Now Reading
U-Obama emlenzeni wokugcina kwesobumengameli
Dark Light

U-Obama emlenzeni wokugcina kwesobumengameli

Ukuvuselela kobudlelwane nelaseCuba, udaba lwabathandanayo bobulili obufanayo kanye nohambo lwase-Afrika kusho ukusongwa kohambo luka-Obama

 

KUNESITHOMBE okusazothatha isikhathi ukuthi silibaleke kubantu abaningi ikakhulukazi abamnyama baseMelika. Lesi yisithombe sikaMnu uBarack Obama nomndeni wakhe, uMichelle kanye namadodakazi abo  amabili uMalia kanye noNatasha. Lesi kwaba yisithombe esixoxa izindaba eziningi.  Kwabanye lokhu kwaveza uhlangothi olungavamile ukubonakala kwabantu boHlanga kanye nemindeni yabo beneme konke kubukeka kuhamba kahle. Lesi sithombe kasejwayelekile neze ngoba aboHlanga, ikakhulukazi abesilisa bahlale njalo bevezwa “njengonozinkinga” abangondli nabaqhelelene nemindeni yabo.

Esinye isithombe esagqama nesasingajwayelekile kwaba ibala laloyo owayezoba nguMengameli waseMelika kulolo khetho. Phela yize iMelika lena ithathwa njengesigomagoma nephoyisa le nqubo yentando yeningi ngaleso sikhathi kwakukhona ichashaza emlandweni walo. Leli chashaza lithinta ubudlelwano kanye nomlamdo phakathi kwaboHlanga kanye nabelungu. Lo mlando uqoshwe ngezingazi zezigqila zabesilisa nabesifazane ezatheleka ngolwandle ebelifika zaphenduka yonke into eyayifiswa ngumlungu ngaleso sikhathi. Kungalesi sizathu kwathi lapho izinombolo zikhomba ukuthi u-Obama uyawudla umhlanganiso kwehla izinyembezi kwaboHlanga ababebuka indima asebeyihambile. Izingxenye zonke zeMelika zazicula ihubo lakwamoya lwezigqila elalithi: ‘We shall overcome!’ Nembala babezibona sebefikile, sebephumelele nakhu omunye wabo, indodana yabo isinguMengameli.

Okwabuye kwanezela kule njabulo nokubonga kwaba wumlando wale nsizwa elishiyile igade, okungumlando wokuthi izalwa yindoda yalapha e-Afrika ezweni iKenya. Lokhu kuxhumana komlando wayo ne-Afrika kwenza abantu abaningi base-Afrika bakholwa wukuthi isikhundla sayo siyokwazi ukuzuzisa izwekazi lapho uyise azalelwa khona.

Nonyaka kuphela iminyaka eyisikhombisa u-Obama athatha isikhundla. Sekuphele isikhathi esinyiminyaka emibili nje vo ukuthi ehle esikhundleni nokungasho ukuphela kwamandla anawo okwenza izinto njengoMengameli. Umthetho waseMelika uthi loyo onguMengameli kahlale amahlandla amabili.

Ngesikhathi esakhankasela ukuba nguMengameli u-Obama kuningi akuthembisa njengezinguquko ezakhamuzini  zaseMelika kanye nezomhlaba jikelele. Lokhu kwamukelwa ngo‘elethu’ nokwabonakala ngezinombolo zabantu abamvotela kanjalo nokwamukeleka  emazweni amaningi. Phakathi kwezinto ezaba yizethembiso kwaba wudaba oluthinta uhlelo lwezempilo eMelika, udaba lwejele elisesiqhingini iCuba, ubudlelwane phakathi kwezwe lakhe kanye namazwe omhlaba nokunye

Kokunye kakuyi ngamlomo nazifiso

Nokho nxa ubuka izinto lo mholi owaduma ngesiqubulo esithi ‘We Can’ uyaqaphela ukuthi akukhona konke ayekusho nayekufisa osekwenzekile, okunye kusenjengoba kunjalo. Isibonelo nje wathi ijele elakhelwe esiqhingini iCuba elaziwa ngeGuantanamo Bay Detention Camp lizovalwa ngoba ubukhona balo kabuhambisani nomthetho womhlaba. Lesi sikhungo esavulwa ngonyaka wezi-2002 sigcine, ngokusho kweMelika, iziboshwa eziyingozi.  Ngesikhathi ekhanaksela ukhetho lobuMengameli ihlandla lokuqala u-Obama wathi nakanjani uzosivala lesi sikhungo. Inhlolovo yakamuva eMelika iveze ukuthi abantu bakhona kabanankinga ngobukhona kwalesi sikhungo nokuyinto engasho ukuthi u-Obama angase azithole esenobunzima ukusichitha. Inhlolovo iveze ukuthi ingxenye yezakhamuzi ziyahambisana nobukhona kwaleli jele nokuyinto evumelana nabashayimthetho bamaRepublican bona okuvele ukuthi amaphesenti angama-77 ahambisana nokuba singavalwa lesi sikhungo. Kanti enhlanganweni yakhe oka-Obama amaDemocrats kumapeketwane ngoba izibalo ziveza ukuthi bambalwa abavumelana naye.

Phezu kwedumela ayenalo ngesikhathi engenela ukhetho okokuqala, lokhu kubukeka ngungalenzelanga lutho iqembu lakhe ngoba namuhla leli qembu elinamalungu amaningi engakathathi u-Obama selehlelwe yizihlalo eNdlini YeziGele (Senate)  kanye nakuSishayamthetho (Congress). Lokhu kufake enkulu ingcindenzi ngoba kusho ukuthi amaRepublican okuyiwo amaningi asenamandla okuchitha konke okwenziwa nguMengameli. Amandla amaRepublican abonakalae kakhulu ngesikhathi emema kuSishayamthetho uNdunankulu waseMelika uBenjamin Netanyahu ukuba azokhuluma kule ndlu okwakuyinto eyahunyushwa njengokubukela phansi umsebenzi ka-Obama ezingxoxweni ezingenunzi ne-Iran.

Abaningi bayamsola lo mholi odabeni lwaseSyria, eLibya, Russia  nakhona e-Iran. Bamsola ngokuthi isenzo sakhe sokuthambisa isandla nokungafuni ukuthumela amagumgedlela ombutho waseMelika ukuyophebeza i-ISIS kwenza iMelika ibukeke iyiminqolo. ELibya  nase-Afganstan kunabathi lo mholi uyishaya emuva ayishaye phambili ngoba uthi akawayisi amagumgedlela kepha ngakolunye uhlangothi athumele izikhali kumavukelambuso aseLibya, aseSyria kanye nasenxushunxushwini ethinta iRussia.

Nokho akukubi konke ngoba kukhona okuthile lo mholi angazishaya ngakho isifuba. Eqhulwini wakwazi ukubulala isitha sokuqala seMelika umufi uBin Ladin ayefungile ukuthi uyomzingela kuzo zonke izinkalo aze amthole. Ngesikhathi lokhu kwenzeka izibalo zokumethemba nokumthanda lomholi eMelika zaziphezulu ngoba wenza okwehlula iziqhwaga  zakwaBush ezaqala impi.

See Also

Okunye angazishaya ngakho isifuba wudaba lwezempilo. Engakangeni esihlalweni u-Obama ibiyinkinga indaba yezempi kuleliya lizwe. Nokho konke lokhu kubukeka kuzoguquka njengoba ngomhla zingama-23 kuNdasa 2010 umthetho owaziwa ngokuthi yiThe Patient Protection and Affordable Care Act (PPACA), neyaziwa ngokuthi yi-Affordable Care Act (ACA) noma yi-Obamacare.  Okunye lo mholi athi uzokwenza ukukhipha impi yaseMelika ezweni lase-Iraq kanye nase-Afghanistan.  Akungabazeki ukuthi lolu daba lulukhuni kakhulu ku-Obama ngoba izwe lakhe lingene shi ezimpini ezingagcini nje kuphela ngokufa kwabantu kanye nokubhujiswa kwengqalasizinda kulawo mazwe athintekayo. Enye yenkinga ngalezi zimpi wukuthi zidla kakhulu emnothweni waseMelika  ngoba njengoba bethumela amagumgedlela  nje ukuba ayolwa ngaphandle kudla izimali ezishisiwe nokumenza ngokwezimali ezichithwayo ngokuthumela amabutho asondela noma afane nabakwaBush. Kulolu hlangothi yize u-Obama ayikhipha impi yakhe e-Iraq ukugasela kwebutho lophumasilwe be-ISIS sekwenze iMelika yashintsha ukwenza nokukhuluma njengoba sekunobufakazi bokuthi iyazikhipha izikhali.

Odabeni lwaseCuba, u-Obama uzongena emlandweni njengomholi waseMelika owenza okwakungalindelekile njengoba esedale amaxhama okuxhumana naleliya lizwe elisesiqhingini nobekuyinkukukhu nempaka. Nokho yize isithombe esivelayo sithi lo mholi wenze isimanga iqiniso lithi bese kukhona ingcindezi. Enika incazelo ngalolu daba loyo othathwa njengencithabuchopho ehlonishwa umhlaba wonke uMnu uNoam Chomsky utshele iphephandaba laseMexico iLa Jornada ukuthi isenzo sika-Obama kasikho msulwa kepha kungenxa yengcindezi emangalisayo evela emazweni aziwa ngokuthi ngawaseLatin America. Ngokusho kukaChomsky la mazwe abalelwa ema-22 kubalwa  iMexico, iBrazil, iVenezuela, iCosta Rico, iBolivia namanye abedudula impi yokuthi iCuba ingakhishwa inyumbazane.  Ngokusho kukaChomsky, umhlangano wango-2012 wamazwe aseLatin America yiwo owavezela iMelika isithombe sokuthi la mazwe asesondelene kakhulu neCuba kuneMelika nokuyinto okungathi nxa iyekwa ibulale ubudlelwane bala mazwe iphinde iphazamise umnotho weMelika.

Udaba lwezomnotho nokukhishwa inyumbazane kubukeka kuyilo nolwenze kwanoguquko odabeni lwase-Iran lapho u-Obama ekhethe abangani abasha okuyi-Iran walaxaza elakwa-Israel ebeluwumlingani weMelika selokhu kwathi nhlo.

Olunye udaba olumenze wabayintandokazi kwabanye oka-Obama kube wudaba lo mthetho ovumela ukuba abobulili obubodwa baganane. Lokhu ngokusho kuka-Obama emuva kokuphuma kwesinqumo senkantolo lapho kwathiwa wonke umuntu kulo lonke izwe usenelungelo lokushada . Ngesikhathi kuphuma isinqumo u-Obama wathi: “Isizwe sethu sakhelwe emgomeni oqinile othi wonke umuntu udalwe walingana nomunye. Umsebenzi waso sonke isizukulwane ukuba siqonde okuqukethwe yila mazwi kuhambisane nobuqiniso bangaleso sikhathi ngokuguquka kwaso.” Waqhubeka wathi: “Ukuqhubeka kwalolu hambo kuyanwabuzela, kwesinye isikhathi kube nje amanyathelo amabili kuyiwa phambili, kube inyathelo elilodwa kubuyelwa emuva, konke kuyimizamo yezakhamuzi ezizimisele,” eqhubeka. “Kwesinye isikhathi, kuba nezinsuku ezinje lapho imizamo enwabukayo iklonyeliswa ngobulungiswa obufika njengonyazi lwezulu.”

Uhambo lwakamuva nje lwase-Afrika yize lungeke lulethe okutheni ngaphandle kwezinkulumo ezimnandi ezithokozelwa yilabo abasuke belalele, kuyacaca ukuthi indoda isiyaqoqa, ekwenzeni njalo iqopha nomlando wayo. Kupolitiki kuthiwa umlando womuntu uxoxeka kakhle nxa engasekho esikhundleni noma emhlabeni. Okwamanje u-Obama usabhala lokho isizukulwane esizokuqopha njengomlando wakhe ngakho kusesekuseni ukusho ukuthi uthini umlando walo Mengameli waseMelika ongumzukulu wase-Afrika.

Scroll To Top