Kuzwela emanswebeni kuZulu ngabahlasela iSihlalo



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ukuqina kwezinsolo zokulwisana neNgonyama Trust nokujivazwa kweSILO ngabomu ngezinye zezinto okuthiwa zicijisa imikhonto
KUKHONA ukuvumelana kuZulu ukuthi iSihlalo okuwubukhosi sifana nenhlamvu yeso okuthi uma ike yathinteka umnikazi weso bese eyakhubazela. Lokhu kubonakele eziwombeni eziningi lapho bekuthi noma kukhona ukwehlukana eSizweni, kepha kuthi nxa kukhona okuhlasela uNomthebe weSizwe bese uZulu wonke athi bu ukuyovikela iSihlalo. Izigameko zakamuva kusuka ekuqhamukeni kwezindaba zokuthi kukhona abashayela iNgonyama Trust kanye nemikhosi kaZulu izaququ kuya odabeni lapho kunokujivazwa kweSILO, uZulu kuyo yonke imikhakha ubonakale ubuthana eSihlalweni.
Kulezi zinyanga eziyi-12 leli phephandaba selibike ngezimo lapho kukhona ukungaboni ngasolinye ezintweni ezimqoka phakathi kwezinhlaka zikahulumeni kanye nobukhosi. Ezinye zalezi zinto zisobala kanti ezinye zijulile. Okuthinta udaba lomhlaba kuba sobala. Lokhu kungqubuzana kuthinta udaba lomhlaba, indima yoBukhosi ngaphansi kukahulumeni okhona kanye namasiko esizwe.
Ngonyaka owedlule ngenyanga kaMfumfu iBAYEDE ishicelele udaba mayelana nombimbi olungumshoshaphansi oluhlela ukuqeda uhlaka olwengamele umhlaba woBukhosi KwaZulu-Natal, Ingonyama Trust. Lolu hlaka olwenganyelwe yiSILO lubhekelele umhlaba obalelwa ezigidini ezi-2.8 wamahektha KwaZulu-Natal. Umhlaba weNgonyama Trust ulandela isikhondlakhondla esinguTongaat Hullet ngobukhulu. Cishe zonke izindawo ezaziwa ngokuthi yizindawo zasemakhaya KwaZulu-Natal zingaphansi kwalolu hlaka lweNgonyama Trust.
Leli phephandaba selingaphinde likuqinisekise ukuthi akusekhona nje ukushayela Ingonyama Trust izaququ njengoba kwakubikwa kepha sokuwumkhankaso osuvuthiwe nosunezigaba ezithize. Ngokuthola kweBAYEDE isigaba sokuqala wukusebenzisa isiShayamthetho sikazwelonke nayilapho kunekomiti elibhekelele ukusebenza kwalolu hlaka. Ngokomthethosisekelo izindaba eziphathelene nomhlaba zibhekwa kuzwelonke hhayi ezifundazweni. Embikweni waleli phephandaba ngoMfumfu kwavela ngomthombo ohlala ekomitini elibheke izindaba zeNtuthuko yaseMakhaya nokubuyiselwa komhlaba ngokufufusa komkhankaso wokuchitha Ingonyama Trust. Ngaleso sikhathi umthombo wathi: “Iqiniso lithi izinkulumo zokuthi ingaqedwa kanjani le nto yeNgonyama Trust kayiqali manje. Isivuswa yisimemezelo seSILO sokubuyiselwa komhlaba eBukhosini. Le nto iyasikhathaza ngoba asazi ukuthi izokwenzeka kanjani.”
Kuleli sonto kubuyelwa kuwo umthombo uveze ukuthi izinto seziguqukile ngoba sengathi naloyo onguNgqongqoshe womnyango, uMhlonishwa uGugile Nkwinti “usethambile”. Ngalokhu umthombo uthe: “Ekuqaleni bekunenkinga yokuthi bekubukeka sengathi uNgqogqoshe uyazwelana neNgonyama Trust, cha okwamanje sengathi sesikhuluma ulimi olulodwa, inkinga nje wubukhona beSILO njengoba kuyiso esiphethe iTrust. Kungayingozi uma ukwenza kwethu kungabonakala sengathi kungukulwisa iSILO qobo ngakho kukhona izindlela okuzomele kwenziwe ngazo ukuqinsekisa ukuthi iqedwa kanjani iNgonyama Trust lena.”
Ngokuthola kweBAYEDE uhlelo lokuqeda iNgonyama Trust kalusetshenzwa nje kuphela ngaphakathi kuhulumeni kepha kukhona olunye oluqhutshwa yizinhlangano ezingaphandle kukahulumeni nazo ezisola uBukhosi bukaZulu ngokuqhamuka nesiphakamiso sokubuyiswela umhlaba njengeSizwe. Enye yezinhlangano engazifihlanga izinhloso zayo yiCentre for Law and Society ezinze eKapa. Phakathi kwabantu abakulolu hlaka yilowo owayengumeluleki kaNgqongqoshe WezoMhlaba kusuka ngowe-1997 kuya kowe-1999, uDkt Aninka Claassen nokukholakala ukuthi ungomunye wabantu ababesekhaleni lokwenziwa komthetho owawuvikela amaCommunal Property Association (CPA). Emuva nje kokuphuma kwezindaba ezithi uZulu uzoba nesicelo esihlangene abeCentre for Law and Society babiza umhlangano ophuthumayo eMgungundlovu mhla ziyi-12 kuya ziyi-13 kuNcwaba. Loyo okhulumela iCentre for Law and Society uDkt uButhelezi akazifihlanga izinhloso zomhlangano wabo: “Sibize umhlangano ophuthumayo eMgungundlovu ukuzobhunga nokuvimba umzamo weSILO neNgonyama Trust wokwandisa umbuso kaZulu.” Inhlangano yakhe kayigcinanga lapho ngoba emasontweni alandelayo yabiza umhlangano ngoMsombuluko wamhla zingama-29 kuMandulo eGauteng. Ngaphansi kwesihloko esithi: Land Reform and Traditional Leadership in South Africa: “What does King Goodwill Zwelithini’s new claim on the land of KwaZulu-Natal portend for land reform in South Africa?” izethameli zazibhunga ngamaqhinga okulwisana nesicelo sikaZulu nababesibika njengento ezocindezela abesifazane kanye nomphakathi.
Ebuzwa kuleli sonto ngemizamo yokuqeda iNgonyama Trust uSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal, iNkosi uPhathisizwe Chiliza uthi bengamakhosi KwaZulu-Natal bakhathazekile ngohlelo athi ngelomshoshaphansi oluqhutshwa nguhulumeni ukuqeda iNgonyama Trust okuwuhlaka olubalulelkile lobukhosi. Inkosi uChiliza ithi inhloso kahulumeni ukuqeda iNgonyama Trust ukuthena amandla izakhiwo zobukhosi namakhosi ukuze ephucwe kalula umhlaba wawo ebese kuhlomuliswa ngomhlaba izinhlaka ezilwisana nobukhosi okungamaCPA namaTrust omphakathi.
Ngokubeka kweNkosi uChiliza lezi zinhlaka zamaCPA namaTrust emiphakathi ayizakhiwo ezakhiwe ngamaphumemile (abelungu) ukulwisana nobukhosi ngakwezomhlaba. “Kuyacaca ukuthi kunempi yomshoshaphansi eqhutshwa nguhulumeni ukuqeda ubukhosi njengoba ephuca amakhosi ilungelo lokwengamela umhlaba elinikeza amaCPA namaTrust. Uhulumeni umatasa uxoxisana namaCPA namaTrust ngokubuyiswa komhlaba, ukhiphela eceleni amakhosi okuyiwona ephucwa umhlaba,’’ kusho inkosi uChiliza. Iqhubeke yathi lezi zinhloso zikahulumeni zokuqeda ubukhosi zigqame kakhulu nasengungqutheleni yokuzoxoxa ngokubuyiswa komhlaba ebibizwe nguNgqongqoshe WezoMhlaba, uMhlonishwa uGugile Nkwinti eGoli ngomhla wama-27 kuNhlaba 2015. Le ngqungquthela yayihanjelwe ngamakhosi, amalungu amaCPA kanye namaTrust omphakathi. “Okwasicacela kuleyo ngqungquthela ukuthi uhulumeni wayexoxa ngokwedlulisela umhlaba kumaTrust namaCPA kungakhulunywa lutho ngamakhosi. Okokuqala umhlaba awuthathwanga kumaCPA namaTrust kodwa wathathwa emakhosini ngakho kumele uhulumeni awubuyisele amakhosini.’’
INkosi yaseMadungeni iphethe ngokuveza ukuthi amakhosi ezizwe kaweneme neze ngalokhu okwenziwa nguMnyango kazwelonke. “Ngenxa yokudinwa amakhosi abesengqungqutheleni acele uNgqongqoshe uNkwinti ukuba ahlele ngokushesha ingqungquthela yamakhosi ukuze azocaciselwa kahle ngobunini bomhlaba waKwaZulu-Natal,’’ kuphetha uMdunge.
Echaza ngobumqoka beNgonyama Trust kanye nokususwa kukaZulu emhlabeni okungowakhe, uSolwazi uJabulani Maphalala nongusomlando ohlonishwayo kuleli uthe: “UZulu kakweleti muntu ngomhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust ngoba yisiqeshana nje okwakuvele kungesakhe.” USolwazi uqhubeke wathi: “Ngemuva kweminyaka emibili, u-1841 no-1842, uMbuso wamaNgisi wanqoba amaBhunu ayeqole ingxenye yoMbuso kaZulu eNingizimu yoThukela ngowe-1843. Lapha kwakubangwa indawo kaZulu nokubusa phezu kwakhe, indawo amaNgisi ayibhabhadisa ngokuthi yiKoloni yaseNatal.
Zonke izizwe zamaZulu ezazikade zibuswa yiziNgonyama oShaka noDingane eningizimu yoThukela, uMnu Theophilus Sheptsone (uSomtsewu), uNobhala WeziNdaba ZaBantu wancoma ukuthi zakhiswe imizi yazo emeveni, ezintabeni nasemigubaneni. Zakhiswa ezindaweni ezazingakulungele neze ukulinywa nokufuya. Wonke amaZulu enqaba ukuya emeveni adliwa yinhlamvu kwathiwa aduve ngokungemthetho (“squatters”) kodwa ladalwa bamapulazi avundile nalungele imfuyo ayengamamogeni ayizi-3000 ipulazi lomlungu emunye anikezwa amaNgisi namaBhunu nengxenye yomhlaba kaZulu eyaqolwa yabizwa ngokuthi yindawo kaHulumeni (Crown land).”
USolwazi uMaphalala uqhubeka athi: “Zonke izizwe zamakhosi eningizimu yoThukela noMzinyathi zaphoqwa ukukhanda ojantshi bezitimela, ukutshala amahlathi, nokukhanda imigwaqo ngaphansi kohlelo lwempoqo olwalaziwa ngokuthi yiSibhalo. Bonke ababhalisa abantu ohlelweni lweSibhalo banikezwa ilungelo lokubiza ilobolo lezinkomo eziyi-15 nxa amadodakazi abo egana.” Kuchaza uSolwazi.
Ngokusho kukaSolwazi uMaphalala lokhu akugcinanga lapho ngoba nangale kanjalo nangaphambi kwempi yamaKhanda yowe-1906, amaZulu athwala kanzima lapho kwakushaywa khona imithetho eyayiphoqa ukuba uZulu ufuduke emhlabeni okungowakhe. “Umhlaba lo ophethwe yiNgonyama Trust namuhla yingxenye nje encane kaZulu nayo okuseyimigubane,” kuphetha uSolwazi uMaphalala.
Sikhuluma eMgubheni weLembe ngonyaka owedlule, ISILO satshengisa ukuba nolwazi ngemizamo yokuqeda iNgonyama Trust. “Sengiyazi ngemihlangano ehlelwa izwe lonke leli nedingida ngesicelo sikaZulu esisodwa. Siyazi futhi ukuthi kumunyungwa umkhankaso wokunxenxa amaqembu ezombusazwe asePhalamende ukuthi achibiyele umthetho noma kuqedwe iBhodi leNgonyama Trust. Lapha kusolwa iBhodi engiwuSihlalo walo, ngokuthi kungani lelekelela amakhosi ezizwe kanye nemiphakathi ekufakeni isicelo esisodwa,” kubeka ISILO nesaqhubeka sathi: “Phela akuyona imfihlo ukuthi ofisa ukuqeda iNgonyama Trust ngumuntu okholwa wukuthi uZulu awufanelwe wukuba nomhlaba ngisho lo oyingcosana olawulwa yiNgonyama Trust,” kuphetha iMbube.
Ngokuthola kweBAYEDE okunye okuyingxenye yomkhankaso wukunyundela iNgonyama Trust kusukwa kwabemithombo yezindaba nakuwo amakhosi ezizwe imbala. Sikhuluma nomunye osebenzela uMnyango wakwaCogta kwaZulu-Natal nocele ukuba singalidaluli igama lakhe ngenxa yokwesabela ukuthi angase ajeze ngaphakathi emnyangweni uthe sekukhona uhlelo ‘lokuxwayisa’ amakhosi athize ngeNgonyama Trust. “Amakhosi ikakhulukazi lawo okungenzeka ukuthi kawabekwanga ngesiko, kepha akhethwa ngumnyango kanye nalawo anezikhalo ezithile kusuka kwiKhomishana kaNhlapho yiwo azothweswa umsebenzi wokuxwayisa ozakwabo.” Leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi eminye yemizamo yokuguqisa iNgonyama Trust kuyoba wumkhankaso wokuthi omasipala abathize bafake lolu hlaka amasamanisi befuna ukuthi lukhokhele intela yezakhamuzi ezihlala emakhaya. Lokhu kuyobe akuqali ngoba ngonyaka wezi-2012 uMkhandlu weTheku wathelwa othulwini yiNgonyama Trust ecaleni elahlalelwe ngamajaji eNkantolo YoMthethosisekelo.
Inhloso lapha wukuthi iNgonyama ingene ezikweletini okungayenza ingabi namandla kanti okunye wukuzwa amanzi ngobhoko ukuthi konje inkantolo ingayivuna yini imikhandlu lena okuyinto engaqondakali ukuthi iyokwenzeka kanjani ngoba sikhona isinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo esimileyo.
Okunye okubukeka kuzocijisa imikhonto wudaba lokukhokhwa kwemali yokumbiwa phansi nokutholakala ezindaweni ezingaphansi kweNgonyama Trust.