Uqhude manikiniki kutholene izikhulu zikahulumeni nezomthetho


Ukudonsisana phakathi kwezinhlaka zikahulumeni nezomthetho kushiya izakhamuzi zinokudideka mayelana nokubambisana kweziphathimandla zaleli lizwe
NJALO eminyakeni emihlanu abantu baseNingizimu Afrika baya okhethweni ukuyovotela lelo qembu abakholelwa ukuthi yilo elizofeza izifiso zabo. Ukukhethwa kukahulumeni omusha kuvuselela ithemba, nabantu abavotile bazizwe beyingxenye yoguquko olusuke luthenjisiwe. Uhulumeni othatha izintambo emva kokhetho yiwo osuke uthweswe ijoka lokuqinisekisa ukuthi izidingongqangi zezwe ziyafezeka. NjengoMbuso, uhulumeni uyinhloko yezwe, kodwa yize kunjalo, kukhona lapho esabela khona uma ebizwa. Yisezinkantolo.
Uhulumeni ubekelwe ukuletha uguquko emphakathini emazingeni ahlukahlukene. Lolu guquko luthinta ezomnotho, ezemfundo, ezokuhlaliswa kwabantu, ezempilo, ezokuphepha kanye nokunye. Ngaphezu kwalokhu kunamalungelo abantu akumthethosisekelo okulindeleke ukuthi aqinisekiswe nguhulumeni ukuthi ayagcinywa kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni ezibekelwe ukusiza abantu emphakathini. Uma uhulumeni ehluleka ukwenzela abantu lezi zinto ezibaliwe, njengabo bonke abantu eNingizimu Afrika, akakwazi ukweqa ingalo yomthetho. Umsebenzi wenkantolo munye futhi uqondile, wukuvikela nokuqinisekisa ukuthi umthethosisekelo uyalandelwa.
Izinkantolo zizimele futhi zisebenza ngokuqondiswa ngumthethosisekelo nomthetho okufanele ziwusebenzise ngokungavuni hlangothi nokungesabi. Ngokomthetho akukho muntu noma ingxenye yoMbuso okufanele kuphazamise ukusebenza kwezinkantolo. Lokhu kugxambukela kwabantu kumbe koMbuso kungabhuntshisa ukusebenza komthetho.
Abantu sebekwazile ukuvulela izinhlaka zikahulumeni amacala aphathelene nokungatholi lokho abakulindele kuhulumeni ngegunya lokuba ngabavoti. Umthethosisekelo uyabagunyaza abantu ukuvulela noma yimuphi umnyango kahulumeni icala uma wephule umthetho. Lokhu kumbandakanya omasipala kanye nabo abaholi abakuhulumeni imbala.
Kamuva nje, uhulumeni ubhekene ngeziqu zamehlo nesigungu esiphezulu sabaholi bezinkantolo kuleli. Udaba olubangwayo olukaMengameli waseSudan u-Omar al Bashir. Ngenyanga edlule mhla zili-15 kuNhlangulana u-al Bashir waphuma isinyenyela kuleli eshiya ingqungquthela yamazwe ase-Africa eSandton eGoli. Wayefike kuleli enukwa yiNkantolo YoMhlaba i-International Criminal Court (ICC), ngamacala okusoconga izinkumbi zabantu empini yaseDarfur eSudan eyaqala ngonyaka wezi-2003. INkantolo YoMhlaba yakhipha izinqumo ezimbili zokuba aboshwe ngonyaka wezi-2009 nangowezi-2010
Ngokomthetho weNkantolo YoMhlaba u-al Bashir kwakufanele akhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngokwesivumelwano elakuleli elinaso neNkantolo YoMhlaba ngokweRome Statute. UMahluleli uHans Fabricius wayekhiphe incwadi eyayigunyaza ukuthi avinjelwe ukuphuma, Incwadi yalandelwa eduze yisinqumo seNkantolo eNkulu eGauteng uMahluleli uDunstan Mlambo kanye noMahluleli u-Aubrey Ledwaba yokuthi u-al Bashir aboshwe ngosuku ahamba ngalo.
Emva kokuphulukundlela kuka-al Bashir esikhumulweni sombutho wezindiza eWaterkloof, esake saba ngundabuzekwayo kufika kuso kungalindelekile indiza yezinjinga zase-India zakwaGupta, kwaqala ukushuba kwesimo phakathi kukahulumeni nesigungu esiphezulu seziNkantolo. UMahluleli uMlambo wakhipha isitatimende sokuthi ukudedelwa kuka al-Bashir kwakuphambene nomthethosisekelo. INkantolo yasePitoli yanikeza uhulumeni izinsuku eziyisikhombisa ukuthi aziphendulele ngokudedelwa kuka-al Bashir. Ngeledlule iNkantolo ikhiphe isinqumo sokuthi uhulumeni ngokweRome Statute wephula umthetho ngokungambophi lo mholi. Ngakolwakhe uhlangothi uhulumeni uthi wathembisa u-al Bashir, nabanye abaholi bamazwe ase-Afrika ukuvikeleka uma bengaphakathi kuleli.
UNgqongqoshe oseHhovisi likaMengameli, uJeff Radebe, ekhuluma nabezindaba wazama ukubhula umlilo ngokuthi akubanga yinhloso kahulumeni waseNingizimu Afrika ukudelela umyalelo weNkantolo odabeni luka-al Bashir. “Uhulumeni waseNingizimu Afrika ukholelwa emithethweni yezwe, yingakho izinkantolo zethu zizimele. Sizohlezi siyithobela imithetho nemiyalelo yenkantolo,’’ kusho uRadebe. Waqhuba wathi kasikho isinqumo sikahulumeni esathi kumele ahambe u-al Bashir yize inkantolo isikhiphe umyalelo omvimbelayo kulokho. Wama kwelokuthi njengohulumeni babevele sebekhiphe incwadi efungelwe yokumvikela, abayivezela iNkantolo eNkulu yaseGauteng.
UNobhala Jikelele weSouth African Communist Party (SACP) uMhlonishwa uBlade Nzimande, ophinde abe nguNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme waxwayisa abeziNkantolo kulandela lolu daba ebasola ngokwenzelela nangokuzama ukuphazamisa ukusebenza kukahulumeni. Lokhu kwaholela ekutheni isigungu esiphezulu sabehluleli kuleli sijube iNhloko yabaHluleli uMogoeng Mogoeng ukuthi abambe umhlangano noMengameli uJacob Zuma. Lesi sinqumo saphuma sekubanjwe umhlangano ophuthumanyo wabaHluleli kuleli emasontweni amabili adlule, bakhipha isitatimende sokucacisa ukuthi abasebenzi ngokwenzelela nangokukhetha. Kulindeleke ukuthi kumenyezelwe usuku lwezingxoxo phakathi kukaZuma noMogoeng maduze kanti akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni kulowo mhlangano.
USolwazi wezoMthetho, ophinde abe nguSihlalo weKomidi leNational Development Plan KwaZulu Natal, uSolwazi uBonke Dumisa ekhuluma neBAYEDE uthe lubucayi udaba lwabaHluleli kanye nabaholi bakaHulumeni kuleli. “Okuqaphelekayo ngukuthi abaHluleli baphakanyelwa yimizwa kakhulu uma okubangwayo kuphathelene nabaholi bakahulumeni, nokuyinto okumele bayigweme. Baba nezigwebo ezijule kakhulu uma kungabantu abakuhulumeni, ngezinye izikhathi basuke benezizathu ezinhle kodwa ngezinye sisuke singekho isidingo. Yebo eNingizimu Afrika sinomthethosisekelo omuhle nozimele uma uqhathaniswa namanye amazwe kodwa kunezinye izinto ezidinga izinqumo zithathwe sekubukwe nxazonke. Udaba luka-al Bashir lakwamuva luyisibonelo. Ukubopha umengameli welinye izwe kuleli sibe sinamasotsha ethu ezweni lakhe kungawafaka engozini. U-al-Bashir wayesewahambele amanye amazwe okubalwa kuwo neNigeria, akakaze aboshwe, kungani kwakulindeleke ukuthi aboshwe kuleli kuphela?”
USolwazi uBonke Dumisa uqhubeke wathi, “Mhlawumbe uhulumeni kwakungaba ngcono ahlele kahle izinto nengalo yomthetho ukuze kube nesivumelwano esibumbene ngokuthi uyavunyelwa yini kuleli ukuze kugwemeke okwenzeka esehambile kuleli.” Kusho uDumisa.
Uqhube wathi kumele abeHluleli noHulumeni baxhumane ukuze kube nokusebenzisana okunokuthula ngaphandle kokudluliswa kwamazwi anezelela ukushuba kwesimo kuzo zombili izinhlaka.
NgoMsombuluko zingama-20 kuNtulikazi uMengameli uZuma noNgqongqoshe WezoMthetho uMhlonishwa uMichael Masutha bavulelwe icala lenkohlakalo nokuphazamisa ukusebenza komthetho. NgokweNews 24, uMqondisi weNhlangano ezimele i-Accountability Now, uMnu uPaul Hoffman uthe icala livulwe eKapa kulandela ukusula kukaMqondisi WeZokushushisa KuZwelonke (iNational Director of Public Prosecutions) noma i-NDPP, uMahluleli uMxolisi Nxasana owaxhawulwa ngesamba sezigidi ezili-R17 ngoNhlaba nonyaka. UNxasana wesule isigubhukane esikhundleni esanda kuphuma kuKhomishana eyasungulwa yiHhovisi likaMengameli elalimphenya ngokulungela kwakhe ukubamba isikhundla ayesiqhoqhobele ku-National Prosecution Authority (NPA).
I-Accountability Now, okuyinhlangano engenzi nzuzo, umsebenzi wayo okungukulandela amacala osopolitiki, ivule leli cala ngomthetho weSigaba sesi-9 obizwa ngeCombating of Corrupt Activity Act. UHoffman uthe umuntu osesikhundleni soMqondisi ebesiphethwe nguNxasana kumele asebenze ngaphandle kokusatshiswa nangokuchema. Uthe akekho futhi okumele agxambukele emsebenzini weNational Prosecution Authority. “Sinokusola ukuthi ukuphuma kukaNxasana esikhundleni kuzohlomulisa uZuma, ngoba ngeke esalandelwa amacala okubalwa kuwo ukuthuthukiswa komuzi wakhe oseNkandla, kanye nalawo omkhonyovu okukholakala ukuthi wawenza ehlangene nowayengumeluleki wakhe kwezezimali uMnu uSchabir Shaik owagcina eboshiwe,” usho kanje.
Isikhala sikaNxasana sivalwe nguMmeli uShaun Abrahams, ongananazanga ukuphumela obala ngokuthi akasimaku samuntu.
“Nginganiqinisekisa ukuthi ngeke ngisebenzise amandla ami ukuthi ngivikele abantu abasolwayo,” washo kanje ethulwa kwabezindaba. U-Abrahams washesha nokucacisa ukuthi ababona osopolitiki, bangabameli futhi ngaphansi kobuholi bakhe azoshabalala amaqenjana asedale uqhekeko ngaphakathi kuNPA.
Eminyakeni edlule iHhovisi loMvikeli WoMphakathi nalo libe ngundabuzekwayo ngenxa yokuphenywa kodaba lwezinhlelo zokuqinisa ezokuphepha emzini kaMengameli uZuma eNkandla. Ngokwemibiko, kwadla izigidi ezingama-R246 ukuqinisa ezokuphepha kulo muzi. Emva kokuphenya iminyaka emibili yonke u-Advocate uMadonsela wethula umbiko mhla zi-3 kuNdasa ngonyaka wezi-2014. Embikweni kwavela ukuthi uMengameli uZuma kumele akhokhe ingxenye yemali eyasetshenziswa ngokungafanele ukuqinisa ezokuphepha emzini wakhe.
Kunokuziphendulela yena uMengameli uZuma, lo mbiko wawudlulisela kuNgqongqoshe WamaPhoyisa uMhlonishwa uNathi Nhleko naye owayejutshwe nethimba lakhe ukuthi baphenye ngokuqiniswa kwezokuphepha eNkandla.
Nonyaka kuNdasa uNhleko wethule umbiko wokuthi uMengameli uJacob Zuma ayikho imali okumele ayikhokhe kulezi zigidi ezingama-R246 okwalungiswa ngazo umuzi wakhe oseNkandla, “Kunalokho kusadingeka uMengameli anikezwe enye imali yokuqhubeka nokwakha, kuqhubeka uMhlonishwa uNhleko enkulumweni eyayishaqisa.
Le mibiko yomibili ikhombe ukushayisana phakathi kohlaka lukahulumeni lokuphenya abaholi boMbuso iHhovisi loMvikeli woMphakathi, kanye nesigungu esibhekelela ukuphepha kukaMengameli.
Umsebenzi woMvikeli woMphakathi wukuqinisa intando yeningi ngokuqinisekisa ukulandelwa komthethosisekelo zikhathi zonke. Uphenya onke amacala athinta abaholi nezinhlaka zoMbuso ezixhaphaza imali, impahla kahulumeni, kanye nokungaphathwa kahle kwabasebenzi bakahulumeni. Konke lokhu kwenziwa ngokulandelela umthetho we-Executive Members Ethics Act wangonyaka we-1994. Uphinde axazulule izinkinga ngokwenza izincomo emva kophenyo. Ngokomthetho leli hhovisi lisebenzisana nezinkantolo zezwe ngokuzaluleka ngamacala angase angene kuzo.
Ezinyangeni ezedlule iHhovisi loMvikeli woMphakathi ligxekwe kakhulu abezombusazwe ngokubukeka licheme namaqembu athize. Amanye akhombisa ukulithokozela kuphela uma liphenya abanye kuhulumeni.
Okugqamayo ngukuthi zonke izinhlaka zezoMthetho zibekelwa ukusebenza ngokungakhethi nangokungenzeleli. Ngakolunye uhlangothi uMbuso kumele weseke iziNkantolo nezinye izinhlaka zoMthetho ukuthi zilethe ubulungiswa emphakathini. Uma lezi zinhlaka zombili, uMbuso neziNkantolo sezibhekene ngeziqu zamehlo kusuke sekuqhatheke izinkunzi esibayeni sinye, kanti kayikho egoba uphondo kalula.