IMelika ihlangene phezulu phansi ingamahele



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Phezu kobukhazikhazi obushiwo ngeMelika iqiniso elivelayo wukuthi leli lizwe lisenkingeni yobuhlanga
KUBANTU ABANINGI iMelika iyizwe elingenasici. Leli lizwe lithathwa njengelihamba phambili emhlabeni nxa kukhulunywa ngezomnotho, ezempi kanye nenqubo yentando yeningi. Uma uzwa kukhuluma abaholi bakhona kanye nezakhamuzi uba nesithombe sabantu ababumbene nabaziqhenyayo ngobuzwe babo. Nokho izigameko zakamuva zidalule okwehlukile.
Ukubulawa kwabantu abamnyama abayisi-9 ngesihluku esontweni laseMelika bedutshulwa owesilisa omhlophe kuthunuke amanxeba akade ezitshiwe ngomlando wobudlelwano phakathi kwabantu abamnyama nabamhlophe kuleli lizwe. Umsolwa, uDylan Roof oneminyaka engama-21, ngenyanga edlule kubikwa ukuthi wangena esontweni laseCharleston i-Emmanuel African Methodist Church wahlala ihora ngaphambi kokuthi asukume avulele inhlamvu ebulala abantu abamnyama abayisi-9, abanye wabaxolela ethi ufuna bayoyizekela amagwababa echobana.
URoof uthweswe amacala ayisi-9 okubulala kanti amaphoyisa asafuna avulelwe necala lokuhlela impi phakathi kwabamhlophe nabamnyama njengoba kunobufakazi balokhu emibhalweni yakhe ayeyikhombisa abangani. Ukuphuma kwegama likaRoof kwaholela abaningi emphakathini ukuthi baziphenyele kabanzi ngemvelaphi yakhe. Kusaphele izinsukwana eboshiwe, abantu bakwazi ukuthola ikhasi lakhe enkundleni yokuxhumana uFacebook, nokwavumbuka kulo izithombe nemibhalo ekhomba ukuthi ukhule evele ecwasa ngokwebala.
Isithombe sokuqala esashaqisa abaningi simuveza egqoke ijakhethi enefulegi laseNingizimu Afrika lakudala leNational Party eyayicindezela abamnyama kuleli. Esesibili, simuveza ephethe ifulegi lakudala laseNingizimu yeMelika elibizwa ngeConfederations Flag, langesikhathi kunempi yangaphakathi eMelika kulwa abaseNingizimu nabaseNyakatho.
Kuleli sonto uye ngokuqina umbhidlango wokuthi liqunjwe phansi leli fulegi lingaphinde lisetshenziswe emphakathini. Kunalokho abantu bafuna liphelele ezindaweni zokugcina amagugu. INdlu YeziGele ibe nenhlolovo ngoMsombuluko, amavoti amaningi akhomba ukuthi bafuna lisuswe emphakathini. Kubikwa ukuthi abantu abamnyama sebayawashisa lawa mafulegi uma bewabona, noma bawehlise lapho esuke ephephezela khona. Abantu bacikwa yileli fulegi nje, lalisetshenziswa abaseNingizimu neMelika, abebelwela ukuthi uhulumeni angabi nawo amandla okuguqula imithetho ephathelene nokwenza abantu abamnyama izigqila kuleliya lizwe. Izwe lahlukana phakathi, abaseNyakatho befuna isulwe yonke imithetho yokugqilaza abantu, abaseNingizimu befuna igcinwe. Ngenkathi enqoba ukhetho ngowe-1860 uMnu u-Abraham Lincoln wafunga wagomela ukuthi uzoqinisekisa ukuthi ngeke bulethwe ubugqila ezindaweni zaseMelika ezazikhululekile futhi nakulezo ezazibuqhuba wayezobuqeda. Izifunda eziyisikhombisa eNingizimu yeMelika ezaziqhuba ngenkani ubugqila zazehlukanisa neMelika, zaqala izwe elisha iConfederate States of America, baba nefulegi elisha iConfedarations Flag.
Uhulumeni kaLincoln, kanye neningi labantu baseNyakatho yeMelika banqaba ukwamukela ukuthi izwe selihlukene kabili. Babesabela ukuthi kuzophela ngentando yeningi, kanye nephupho lamazwe ahlangane e-United States. Isigameko esaqala le mpi senzeka endaweni uRoof abulale kuyo abantu abamnyama, eCharleston Bay, mhla zizi-2 kuMbasa ngonyaka we-1861. Ngalolo suku amasotsha eConfederate adubula amasotsha kahulumeni ewatshela ukuthi awehlise ifulegi laseMelika azidele acele ushwele. Kule mpi eyadonsa iminyaka emine, ucwaningo olusha luveza ukuthi kwashona abantu abayizinkulungwane ezingama-850. Ngonyaka we-1865, umbutho wamasotsha eConfederate wazidela, kwabanjwa nowayesenguMengameli wabaseNingizimu yeMelika uMnu uJefferson Davis, mhla zili-10 kuNhlaba, yaphela impi.
Emva kwale mpi kwaqala uhambo olude lokwakha iMelika entsha ekhululekile enganabo ubugqila. Uhulumeni waseMelika wabeka imithetho emithathu emisha; ukuqeda ubugqila, ukunikeza abantu abamnyama ubuzwe, kanye nokubanikeza ilungelo lokuvota. Nokho ukubekwa kwale mithetho akwenzanga izimpilo zabantu abamnyama zibe lula njengoba ubudlelwano phakathi kwabo nabamhlophe kwaqhubeka kwabamuncu, ikakhulukazi ezingxenyeni zaseNingizimu neMelika.
NjengaseNingizimu Afrika, kunezindawo abantu abamnyama ababengavumelekile kuzo emphakathini, njengasemabhasini athize, izindawo zokudlela kanye nasezikhungweni zemfundo ephakeme. Ukwaziwa kwabaholi abafana noMartin Luther King ehola iqembu lakhe i-African-American Civil Rights Movement, kwaqhamuka ngenxa yezinhlelo zokulwisana nokucindezelwa kwabantu abamnyama eMelika.
Umsebenzi wakhe nanamhlanje usahlonishwa umhlaba wonke, kanti kunokwesabela ukuthi izigameko zakamuva eziqhubukusha umlando ongemuhle phakathi kwabamhlophe nabamnyama zizowucekela phansi umsebenzi wakhe. ENingizimu yeMelika abantu baphumele obala bakuvikela ukulengiswa kwaleli fulegi ezindaweni zomphakathi bethi bakwenza njengendlela yokukhombisa ukuthi bazishaya isifuba ngokuba ngabeseNingizimu yeMelika, hhayi ngoba becwasa ngokwebala. Nokho, umlando ukhomba ukuthi leli fulegi laqhamuka kubantu ababefuna kuqhutshwe ukugqilazwa kwabantu abamnyama.
Izigameko zakamuva, zokubulawa ngesihluku kwabantu abamnyama bedutshulwa amaphoyisa amhlophe okuholele emibhikishweni eminingi eMelika, kanye nesokubulawa kwabo endlini yesonto, sekukhumbuze abantu umlando ngaleli fulegi elaliwuphawu lokucindezelwa kwabantu abamnyama. Ngokwamavoti akamuva, ukuphephezela kweConfedarations Flag emphakathini kuzoba yicala elibomvu maduze.