Isiya kuvuthondaba eyoMnyango ogunyatha umhlaba KwaZulu-Natal
Emva kwezikhalo eziningi uNdunankulu waKwaZulu-Natal useqale uphenyo ngezinsolo zomgunyathi oqhubekayo eMnyangweni kwelithinta ezomhlaba
EMUVENI kokubika kabanzi kweBAYEDE mayelana nomgunyathi owenzekayo eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Ezisemakhaya kanye Nokubuyiswa Komhlaba (Department of Rural Development and Land Reform) ihhovisi likaNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMhlonishwa uSenzo Mchunu selikuqinisekisile ukuthi nembala kukhona okungahambi kahle lakuveza futhi ukuthi kukhona elikwenzayo.
Engxoxweni naleli phephandaba loyo okhulumela leli hhovisi, uMnu uSibusiso Magwaza uveze ukuthi emuva kokuvela kwezinsolo, uNdunankulu ujube uphenyo obeluqhutshwa ngabeSpecial Investigation Unit (SIU). Nembala ngaphandle nje kokuqinisekisa lokhu ebekude kubikwa yiBAYEDE uphenyo luthole nokunye okuningi nokuveza isithombe esishaqisayo mayelana nokusabalala kwezenzo zomgunyathi. Kulo mgunyathi kuvela ukuthi izisebenzi zoMnyango bezisebenzisa ulwazi lwangaphakathi mayelana nepulazi noma umhlaba thizeni bese zakha izinhlaka ezingamaTrust omgunyathi nobekugcina sekuyiwo azuzayo ohlelweni lokubuyiselwa umhlaba kuthi imiphakathi obekumele izuze yona isale ngaphandle.
Exoxa naleli phephandaba uMnu uMagwaza uthe: “Baningi abasebenzi ababhekene nezinsolo zenkohlakalo nokukhwabanisa. Abanye kumanje babhekene nezinyathelo zokuqondiswa izigwegwe ngaphakathi eMnyangweni. Kanti abanye abasebenzi ngesikhathi bephenywa yi-SIU bavele bazivumela ngokwabo ngokubandakanyeka kwabo bacela ukuyikhokha le mali ebebeyintshontshile.’’ kusho uMnu uMagwaza.
Echaza ngokuthi lo mkhonyovu wenabe kangakanani, uNjinji (abakwaMagwaza) uqhubeke wathi: “Le nkohlakalo iqala lapho izisebenzi zoMnyango zizakhela uhlu olungekho lwabantu okuthiwa bayimindeni noma izizukulwane zalabo abasuswa endaweni ngaphambilini nokumele bahlomule ohlelweni lukahulumeni, ukuhlomula lokhu kuhlanganisa imali yezinxephezelo kanye nomhlaba, lokunxephezela imiphakathi ethintekayo. Kwesinye isikhathi lezi zisebenzi zoMnyango zisebenzisa omazisi babantu asebashona okukanye imininingwane yezingane noma amalungu omphakathi kodwa engenalo ulwazi lokuthi sebengabanikazi bepulazi elibuyisiwe.’’ kusho uNjinji.
Cishe masonto onke IBAYEDE ibibika ngalo mgunyathi idalula umbimbi phakathi kwabalimu abamhlophe, izisebenzi zomnyango kanye namaTrust azimele omphakathi aziwa ngama Community Trust Associations (CPA). Odabeni olithinta abalimi abamhlophe okusuke kuthengwe kubo umhlaba nguhulumeni kuthiwa amanani ayaguqulwa ukuze avune bona. Khona lapho kuyavela ukuthi kwedlula nje isikhashana bese umhlaba loyo ugcina usubuyele ngandlela thize kubalimi labo owawuthengwe kubo okusho ukuthi uhulumeni usuke embiswe iqanda lenjelwane kwasekuqaleni.
Eveza amanye amapulazi okuthiwa kwagilwa kuwo imikhuba, uMagwaza uthe: “Kulawo mapulazi atholwe ngomkhonyovu kubalwa iMbulwane eseLadysmith kanye ne-Elizabeth eliseMelomth. La mapulazi adliwe nguhulumeni ngoNdasa nyakenye kanye nangoLwezi 2013 ngoba sekutholakale ukuthi atholwe ngendlela engaqondakali njengoba kutholwe ukuthi iningi lemiphakathi okuthiwa ingabanini ababefake izicelo nosekuvelile ukuthi iningi labo abanalwazi ngalokho.”
Ngesikhathi egxila odabeni lwepulazi i-Elizabeth uthe khona kutholakale ukuthi izitifiketi zokuhlonza lelo pulazi ukuthi liyimalini kanye nobubanzi balo ukuthi konke kungokomgunyathi. “Abanye abantu ababhalwe njenganikazi balo kutholakala ukuthi bangabasebenzi bomnyango. Isikhulu esihlela imisebenzi (Project Officer) siphinde sakhulisa uhlu lwabantu okumele bahlomule saphinde sagcwalisa nangabantu okungesibo bendawo. Lesi senzo kungesicacile senkohlakalo eyenziwe ngabasebenzi boMnyango. Abanye okungabanikazi balo kutholakala ukuthi baqashwe nguhulumeni. Kuphinde kwasentshenziswa omazisi babantu asebashona abanye baseyizingane ezisencane.’’ kuqhuba uMnu uMagwaza.
KwelaseMbulwane khona uNjinji uchaze wathi kwalethwa eMnyangweni uhlu lwabantu okuthiwa kumele bahlomule olungumgunyathi. Lapha kwakufakwa izicelo ngenhloso yokuba kuhlomule abathile eMnyangweni. Lapha ukuze kutholwe ipulazi izikhulu zoMnyango bezithumela imeneja ethile ukuba iyoqoqa yonke imininingwane yabantu okubalwa nomazisi babo okumele bathole uxhaso lwemali ngalelo pulazi. Loyo oyiProject Officer uzothi esuka ebe ehambisa uhlu lwabantu abayizipoki emnyangweni. Lokhu kuvele ngesikhathi abophiko lweSIU sebephenya bathola ukuthi abantu abangamaphesenti angama-90 ababhalwe ohlwini oluthunyelelwe emnyangweni ukuthi iningi labo belingena lwazi ukuthi kwasentshenziswa omazisi babo ukuthola lolu xhaso lwemali, nokuthi sebengabanikazi balawo mapulazi,’’
UNjinji uphethe ngokuthi yize le nkohlakalo eMnyangweni wezemihlaba ibonakala isinezimpande, ihhovisi likaNdunakulu linezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi izigilamukhuba zivela obala. “Baningi abasazoboshwa abanye impela ibhantshi lizogcwala umoya,’’ kuphetha uMagwaza.
Umphathi womnyango wezokubuyiswa komhlaba KwaZulu-Natal uAdv Bheki Mbili oyiRegional Land Claims Commissioner wenqabile ukuphawula ngesitatimende esiphume kwabezindaba sikhishwe yihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal nalapho besibabaza inkohlakalo okuthiwa idla lubi emnyangweni wakhe kanye nakweminye kahulumeni.
“Ngicela ukhulume nehhovisi likaNdunankulu okuyilona elikhiphe lesi sitatimende libe lingaxhumananga nathi. Thintana nalo Mnuzana okuthiwa nguSibusiso Magwaza okunguyena ongumsusi wendaba. Thina asithandi kube sengathi sesijikijelana nabo kwabezindaba. Kungcono basale sebeyiphetha le ndaba abayiqalile,’’ kusho uAdv uMbili.
Nokho, u-Adv uMbili ukuvezile ukuthi kubaphathe kabi befunda emaphepheni kukhulunywa kabi ngomnyango wakhe kube kungaxhunyanwanga nabo.
“Impela nami ngilufundile lolu daba emaphephandabeni, nokho kwasiphatha kabi ukuthi akuxhunyanwanga nathi,’’ kuphetha uAdv uMbili.
Okhulumela ihhovisi lezomhlaba KwaZulu-Natal uNkkz uNokuthokoza Ndlela, naye walile ukuphawula ethi akukhulunywe nabaphathi ehhovisini lakhe ngoba yena akekho useholidini lomhlabakhefu.
[divider style=”solid” top=”20″ bottom=”20″]
CISHE wonke amasonto iphephandaba laboHlanga libika ngomkhonyovu owenzakayo eMnyangweni obhekelele uhlelo lokunxeshezelwa kwemiphakathi eyasuswa ezindaweni okwakuyizindawo zayo ngeminyaka yobandlululo. Izintatheli zeBAYEDE zithola izincingo kanye nezincwadi lapho amalungu emiphakathi ethintekayo ephalaza khona konke. Abanye bala malungu kusuke kungabantu abadala, abangenamali yokuba nabameli abaphambili abanye ukugula sekuzinike amandla kepha inhloso kuwukuhamba zonke izinto sezilungisiwe.
Ekuphenyeni ngalo mkhonyovu izintatheli zihambe izindawo ezithintekayo, zaxoxa nazo zonke izinhlangothi okuyinto engelula ngoba eminye imiphakhathi isuke ingasathembi lutho emuva ‘kokukhohliswa ngabantu abaningi abebefika bethi bazosiza kanti nabo bayingxenye yomgunyathi’. Ngakolunye uhlangothi iBAYEDE isatshiswe ngamasamanisi lapho labo abathintekayo bebeqasha khona abameli abebebhala izincwadi bephoqa ukuba iphephandaba lingashicilelli lokho elisuke likuvumbululile. Nokho ukuphikelela kwezintatheli ekutholeni ingonyuluka kwenze udaba lwenkohlakalo ohlelweni lokubuyiselwa umhlaba lwaba yindaba esematheni. Muva nje imiphakathi kanjalo nohulumeni usuyakhuluma ngale nkohlakalo.
Khona lapho eminye imiphakathi okubhalwe ngayo ibe nesibindi yaqhubeka yaya ezinkantolo imangalela uMnyango. Okumangalisayo kube wukuthi yize izintatheli kanye nabashicileli beBAYEDE bebesolwa ngokuthi abakubikayo akulona iqinisio, izinkantolo kanye nophenyo lwezinhlaka ezifana neSIU ziyavumelana nalokho okusuke kushiwo ngumphakathi futhi kubhalwa elaboHlanga.
Isinqumo sakamuva nje seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu esikhishwe nguMahluleli uNtshangase odabeni oluthinta iSt Lucia Western Shores Communual Property kanye neMaster of the High Court sifakazele udaba olwashicilelwa yileli phephandaba. UMahluleli unqume ukuba ikomiti elabe selikhishiwe nguMnyango kwafakwa abanye yilo elisemthethweni.
Akulona lodwa udaba iBAYEDE elibikile ngomkhonyovu kwezomhlaba ngoba nalolu lwakwaMalimede (Melmoth) lwangesonto eledlule luseyindaba egudwini. Lapha umphakathi wakule ndawo ongaphansi kweNkosi yesizwe sakwaMpungose uzifikele mathupha emahhovisi eBAYEDE ukuzokweneka udaba olubucayi oluthinta izikhulu zoMnyango ezibabambise ‘iqanda lenjelwane’. Kulolu daba uMnyango usolwa ngokwakha ikomiti lawo ekubeni likhona elomphakathi. Ebabaza lo mhlola loyo okhulumela umphakathi waseMelmoth, uMnu uBhekithemba Sibiya wacashunwa ethi: “Sithole ukuthi sekwakhiwe ngasese ikomiti leTrust iBhekophathe Community Trust, ukuze konke okubalwa ngamapulazi nezimali kushuthekwe ngaphansi kwalo.” UMnu uSibiya wabuye waveza okushaqisayo lapho eveza ubufakazi bokuthi umhlaba owathengwa kumaphumemile nguhulumeni usubuyela kuwo futhi.
Olwesizwe saseNtembeni khona eMelmoth nalo luseyinzukazikeyo. Lapha kuhlangana ngezimpondo iNdlu yaseNtembeni ngaphansi kweNkosi yesizwe uThandazani Zulu amalungu eCommunal Property Association nalapha uMnyango uyathinteka ngandlela thize ngoba unukwa ngokuguqula izinto.
Olunye udaba olwadonsa amehlo kwaba yilolo lwenkinsela yaseBabanango okwavela ukuthi inamapulazi abhalwe ngaphansi kwayocelwa kwangamashumi amahlanu. Khona lapho kwavela nomgunyathi wokususwa kwempahla eyayikhona epulazini idayiselwa iphumalimi laseMpumalanga. Lapha kubalwa izinkomo ezingamakhulu amahlanu zomphakathi kanye nezinsiza ezazitholakala kulo ipulazi. Okuneqiniso ukuthi nalo lusazoba sematheni ngoluthinta uMkhandlu waseMlalazi, iBhodi leNgonyama Trust, abathuthukisi bendawo kanye nemindeni yakwaMaqedipuleti. Lapha kusolwa umgunyathi wokususwa kwabantu abangabanikazi ngoba kuzokwakhiwa inxanxathela yezitolo. Kulo mdonsiswano uMkhandlu nenkampani ethuthukisa le ndawo badiliza imizi yemindeni ethintekayo beyisola ngokuthi ‘kayizwa’. Ephawula ngalokhu loyo okhulumela inkampani ezothuthukisa indawo uMnu uJayson McCormick wacashunwa ethi: “Siyazi ngomdeni othile ongafuni ukusuka endaweni yethu. Bonke abantu abahlezi lapha bahlezi ngokungemthetho.” Nembala okwalandela lapho kwaba wukudilizwa kwemizi yale mindeni. Ngokombiko weBAYEDE emasontweni adlule lolu daba lungase lulanyulwe yizinkantolo njengoba ibingakabi bikho efuna ukugoba uphondo.
Yize kunokwaneliseka ukuthi lokhu kuvumbulula le mikhonyovu kuyinto efanele nezolekelela uhulumeni ukuba abambe izigilamkhuba, abafo okungabasolwa, kabeneme. IBAYEDE ingakhomba izibazi kanye namatulo anhlobonhlobo okuzama ukugovuza iziphathimandla, osopolitiki kanye neminye imithombo yabezindaba ukuba ibheke imibiko yeBAYEDE njengento engekho.
Leli phephandaba selinabo futhi ubufakazi bokuthi njengoba uhulumeni esevule ithuba lokuthi umphakathi nezizwe bafake izicelo zokubuyiselwa umhlaba nokuwuhlelo oluzophela ngonyaka wezi-2019, sekukhona uhlelo lomgunyathi lokuthengiselana umhlaba okungenzeka labo abafake izicelo bafike sekungasekho lutho. Lolu hlelo luthinta abalimi abathile abamhlophe kanye nezinye izisebenzi zoMnyango kanye nochwepheshe abazimele abaqashwa nguMnyango.