Now Reading
Isibuyela ezithebeni “eyelungelo” lokubika nokukhuxhumana nabaholi kuleli
Dark Light

Isibuyela ezithebeni “eyelungelo” lokubika nokukhuxhumana nabaholi kuleli

Yize kukhona ukuvumelana ngesidingo sokuxhumana phakathi kwezakhamuzi kanye nabaholi, ongoti bathi umkhankaso wakamuva ungene ngesinxele

 

KUQALE kwaba nenkulumo-mpikiswano ngelungelo labezindaba lokubika ngokukhululeka. Lapha ingxenye ethile yomphakathi kanye nakuhulumeni yayisola abemithombo yezindaba ngokubika ‘kuze kweqe’ ngempilo yangasese yabaholi bepolitiki kanjalo nalabo abakuhulumeni. Ngaleso sikhathi indaba yayisuswe umbiko wephephandaba langesonto nayilapho lalidalula khona umbiko kadokotela ngempilo kalowo owayenguNgqogqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt, Mantombazane (Manto) Tshabalala. Lapha abezindaba bazithethelela ngokuthi kuyilungelo labo ukuba babike lokho okuthinta umphakathi.  Akugcinanga lapho ngoba inhlangano ebusayo ike yahlongoza umthetho ozolawula ukusebenza kwabezindaba kuleli nokuyinto eyakhalisa cishe wonke umuntu osebenza ngokusabalalisa izindaba. Lapha abaphikisana nokwenziwa yinhlangano ebusayo  babesola ukuthi lokhu kuyisu nje likahulumeni neqembu elibusayo lokubamba ngomchilo abezindaba ukuze babike okuhle kodwa ngohulumeni nokuyinto uhulumeni ayichitha ngaleso sikhathi.

Emasontweni amathathu edlule iBAYEDE ibike ngokuzazelana phakathi kwenhlangano ezibiza ngeNjeje YamaNguni (iNjeje) noNgqongqoshe WezaseKhaya, uMhlonishwa uMalusi Gigaba. Okwakubangwa lapha wumkhankaso weNjeje wokusabalalisa izinombolo zomakhala ekhukhwini zabaholi abakuhulumeni kusuka kuMengameli wezwe. Lapha uMhlonishwa wayesola iNjeje ngokwephula umthetho kanjalo nokuthatha ilungelo lakhe. Ezikhalela wathi : “Ngicela eyami inombolo ningayikhiphi. Ngeke sikwazi ukusebenza uma kunje. Aninalo igunya lokwenza lokho.” Nokho ukukhala kukamhlonishwa kwabanhlanga zimuka nomoya ngoba njengoba yayithembisile iNjeje yazikhipha izinombolo okubalwa neyakhe uGigaba.

Lokhu kwakamuva kubukeka kuvuse inkulumo-mpikiswano ngokuthi kambe indlela esetshenziswa ngabaholi ukuxhumana nezakhamizi iyiphi.  Kukhona nokusola ukuthi lokhu hleze kukhonga okukhulu okuzayo kwazise ngonyaka ozayo elakuleli liya okhethweni lohulumeni bezindawo.  Okwenza kube nalokhu kusola wukuthi eNingizimu Afrika usukhona umkhokha lapho njalo nxa sekusondele ukhetho bese kuba nodaba olubangwayo. Ngokhetho olwedlule nje indaba yayimayelana nezindlu zangasese.

INjeje sengathi igeje umgodi kodwa

Ephawula ngomkhankaso weNjeje, loyo ophethe uphiko lwezifundo zepolitiki, eNyuvesi yaKwaZulu-Natal uDkt Sakhile Hadebe ukuhlabe wakuhlikiza okwenziwa yiNjeje: “Ngiyavumelana nokuthi akulula ukuthola izikhulu zikahulumeni uma uzithumela imiyalezo ngama-email noma uzama ukuzithinta ngezinombolo zasemsebenzini kodwa lokho akunikezi muntu ilungelo lokuthi asabalalise izinombolo zabo. Izikhulu zinezimpilo ngaphandle komsebenzi, zinanemindeni yazo okumele zibhekelele izidingo zayo ngaphandle kokukhala kwezingcingo usuku lonke.”   Eqhubeka nokubuka lesi simo, uHadebe usole ukuthi kuze kufikwe kulesi simo nje yingenxa yabathile emahhovisi kahulumeni abangawenzi umsebenzi wabo ngendlela okulindeleke ngayo.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uSenzo Mchunu ngomlomo waloyo ongumkhulumeli wakhe, uMnu. Sibusiso Magwaza uthe okufunwa yiNjeje akunabo ubufakazi bokuthi buzoxazulula inkinga yezokuxhumana nokuthi kuzophuthumisa ukuxazululwa kwezinkinga emphakathini. Ekhuluma naleli phephandaba uMagwaza uthe: “Abe Njeje uma bengasivezela ucwaningo olukhomba ukuthi izimfuno zilethwa ngokushesha emphakathini uma abantu benezinombolo zezikhulu singaba nenye inkulumo-mpikiswano. Kodwa okwamanje singasho ukuthi abakwenzile kube wubudedengu ngasohlangothini lezokuphepha.”

See Also

Ungoti  wezomthetho  nezomnotho uSolwazi uBonke Dumisa uthe ngokomthethosisekelo eNingizimu Afrika abantu emphakathini banelungelo lokuthi bazwakalise imibono yabo ngokukhululeka banikezwe indlebe yizikhulu zikahulumeni. “Nazo izikhulu zikahulumeni zinelungelo lokuvikela impilo yangasese. Ukuze lamalungelo amabili angashayisani izikhulu zinezindlela zokuthintwa ngabantu bomphakathi, nezinye zokuthintwa abantu abasondelene nabo. Asikho-ke isidingo sokuthi izinombolo zasekhaya zezikhulu zinekelwe umphakathi ngoba lokho kuhlukumeza amalungelo azo.”

UDumisa usole abeNjeje ngokuthi bangamasakabula athanda ukubukwa ngalo mkhankaso wabo washo nokuthi abakwenzile ngeke kusize muntu.

Scroll To Top