Now Reading
Bangompetha ngegama banikwa ubala
Dark Light

Bangompetha ngegama banikwa ubala

Siyanda isibalo sabashayisibhakela abanikela phesheya kwezilwandle ukuyolwela amabhande omhlaba azobakhokhela ubala.

ISONTO eledlule liphele ngezibuhlungu zokuthi uZolani “Last Born” Tete useqome ukulilaxaza ibhande le-International Boxing Federation (IBF) kuJunior Bantamweight. Lokhu kungenxa yobala abezoluthola njengenkokhelo ngemuva kwempi yakhe noMcJoe Arroyo wasePuerto Rico. Lempi ebizolwelwa ekuhambeni.

Le mpi ebizoba sezinyangeni ezimbili ezizayo, ebiqhathwe yiGolden Boy Promotions ka-Oscar Dela Hoya waseMelika. Uma sekubanjwe intela nokunye okuningi, okaTete ubezosala nohlweza oluyizi-R71 000. Njengoba  bekuzoba kuyihlandla lesibili evikela leli bhande bekubhekwe ukuthi athole imali engalena kwesigidi. Ngesikhathi elivikela okokuqala leli bhande empini ayilwa noPaul Butler waseNgilandi ekuhambeni wabuya no-R500 000. Kwenzeka lokhu nje IBAYEDE ihoshe ukuthi uNkululeko “Bulldog” Mhlongo uzosala no-R40 000 ngemuva kwempi yakhe no-Isaac Rodriguez waseBrazil embangweni wele-World Boxing Federation (WBF) Middleweight  ezoba ngoLwesine eBrazil.

URodriguez uzobe elivikela okokuqala leli bhande selokhu elinqobe eshaya uJose Pinzon nyakenye. Ethintwa uMhlongo odabuka eziQwaqweni, eShowe  ukuvumile ukuthi ulibhekisa eBrazil ukuyofela lolu bala. Uthe kulo-R40 000 usazokhokhela umqeqeshi wakhe nemenenja. Uthe mhlawumbe uzogcina esele no-R20 000. “Isimo sami sihlukile kwesikaTete, kangisebenzi futhi kanginabaxhasi. Kungcono ngiye eBrazil kunokungatholi lutho. Kunabantu okufanele ngibondle kunjalo nje, ngiphinde ngikhokhele indawo yokuhlala nokudla. Ayikho into engizoyenza,” kubeka uMhlongo oqeqeshwa nguSechaba Mabuya eGauteng.

Kumanje lo mshayisibhakela ungumpetha weWBF Intercontinental nelakuleli leJunior Middleweight. Ugcine ukubonakala eringini ngasekupheleni konyaka odlule eshaya uSikhulile Sidzumo kweyebhande leWBF Intercontinental. Mayelana nombuzo wokuthi kubangelwa yini ukuthi sonke lesi sikhathi angalwi uthe: “Benginenkontileka neBrown Bomber Promotions kaLuvuyo Mgxaso ohluleke wancama ukungqiqhatha. Kodwa-ke ukuhlala kwami isikhathi eside ngeke kube yinkinga njengoba ngihlala ngijima ngokuzimisela”. Uthe usezibonile izimpi eziqoshiwe zikaRodriguez, uyibhokisa elinamandla futhi eliya phambili. Nokho uMhlongo uphawule ukuthi isitha sakhe kasinamqondo. Uzibona eqeda ngaso phakathi komzuliswano wesi-7 noma wesi-8.

Lo mshayisibhakela uveze nokuthi uma ebuya eBrazil uzovikela ibhande lakuleli kuFrans Ramabola empini okubhekwe ukuthi iqhathwe yiRainbow Boxing Promotions kaPat Molefe. UMhlongo usashaywe kabili kuphela ezimpini ezili-19 asezilwile kanti ezili-14 uzinqobe ngemingqimuzo yomlalisa phansi. Ngakolunye uhlangothi uRodriguez kwezingama-23 naye usashaywe kabili. Ili-17 imingqumuzo yomlalisa phansi.

Ukubuyela odabeni lukaTete osezohlukana neBranco Sports Productions kaBranco Milenkovic, kuzobe kuyibhokisa lesine elingaphansi kwalo promotha lilaxaza ibhande le-IBF ngenxa yezinkinga zemali.  Elokuqala  kube nguSimphiwe Nongqayi  olaxaze lona ele-IBF Junior Bantamweight elishiywe nguTete. Kulandele intokazi yakulile, uNoni Tenge kwiWelterweight  noMzonke Fana kwiLightweight abaphucwe amabhande ngenxa yokungawavikeli isikhathi eside. Omunye nguMoruti Mthalane wakulesi sifundazwe olilaxaze phansi ngoba ubezobuya namasenti  eThailand lapho abezoya kolivikela khona.

See Also

Kuvela ukuthi isivumelwano sokusebenzisana phakathi kukaTete noMilenkovic siyaphela ekusongweni kwale nyanga kanti kunemibiko ethi ngeke sivuselelwe. Njengoba uTete eselilaxaze phansi leli bhande inhlangano ye-IBF seyimemezele ukuthi u-Arroyo usezolibanga no-Arthur Villanueva wasePhilippines leli bhande elingasaphethwe ngumuntu empini okuthiwa izoba mhla zili-18 kuNtulikazi.

UMlandeli Tengimfene oyimenenja kaTete uthi isinqumo sokuthi umshayisibhaela wakhe ashiye leli bhande siphoqelelwe yizikhulu zesibhakela ePuerto Rico ngokuthi zithi abafike sekusele izinsuku ezine qhwaba ngaphambi kwempi.

“Uma besindiza siya eMelika besizohamba amahora angama-40 bese kuthi uma sifika khona sithathe indiza eya ePuerto Rico. Asazi-ke kuhanjwa isikhathi esingakanani uma kuyiwa khona. Bekungenzeka sifike ngosuku olwandulela impi. Amathuba okuthi uTete kule mpi ashaywe ngomgqimuzo womlalisa phansi abemaningi njengoba ubezobe ekhathele eyimvithi,” kubeka le menenja. Kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni edlule uNongqayi wazithola elala esiteshini samaphoyisa eMelika ngemuva kokushiywa yindiza eyayiya eMexico lapho ayeyovikela khona ibhande le-IBF. Kuleyo yimpi washaywa.

Scroll To Top