Now Reading
Kubuhlungu ukuba wungoqo kube buhlungu ukusondelana naye
Dark Light

Kubuhlungu ukuba wungoqo kube buhlungu ukusondelana naye

ABANTU baneziphiwo ezinhlobonhlobo. Kukhona abanesiphiwo sokonga imali. Ngithi lokhu yisiphiwo ngoba akwandele bani. Ukuba akusona isiphiwo ngabe mina nawe kasihlale sivaleke kangaka. Ikakhulukazi uma sisanda kuhola. Bese kuba khona abantu abangamaqonqela. Kakulula ukuba ngithi yisiphiwo lokhu. Kuthi kangithi yisiqalekiso. Uyathandwa umuntu owonga imali. Akathandwa oyiqonqela. Umuntu owonga imali akayisebenzisi uma isidingo singekho. Oyiqonqela akayisebenzisi ngisho sisikhulu isidingo.

Igama elithi ungoqo limchaza kahle umuntu oyiqonqela. Liyacacisa ukuthi uyasigoqa isandla ngisho izimo seziphoqa ukuba avule isandla akhiphe imali. Uhlale egwema ukukhokha. Kokunye angabe esazazi nezinto ezingakhokhelwa. Ahambe ngezitebhizi ngoba ecabanga ukuthi ikheshe liyakhokhelwa. Omunye aphuze ngomlomo ngoba ecabanga ukuthi amastraw ayakhokhelwa!

Bayashiyana-ke ongoqo. Kukhona ungoqo osandla sigodola kuyo yonke into. Athi esebenza ehola kahle kodwa agqoke sakunikizela. Uhlale efake isikipha esinekhanda lomholi wakhe wezepolitiki. Imvamisa zitholwa mahhala lezi zikipha uma kuyimibuthano nemikhankaso yezepolitiki. Kokunye ahlale efake isikipha seBafana Bafana. Naso asithenga kudalo leli qembu lisaqeqeshwa nguClive Barker.

Omunye ungoqo uswenka aconse kodwa abalise uma ecelwa imali yesinkwa, athi kakwaziwa yini ukuthi inyanga itshekile. Kube kuholwe izolo!

Abantu abaphuzayo bayamexwaya ungoqo. Empeleni bayamenyanya. Okucasulayo ngalona ngukuthi kuba sengathi unomuthi wokuzwa ukuthi ibandla lihlangene ngaphi. Lithi selithenge laqeda ibandla, athushuke esikhaleni kungasekho nokubufihla utshwala. Ungoqo ophuzayo imvamisa uhlale egcizelela ukuthi kalibokhululeka ibandla lizophuzela kwakhe. Akugcizelela kakhulu ngukuthi kwakhe kunesihlahla esikhulu esinomthunzi omuhle. Uma ningakamejwayeli nijabule, nibabaze umusa wakhe. Nibone ngesikade ukuthi yena ugcina ngokunikhiphela izihlalo enizohlala kuzo ngenkathi kuphuzwa. Bese ephuza mahhala. Imvamisa ethela umuthi enkomeni. Noma kuhlanganiselwa inyama enizoyidla ngenkathi nikwakhe azibe nje, akhiphe upelepele kuphela; nawo okhiwe kulezi zihlahla ezigcwele egcekeni kwakhe.

Usuke eneshwa owesifazane ogane indoda engungoqo. Ishwa liqala ngenkathi enganaki kusashelwana noma kusanda kuthandwana ukuthi utholene nongoqo kule ndoda. Ukungoqa kwayo yena ubelokhu ekuhumusha ngokuthi ngukonga ukuze isheshe ilobole kushadwe. Uma sekushadiwe-ke buvela obala ubungoqo kwayo. Uye ancome umkayo athi iyamfanela ibharethi noma iduku, enzela ukuba angayi esaluni ngoba kuyabiza. Kungenjalo athi umthanda kakhulu uma enze amagoda ekhanda. Kayikho-ke inkosikazi engathandi ukuthandwa ngumyeni wayo. Iwubekezelele-ke umqhino lowo esikhundleni sokweluka amasingili noma opelepele njengamanye amakhosikazi.

Ungoqo imali akayibali nangephutha phambi komkakhe. Uma ngeshwa umkakhe engene esabala imali, uphenduka ngokushesha abheke ngasodongeni. Uphenduka nje uyanxapha uthi akungqongqozwa ngani uma kungenwa ekamelweni. Uhlale efuna ukuzibambela mathupha kukho konke okukhokhelwayo.

Uma kuphele inyanga ubonakala ejuluke emanzi eqhuba inqola ezitolo egrosa. Ebhusha uthenga amathambo awancoma ngokuthi ayanda. Athenge ‘ukuhamba nokukhala kwayo’; izingane zakhe azikhohlise ngokuthi le nyama izozenza zikhaliphe futhi zibe nejubane. Okuningi kule grosa ungoqo ukuthenga ngoba ethi kumkhumbuza ugogo wakhe. NjengeCitro neKool Aid. Umkakhe ugcina esekwamukele nje ukuthi kufanele avale umlomo ukuze agweme ingxabano.

Nasemsebenzini yasekhaya ungoqo uzibambela mathupha. Esikhundleni sokuqasha umuntu, ungoqo umthola eqimbile exova usimende ukuze apulasitele indlu. Kubonakale ngokuklayeka kodonga ukuthi bekupulasitela imfundamakhwela. Kokunye kusuke isidumo esewe phezu kwendlu ethi uyazipendela ukuze onge imali. Uma nithi nimphuthumisa kwadokotela ahayize ibhadi, athi kumba eqolo; kungcono athole umhlatshelo noma imbiza yokuchatha.

See Also

Nisuke niseshweni uma kube khona uhambo oluphoqa ukuba nihambisane nongoqo. Uma kuwuhambo olude niyalamba endleleni kudingeke nehle emotweni ningene ezitolo nithenge ukudla. Ungoqo athi yena uzosala agade imoto. Kokunye athi usuthi akazukudla. Kokunye athi usebhandeni. Ube umlomo umhlophe yindlala. Kube nzima-ke ukuba nidle nodwa yena elokhu ezamula lapha emotweni.

Omunye ungoqo uye athi uzophatha umphako. Uma ilanga libalele kunuke imoto yonke ngenxa yomphako kabhontshisi. Nawo lowo mphako uwehlisa ngamanzi ngoba ethi anempilo kuneziphuzo ezine-esidi.

Ungoqo akazesweli izaba zokugodola nemali. Uma esebenza eduze uhamba ngezinyawo ngoba ethi kunempilo. Uma kufanele aye edolobheni uἀka liyoshona ngoba ugibela isitimela noma ibhasi esikhundleni samatekisi. Amatekisi-ke uhlale ewababaza ukuthi kawaphephile. Kuyenzeka nokho ungoqo agcine eyithengile imoto. Uma kuhanjwa, yona ibamba u‘madala layini” ukuze kugwenywe ukukhokha kuma-toll gate. Nakuyona le moto uke umἀce eseyidixa engcoliswe nguwoyela ngoba ezisevisela yena. Le moto-ke imvamisa usuke eyithengele ukuthi kube lula ukuyolunguza isalukazi esimzalayo le emakhaya. Usezofika-ke engaphethe mngenandlini, ebalisa ngokwenyuka njalo kukaphethroli. Emakhaya-ke ubuya nakho konke okusuke kuvuniwe ngaleso sikhathi. Sekuzophilwa ngamadumbe, amabhece, ukotapheya, umango noma ubhatata lapha kwakhe. Ongakuthandi lokhu kudla uzibona ukuqeda!

UDkt uNakanjani G. Sibiya ungumbhali wezincwadi zesiZulu

Scroll To Top