Now Reading
Kungabe asinabo ababhali beshashalazi kuleli?
Dark Light

Kungabe asinabo ababhali beshashalazi kuleli?

Imidlalo eminingi yeshashalazi nebonakala iqhakanjiswa kakhulu minyaka yonke, ngisho nakwi National Arts Festival imbala, ileyo ebhalwe ngabamhlophe – bese kuthi gqwa gqwa ngaleyo yababhali nabaqondisi bomdabu.

LOKHU kunomthelela omubi kwezobuciko emkhakheni weshashalazi (yize nalesi sifo sibonakala nakumabonakude – lapho uma sekwenyuka amagama ababhali kuba ngabamhlophe abaseqhulwini). Ububi balokhu kuba ukuthi okutshengiswayo kuthi kuxoxa ngabomdabu kodwa kube kuphambene nempilo namasiko abo. Uma ubheka umdlalo wethelevishini u “Shaka Zulu” wawubhalwe ngabamhlophe (amaNgisi) futhi uqondiswe yibo kodwa ube uqonde ukuxoxa ngempilo nobukhosi beLembe.

Akekho owomdabu ohluzile ongabonanga ukuthi lo mdlalo wasebenzisa igama leLembe ukuhlanekezela nokuxova umlando nengqikithi engesizwe sikaZulu nokuqhubezela phambili imfundisoze ngeSilo sakwaBulawayo uShaka. Lo mdlalo wawuqhakambisa amaNgisi qha kodwa kusetshenziswa abengabadi! Isisho sase-Afrika esithi “kuze kube amabhubesi ngokwawo aba nosomlando bawo indaba yokuzingela iyohlala njalo iqhakambisa ubuhlakani bomzingeli”. Lokhu kuchaza ngokusobala ubumqoka bokukhuthaza abomdabu ukuba babhale izindaba zabo ukuze zingaxoxwa ngabezizwe. Lesi yisifo sezwekazi lonke lase-Afrika – ingakho izindaba zethu namanje zixoxwa o-CNN no-BBC.

Lapha e-Afrika eseNingizimu sinenkinga ngisho ezikhungweni zokubonisa imidlalo yeshashalazi – lapho izinhlelo zakhona zingo” gqamu-cishi” – ngenxa yakho njalo ukusweleka kwemidlalo yeshashalazi ebhalwe ngokuyikho nokuseqophelwni – ikakhulukazi ebhalwe ngabomdabu – nexoxa ngempilo yabo. Inkinga akukhona ukwesela kwezindaba ezingaphendulwa emihle imisebenzi yeshashalazi kodwa inkinga ababhali beshashalazi, abaqeqeshwe ekubhaleni esingenabo.

Ngenxa yalesi sifo noma ngubani uphenduka uvukayibambe azibize ngombhali. Lokhu ukubona kakhulu kulabo balingisi abanele bavele kabili kathathu kuthelevishini – ngokubona isikhala sokusweleka kwababhali – bese ubabona sebevule izinkampani zabo sebefundisa ukubhala, ukulingisa nokunye – kodwa kwabona bengakaze baqeqeshwe ekubhaleni.

Lokhu kwenza-ke imboni yezobuciko ibukeke njengemboni “yokuzozama inhlanhla” nokuyenza yehlelwe yisithunzi. Ukubhalela ishashalazi noma ezamafilimu kudinga uqeqesho lwakhona olunzulu – ukuze noma ngabe i-script sakho sifundwa umuntu ose New York, kwelaseMelika, London, kwelaseNgilandi noma eMoscow, kwelaseRashiya  akwazi ukusiqonda – ngenxa yokuthi njengombhali ulandele indlela eyiyo yokubhala.

Lapha kwelakithi zincane kabi izikhungo ezifundisa ngokubhalela imidlalo yeshashalazi – kodwa kunenqwaba yababhali balomkhakha – abangaqeqeshiwe, abanye babo okwathi ngokuthola ithuba lokudlala ngaphansi kwabaqondisi abathile, bathi bangayeka, bese beba abaqondisi nababhali (izimpumputhe eziholana zodwa ziphelela eweni)! Yikho-ke lokhu okugcina sekuxosha nababukeli bemidlalo yeshashalazi ngoba bayabona ukuthi kudlalwa ngabo. Ukuze ishashalazi nemboni yezobuciko ikhule iyabadinga ababhali abasezingeni. Ukuba sezingeni-ke kudinga imfundo, noqeqesho emkhakheni wokubhala.

Ukuze izindaba zethu eziningi zikwazi ukuphumela eshashalazini sidinga ababhali abakufundele ukubhala nababhala ngokusezingeni. Kungenjalo izindaba zethu zobe zilokhu zibhalwa abezizwe thina-ke silandele ngokushaya ihlombe. Uma ubheka umdlalo weshashalazi osezingeni lomhlaba we Lion King Musical uxoxa indaba yase Afrika – kodwa awuzange ubhalwe ababhali base Afrika.

Namhlanje lo mdlalo udume umhlaba wonke futhi uqasha inqwaba yabalingisi bomdabu balapha eSouth Africa ukuze indaba yawo ixoxeke kahle. Kuhle lokhu – kodwa-ke thina siyobhala nini ngezindaba zethu? Yebo inkinga ibuye ibhebhethekiswe wukunganakwa kwezobuciko nanguhulumeni wethu neminyango ebhekele zona. Iminyango yethu ayikholelwa nhlobo ekuqeqesheni ngokwezinga le-professional – iyathanda ukwenza okunqamulelayo nokungasiyisi ndawo, igcine icala.

Akukuhle ukuthi ezweni elinabantu abangaphezu kuka 50 million kodwa kukhalwe ngokuthi lelo lizwe alinabo ababukeli bemidlalo yeshashalazi – bayagqoza! Kodwa-ke uma kuyimidlalo yeshashalazi yabelungu kugcwala phama. Lokhu kubeka isithombe sokungathi lendima yeshashalazi iphethwe abamhlophe futhi yibo abayesekelayo.

Yini lena ehlula abomdabu ukuba babhale izindaba ezinoju ngezwe labo? Singakhohlwa, “izwe elingenalo ishashalazi eliphilayo, lifana nezwe elifile”. Uhulumeni ongaqhakambisi ezobuciko uba nesizwe esithuthuke ngokwengqalasizinda kuphela kodwa esibuthuntu. Ucwaningo olunzulu oselwenziwe selutshengisile ukuthi amazwe aqhakambisa futhi akhulise ezobuciko aba nesizwe esizigqajayo ngesiko laso, amagugu aso, kanye nokuzithanda sona njengesizwe. Yingakho emazweni aseNtshonalanga uthola kugcwele ama-museum, ama-theatre kanye nezindawo ezigcine umlando.

Lokhu kwenziwa ngaphandle kokuzenyeza nokubeka izaba. Kodwa thina lapha e-Afrika sinokuzinyeza okukhulu ngokungamagugu ethu, okuyiwo asenza sibe abantu. Sixolela ukudumela sinqake okwabezizwe, sikhohlwe okwethu.

Mhlawumbe ingakho-ke singakwazi nokubhala ngoba asazi ukuthi sizobhalani ngoba sifuna ukubhala ngokwaphesheya noma siguqule khona sikwenze kubukeke kungokwethu.  Ngenxa yokungabi nabo ababhala ngathi nangokwethu sifana nesizwe esifayo, esibuyela emuva.

Kumanje sigajwe izinkinga eziningi lapho kuyinsakavukela ukubona amaphepha ebhala isonto nesonto ngokudlwengulwa kogogo, kwezingane, ukubulalana kwezithandani, amaphoyisa adubula imindeni yawo bese nawo ezibulala, nokunye okutshengisa ukugula kwesizwe sethu ngenxa yokuthi asinabo ababhali abaqwashisa futhi baphilise isizwe.

Uma izingane zingaphephile emakhaya ngenxa yokudlwengulwa omalume, zingaphephile ezikoleni ngenxa yokudlwengulwa othisha futhi zingaphephile emasontweni ngenxa yabefundisi abaxegelwa yizimilo – kanti ziphephe kuphi? Kungani-ke singenabo ababhali abangabuki lemi phumela yokubi kodwa ababhala ngemisuka yalokhu kufa kwesizwe? Kungabe besaba ukuthi uma bebhala ngemisuka izosuke ithinte abangathintwa?

See Also

Asibhaleni ngokufa komndeni womuntu ongumAfrika, singahlonizi ukubeka ukuthi ama-mishinari aba nomthelela omkhulu kulokhu. Uma sigwegwesa ngeke sikwazi ukubhala imidlalo engavusa futhi yelaphe iphilise isizwe. Kungabe kungenxa yokungabi nalwazi lokubhala? Kungani singabhali ngokubaluleka kweshashalazi e-Afrika ekwakheni isizwe – lapho ogogo nomkhulu babexoxa izinganekwane ezakha isizwe duzane nomlilo?

Sesabani ukuqhakambisa ukuthi ubuhlakani beshashalazi abuqalanga eGreece njengoba imibhalo yaseNtshonalanga isho kodwa baqala lapha e-Afrika – kwantshontshwa amaGreek ayezofunda e-Afrika, akuyisa eGreece – ase eba nomshophi wokuhlulwa amaRoma – nawo abe esentshontsha akuthola eGreece akuguqula kwabhalwa ngesiNtaliyane ukuze kubukeke kungokwabo?

Kumanje lapha eMzansi izikhungo zethu zeshashalazi ziphansi phezulu zithenga imidlalo yeshashalazi yaphesheya ngemali eshisiwe ziyilethe lapha – kungani leyomali ingasetshenziswa ekubhaleni imidlalo esezingeni yakuleli? Kumanje kunomdlalo obizwa ngeSHREK oqashwe ukuzokhonjiswa kuleli.  Amalungelo alomdlalo athengwe ngezigidi zemali!

Uma singenabo ababhali abanohlonze kungani iminyango yethu yezobuciko ingafaki imali ukuthi kuqeqeshwe ababhali bomdabu ukuze balekelele ekukhuliseni ezeshashalazi kuleli?

UMnyango WezeMpilo wakwazi ukubona ukuthi kunokugqoza kodokotela boMdabu kuleli wathumela inqwaba eCuba ngenxa yezinga laleliya lizwe ekukhiqizeni inhlobo yalabo dokotela ababedingeka. Ihlulwa yini iminyango yamasiko nezobuciko ukuthumela ababhali, abaqondisi – ukuba bayonyonkela ulwazi oluphezulu koBroadway, West End nakwezinye izikhungo ezaziwayo emhlabeni – ukuze phela kuzokhuliswa ezokubhalela ishashalazi kuleli nokukhulisa imboni yezobuciko?

Phela ukwenza lokhu kungasisiza ukuba singalokhu sibona imidlalo yabelungu kuyiyo egiyayo ematheatre akuleli ngisho nakufestival ethathwa njengeyesizwe kodwa kuMain Programme yayo selokhu kwathi nhlo iqhakambisa okungekhona okwethu nokubhalwe yithi! Asibonge-ke ukuthi ababhali abafana noDr John Kani namanje basakwazi ukubhala imidlalo ebuka ukuthi sisukaphi kulentando yeningi yethu efana no “Nothing But The Truth” ne “Missing”.

Ukukhuthaza ukuqeqeshwa kwababhali beshashalazi, ifilimu nomabonakude kuzosenza singabi nendlala yababhali boMdabu abasezingeni. Kuzophinde kunqande nokuthi sifunzwe imidlalo ehlanekezela okungathi nokungasikhulisa sibe isizwe esihloniphekile.

  • Edmund Mhlongo (Artistic Director, Founder Ekhaya Multi Arts Centre, and current scholar of Doctorate of Business Administration (DBA), Paris School of Business)
Scroll To Top