Now Reading
Usolwa ngokuqhukuluza aboHlanga emabhasini
Dark Light

Usolwa ngokuqhukuluza aboHlanga emabhasini

UMUNWE usukhomba kulowo owayengu-Ndunankulu waKwaZulu-Natal manje, oseyiHigh Commissioner e-Australia, ngezinsolo zokuthi naye “uqhubeke netulo” labamhlophe lokucoboshisa aboHlanga embonini yamabhasi, ngenhloso yokuhlomulisa aboHlanga lwamaNdiya.

Lezi zinsolo ezishaqisayo ngoMhlonishwa uNdebele zidalulwa yilabo ababesembonini yamabhasi kusukela kusaphethe uHulumeni wobandlululo.

Laba iBAYEDE ekhulume nabo bakhala ngokuthi uMhlonishwa uNdebele, owayenguMphathiswa Wezokuthutha KwaZulu-Natal ngowe-1994 kuya ngowezi-2004 esikhundleni sokulungisa umonakalo owashiywa nguHulumeni wamaBhunu owacekela phansi amabhizinisi aboHlanga ikakhulukazi elezokuthutha naye ufike washayela isipikili ngokudayisa leli bhizinisi elinikezela amaNdiya.

Leli thumba libhoboka ngemuva kokuthi iphephandaba iBAYEDE ngesonto eledlule libike ngonya netulo elakhiwa yizikhulu zikaHulumeni wobandlululo ukuqumba phansi osomabhizinisi boHlanga ababesembonini yamabhasi. Kuthiwa amaBhunu asebenzisa uhlelo lweBusiness Investing Cooperative kafishane iBIC neKwaZulu Transport (KZT) ukukhipha aboHlanga kule mboni yezokuthutha njengoba leli bhizinisi lagcina seliqhoqhobelwe ngabamhlophe ngaleso sikhathi.

Kuthe sekungene uHulumeni Wentando Yeningi le mboni yezokuthutha yagcina isiwele emaNdiyeni okuthiwa yiwo namanje akhonyayo.

Esikhulume nabo babika ukuthi ngisho nasembonini yamatekisi kukhala isicathulo samaNdiya, yize engagqamile kakhulu khona kwazise ecashe ngaboHlanga ababaqashe njengezithunzela zawo.

Lokhu bathi kubonakala kakhulu lapho usomatekisi obaziwa njengenjinga eseshonile okuthi umndeni wakhe usale udla imbuya ngothi.

Manje labo ababeyibambe kule mboni yezokuthutha ngezikhathi zobandlululo basola uMhlonishwa Ndebele ngokuthi yena nozakwabo kuHulumeni esikhundleni sokulungisa umonakalo owashiywa ngamaBhunu, nabo baqhubeke lapho, ngokuthatha le mboni yamabhasi bayedlulisela kumaNdiya.

Lezi zinsolo ezishaqisayo ngoMhlonishwa uNdebele zidalulwe ngabantu iningi labo okwakungabashayeli benkampani yakwaPutco, abathi ngesikhathi uHulumeni Wentando Yeningi esedayisa lo msebenzi wezokuthutha ewudayisela osomabhizinisi abazimele. AboHlanga bazithole bevaleleka ngaphandle ngoba amathenda anikezwe izinkampani zamaNdiya.

Ngokusho kukaMnu uZeblon Mkonyeni owayeqale engumshayeli wamabhasi akwaPutco wagcina esephethe kwaKopeletsheni eThekwini uthi ngowezi-2001 kuya kowezi-2002 bayalelwa ukuba bonke ebebesembonini yezokuthutha bakhe inkampani engumfelandawonye ukuze bahlomule ngoba uHulumeni useyawudayisa lo msebenzi kosomabhizinisi abazimele.

“Inkampani yakwaPutco okuyiyona eyayinikeze aboHlanga amasheya yazama ukuncenga uNdebele ukuba ayixhase ngezidi ezili-R10 wayichitha ngokuthi uHulumeni akasenayo imali yokuxhasa amabhasi kodwa simangele yena futhi esexhasa izinkampani ezimbili zamaNdiya okuyiRemant Alton neKZT,’’ kusho uMnu uMkonyeni.

UMnu uJabulani Mncwango owayengumkhulumeli wabashayeli bakwaPutco ababengaphansi kwenyunyana iTransport and Allied Workers Union (Tawu) naye uhambe emazwini kaMnu uMkonyeni ekhala ngoMhlonishwa uNdebele.

“Ngesikhathi umsebenzi sesibona ukuthi usuyantengantenga ngenxa yokuthi izindleko zokuqhuba umsebenzi zase zingaphezu kwamandla ngenxa yokuthi uMnyango Wezokuthutha wawusuhoxise uxhaso lwemali owawuxhasa ngayo abemboni yamabhasi. Inkampani yethu yazama ukwenyusa imali yokugibela nakhona kwangalunga. Yagcina inkampani isisele nemizila emincane. Njengabakhulumeli benyunyana saba nomhlangano noMhlonishwa uNdebele emahovisi ase’BP Centre eThekwini siyocela ukuba okungenani asixhase ngezigidi ezili-R10 ngoba nathi njengabasebenzi sasesivumelene ngokuthi sizonikela ngamabhonasi kanye nomfaniswano ukuze inkampani ingavalwa ukuvikela umsebenzi wethu,’’ kusho uMnu Mncwango. UMnu Mncwango uqhuba uthi uMhlonishwa uNdebele wabachitha ngokuthi uhulumeni akasenayo imali yokuxhasa abamabhasi.

Uqhube wathi, “Ngokuhamba kwesikhathi inkampani yakwaKZT ibhekane nezinkinga zezimali nokuholele ekutheni iwe. UPutco uzamile ukuthenga inkampani yakwaKZT, kodwa uNdebele wathi kuzomele iqale ikhokhe zonke izikweletu zikaKZT. Abaphathi benkampani yakwaPutco bazama ukuxoxisana nomnyango kaNdebele ukuba okungenani bayinikeze inkontileka yeminyaka engama-20 ukuze ikwazi ukukhokha lesi sikweletu sikaKZT kodwa uNdebele wabachitha. Lokhu kuholele ekutheni uPutco agcine esehoxile KwaZulu-Natal wadiliza nabasebenzi abaningi.’’

Leli thumba okubukeka sekunesikhathi liqumbile libhoboke ngemuva kombiko wephephandaba iBAYEDE wangesonto eledlule, lapho leli libike kabanzi ngonya nesihluku sezikhulu ezimhlophe zikaHulumeni wobandlululo asikhombisa kuMnu uKenneth Mahlaba waseNewcastle, owayenoxhaxha lwamabhasi.

“UMnu uMahlaba akusiye yedwa owagilwa kule mboni yamabhasi kodwa kukhona nabanye osomabhizinisi abamnyama abaningi abacekelwa phansi nguHulumeni wamaBhunu. Kwakucekelwa phansi ngisho nalabo ababenezitolo ngoba engafunakali umuntu omnyama emabhizinisini,’’ kusho uMnu uMkonyeni.

See Also

UMnu uMkonyeni uqhuba uthi ngesikhathi kungena uHulumeni Wentando Yeningi baba nethemba lokuthi uzolungisa umonakalo owawudalwe nguHulumeni wamaBhunu kanti bayazikhohlisa.

“Esikhundleni sokuthi uHulumeni wethu avuselele amabhizinisi ethu acekelwa phansi ngamaBhunu naye ushayele isipikili sokugcina ngokuthi awadayisele amaNdiya,’’ kusho uMnu uMkonyeni.

UMnu uMkonyeni uqhuba uthi ukhumbula esinye isigameko lapho uMnu u-Ishwarlall Mangaroo ongumnikazi wenkampani iKZT Bus Services athola khona ithenda yokuthutha abantu oThungulu ehlula inkampani yakwaPutco nayo eyayithi ishaya ibuya KwaZulu-Natal. Nayo yayifake isicelo sale thenda kodwa yehlulwa ngoba uMnu uMangaroo osondelene nosopolitki ethembise ukuthi yena abasebenzi uzobahlomulisa ngebhasi umuntu emunye.

“Kwathiwa aboHlanga sebakhe umfelandawonye base bekhipha izithunywa ezaziyoxoxisana noMnu uMangaroo ngokuthi kuzosentshenziswana kanjani. UMnu uMangaroo wanxenxa lezo zithunywa ukuba zizikhulumele zona zikhohlwe wuquqaba. Nangempela nazo zabadayisa abantu ngoba ekugcineni zahlomula ngamabhasi,’’ kuqhuba uMnu uMkonyeni.

UMnu uMkonyeni uqhuba uthi nazo lezi zithunywa ezadayisa ngabantu aziphelelanga ndawo naleli bhizinisi lamabhasi ngoba uMnu uMangaroo wazihlala emqaleni ezisebenzisa kabuhlungu ngokuzithelisa imali enkulu okuholele ekutheni zingene ezikweletini zagcina ziwile.

“Okuhlekisayo ukuthi amabhasi alezikhulu agcina edliwe nguye futhi uMnu uMangaroo,’’ kuqhuba uMnu uMokonyeni.

UMnu uMkonyeni uqhuba uthi, uMnu uMangaroo ugcine eseyidle yonke imizila eyayingaphansi kukaPutco okwabalwa kuyo iClermont, Nanda naKwaMashu.

“EMpangeni naseShowe kukhala esakhe isicathulo njengoba inkampani uWashesha Bus Service isithathwe yinkampani yakhe uKZNT,’’ kuphetha uMnu Mkonyeni.

Scroll To Top