laseBrazil noma ngabe ngubani unelungelo lokufaka isiphakamiso sokuchitha umengameli.

Phezu kwegcindezi abhekene nayo uMengameli uRouseff kubukeka eqhubeka nomsebenzi wakhe wemihla ngemihla. Kuleli sonto ubehambele umhlangano we-United Nations eNew York.

Scroll To Top