Izinsika zenhlonipho zagululwa yini


Phondla ususe ubhici ubone ikusasa lakho ngezimiso zenhlonipho
NGIKE ngaba seMangaung emasontweni amathathu edlule kwavele kwaphela amanzi ehhotela engabe ngilele kulo. Kwadingeka ukuthi kube yilowo nalowo owabe ekuleliya hhotela anikezwe amanzi ngebhakede ukuze akwazi ukwesula aqhubeke nemisebenzi yakhe. Ngagcina sengisebenzise sona leso sichibi samanzi kwadingeka ukuthi ngiphondle bese ngiya emhlanganweni engabe ngize kuwo. Ingqondo yami yahlehla yabuyela emuva ngakhumbula sisengabafana siphondla bese uthatha uhambo olude mhlawumbe uphikelele ediphini. Umfana wayevuka aphondle bese ehlamba kahle esebuya ediphini.
Lokhu kuphela kwamanzi kuleliya hhotela kwayithatha ingqondo yami kwayibuyisela emuva ngagcina sengininga ngokuningi osekunyamalele kubantu abamnyama. Ngikhumbula sisengabafana lapho wawuthunywa khona esitolo ukuba uyothenga isinkwa bese uhamba ugijima ugquba isondo lakho. Ngalezo zikhathi lwabe lungekho ucwazi lolu osekusongwa ngalo isinkwa esilubona kulezi zinsuku. Kwakuba nomsweswana wephepha ogcina phakathi nendawo nesinkwa bese kuba sekuphelile njalo. Wawuthi ungasithenga isinkwa esinomsweswana wephepha, bese usithatha usigodla ekhwapheni ugqube isondo ugoduke.
Njengoba isinkwa sisekhwapheni nje umfana wabe enzela ukuthi aligqube kahle isondo lakhe nesinkwa singawi. Kwakwenzeka kuthi kuwo lowo mnyama kuqhamuke imoto ithunqise izintuli zigcwale kuwe nakuso isinkwa sakho lesi esisekhwapheni esisongwe ngomsweswana wephepha. Ngenkathi ugquba isondo nesinkwa ekhwapheni, kuyenzeka uxakwe amafinyila bese ufinya noma uwahlikihle ngesandla uqhubeke nohambo lwakho nesinkwa esisekhwapheni. Lesi sinkwa sabe sidliwa yibo bonke abantu futhi kungabi bikho ogulayo emveni kokudla leso sinkwa. Kusobala ukuthi kwazintuli kwakulula ukuba zidliwe kulo msweswana wephepha.
Ekuseni izingane zazivuka ngomfudumezo webhodwe bengekho omicrowave laba asebethe chithi saka. Kulowo mfudumezo kwabe kwenzeka kufudunyezwe ngisho isitambu imbala. Kwalona uzolo lolu lwabe lufudunyezwa zidle izingane zihambe ziye esikoleni. Uma kukhona ukudla okushodayo ekhaya kwabe kuthunyelwa ingane kwamakhelwane ukuba iyokwenana lokho kudla okudingekayo. Alukho uhlobo lokudla olwabe lungenanwa. Umakhelwane okwenanwa kuye wayekukhipha ngenhliziyo emhlophe lokho okwenanwayo ngoba naye uzokwenana kumakhelwane uma kukhona okumphelele.
Le mpilo yokwenanelana yabe inokwazisana komakhelwane okuyisimangaliso. Sasithi uma siphakelwa siyizingane siphakelwe sidle ndawonye. Yabe ingekho indaba yokuthi umuntu abe nepuleti lakhe yedwa adlela kulo kodwa izingane zazidla ndawonye zehlukaniselane kahle ngisho nesishebo. Ukudla ndawonye kwezingane kwabe kwenza ukuthi ingane ingakhuli igcwele ubumina kodwa ikhule inomoya wokuphila nabanye abantu. Ukudla ndawonye kwabe kwenza ukuthi ingane ingabi ugombelakwesakhe. Lokhu kwabe kwenza ukuthi ingane ikhule yazi ukuthi umuntu ngumuntu ngabantu.
Njengoba izingane zidla ndawonye nakho konke okunye ezikwenzayo zikwenza ngokubambisana, zicijelwa ingomuso. Le mpilo yabe igxile ekwakheni umuntu ophelele kusukela olimini alukhulumayo kuye ekuziphatheni kwakhe uma enabanye abantu. Ingane yabe ifundiswa ukuthi iziphatha kanjani uma inontanga yayo kanjalo uma inabantu abadala. Impilo engayikhumbula ngenkathi ngiphondla ehhotela yimpilo ekwazisayo ukuthi umuntu omdala uyahlonishwa ngaso sonke isikhathi ngisho ungazange uthole amanzi enele okuthi uhlambe. Ngathuka sengikhuluma ngedwa ngizibuza imibuzo engingazitholanga izimpendulo zayo.
Imibuzo engabe ngizibuza yona yayithi zikhulelephi lezi zingane ezikwazi ukuhhewula uma umuntu omdala ekhuluma? Ngakube lezi zingane yilolu hlobo olungakaze luphondle luphinde lufundiswe nokuthi uyathoba ulalele uma kukhuluma umuntu omdala ngisho uzwa ukuthi awuhambisani nakushoyo? Ngakube lolu hlobo lwezingane lwathombela ehlathini kuhle kwezilwane lwangelulekwa muntu ukuthi kwenzekani empilweni yalo? Ngakube yisimo sezombusazwe lesi esidala ukuthi izingane zibe ngamahlongandlebe angalawuleki nhlobo? Kwakungelula ukuthola izimpendulo zale mibuzo yami. Akusekho ukuphondla. Izingane azisadleli sitsheni sinye. Umuntu omdala usethathiswa okwesidwedwe uqobo lwaso. Kusobala ukuthi iyobanjwa ngesithele nayo uma kunjena.
- UMnu uMpumelelo Mbatha umhleli wesiChazamazwi sesiZulu