Kuyabiza ukukhuluma iqiniso kuleli



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Amakhomishini, amakomiti ophenyo kanye nezinkantolo kudla izigidi kuleli futhi lokhu kubukeka kusazoqhubeka
KULABO abakhanda uMthethosisekelo omusha waseNingizimu Afrika inhloso kwakuwukuwelisa elakuleli esikhathini esimbi elabe liphuma kuso. Lo Mthethosisekelo wabe uyisibopho kanjalo nesiqinisekiso sokuthi elakuleli ngeke liphinde liphindele emuva. Nokho eminyakeni engamashumi amathathu enqubo yedemokhrasi kubonakala le nqubo imba eqolo njengoba iningi lemigudu elandelwayo nxa uHulumeni noma izakhamuzi ukuze zithole iqiniso nobulungiswa liphoqa ukuthi kukhokhwe izigidi. Kusuka kumakhomishini namakomiti ongoti asuke ephenya okuthile kuye emacaleni enkanto efana neNkantolo YoMthethosisekelo.
Okuxakayo wukuthi iningi lalawa makhomishini lugcina luyindlela yokugwema ukujezisa labo abenze ububi njengoba izincomo zemibiko zingaqhamuki nento etheni kokunye kuqhamuka into ebivese seyaziwa kepha izigidi zisuke sezisetshenzisiwe. Isikhalo ngomkhokha wamakhomishini nezithangami ezidla izigidi ngaphandle kwemiphumela etheni, saqala ngezikhathi zeKhomishini Yamaqiniso Nokubuyisana (Truth and Reconciliation) eyabe ingaphansi koMnyango Wezobulungiswa ngaleso sikhathi. Le Khomishini eyabe ijutshwe ukuba ibike ngezehlakalo zokubulawa kwabantu ngezikhathi zobandlululo yabe inesabelomali sezigidi ezili-R150 neyaqala iyizigidi ezingama-R75. Le mali yabe phakathi kokunye ikhokhela ukuhlala kwezithangami kanye namalungu eKhomishani.
Enye iKhomishini eyadlisa izigidi kwaba yileyo yaseMarikana neyahlala izinsuku ezingama-300 yadla abakhokhi bentela izigidi ezili-R153. Le Khomishini eyabe iholwa nguMahluleli osewathatha umhlalaphansi u-Ian Farlam. Kanti iKhomishini eyaziwa ngokuthi ngekaSereti eyabe iphenya umkhonyovu ekudayiselweni kwezikhali kuleli yona yadla abakhokhi benteka imali eyizigidi ezili-R113. Ngokombiko weHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, kubekwe eceleni imali eyizigidi eziphakathi kweyishumi nezili-R15 ukuze ikhomishini ka-Advocate uMarumo Moerane iphenye ngokubulawa kosopolitiki esifundazweni.
Okugqamayo lapha wukuthi abantu abavame ukuzuza kakhulu kuba ngabameli abaphuma netshe lemali. Ngowezi-2014 iKhomishini eyayiphenya ngabantu abashona bekunhlolokhono yokuba amaphoyisa omgwaqo yadla imali ebalelwa ezigidini ezili-R14. Le Khomishini yajutshwa ngemuva kokuthi uMnyango Wezokuthutha wawukhiphe izikhala zomsebenzi ezazingama-90 kanti abantu ababefake izicelo futhi babizwa babeyizinkulungwane ezili-15. Ummeli ngamunye kuthiwa wayehola ngenyanga isigidi samarandi kanti kukhona omunye okuthiwa wafuna ukuba akhokhelwe izinkulungwane eziyisithupha ngokulanda ufakazi eKing Shaka Airport.
Kulabo ababemele abesebenzi nemindeni yabalimala eMarikana kuthiwa bathola izigidi eziyisi-R5,31. Okunye okwavela wukuthi loyo owayehola ubufakazi uMnu uSimon Lebala wakhokhelwa izigidi ezili-R12,3. ngomsebenzi wakhe. IKhomishini eyayisungulwe uMnyango Wezabasebenzi mayelana nokuwa kwesakhiwo senxanxathela yezitolo eyayizoba soThongathi, kwakubekwe imali eyizigidi ezimbili.
EWestern Cape uNdunankulu uNkk uHelen Zille, wachitha imali eyayifinyelela ezigidini ezili-R11 ngesikhathi ayephenya ukungaziphathi kahle kwamaphoyisa eKhayelitsha, kanti owayeyihola kwakungu-Advocate uVusi Pikoli. Ngesikhathi kusungulwa le Khomishani kwakunezikhalo kubantu baseKhayelitsha ngokuthi amaphoyisa ajutshwe eziteshini zabo awanalusizo, ngisho kubikwa amacala awashaya indiva.
UNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Komphakathi, uNks uLindiwe Sisulu, wabeka eceleni imali eyayizigidi ezine ngenhloso yokuphenya ukususwa kwabantu emijondolo yaseLwande, eWestern Cape. Ngowezi-2014 iphephandaba iThe Herald labika ukuthi kulowo nyaka kumakhomishini ayisithupha kwachithwa imali eyizigidi ezingama-R300 kumakhomishini ehlukene ayephenya izigigaba ezazenzeka. Kula makhomishini kwakhalwa ngokuthi cishe imali echithwe kuyo yayingakwazi ukwakha izindlu zomxhaso ezingaphezulu kwezigidi ezintathu ngemali eyizinkulungwane eziyisi-R9 iyodwa. Okuqaphelekayo ukuthi amanye amakhomishini kuthi sekukhokhiwe kodwa ahoxiswe ngomzuzu wokugcina lingakaveli iqiniso ebelisuke lifuneka.