Now Reading
Amahloni kuthinteka neNingizimu Afrika kwelomkhonyovu we-FIFA
Dark Light

Amahloni kuthinteka neNingizimu Afrika kwelomkhonyovu we-FIFA

INHLANGANO eyengamele ibhola kuleli, i-South African Football Association (SAFA) isiphendule ngokukhulu ukunengeka ngokuthinteka kwelakuleli enkohlakalweni ye-International Federation of Association of Football (FIFA).

UMnyango wezoBulungiswa wase-United States of America (USA) ubophe izikhulu ezi-9 ze-FIFA. Isitatimende esikhishiwe siveze ukuthi lezi zikhulu zisolwa ngomkhonyovu wokugwazisa nokugwaza ngamalungelo okusakazwa kweNdebe yoMhlaba eNyakatho naseNingizimu ye-America.

Umbiko wommeli uGeneral Lorerta Lynch uphinde waveza ukuthi kunezikhulu ezimbili zaseNingizimu Afrika ezakhokha imali engu-R120 million ukuze kulethwe iNdebe yoMhlaba ka-2010 kuleli.

Isikhulu esiphezulu kwezokuxhumana kwi-SAAFA, uDominic Chimhavi, uthe, “Siphoxekile ngokuthi igama lethu lihuduleke phansi kanjena. Lokhu sikubona njengokuthi thina sanika abantu abathile izimali zokugwaza. Sicela uma kunomuntu onobufakazi balokho abuveze. Okusiphatha kabuhlungu wukuthi abantu abakhulu njengo-Tata Nelson Mandela no-Emeritus Desmond Tutu yibona ababephambili ekulweleni ukuletha iNdebe yoMhlaba lapha. Manje abantu abahlonishwa kanjena bangeyenza kanjani inkohlakalo?” uphawule kanje.

Amehlo omhlaba azobe ethe njo kuDkt Danny Jordaan osanda kuqokwa kwesobuMeya eNelson Mandela Bay Metro ePort Elizabeth kwazise wayephambili kwababezikhandla ngokuletha iNdebe yoMhlaba ka-2010 kuleli eyi-CEO.

Amaphoyisa ophiko lwe-FBI athole ukuthi lezi zikhulu, okukhona kuzo nowayeyisekela likaMongameli weFIFA, uJack Warner, zithinteka esambeni sika-R1.8 billion.

UJordaan akafunanga ukuphawula nokho uthe akanankinga ngophenyo oluzoqalwa.

Isitatimende se-FBI sifundeke kanje. “Ngaphambi kokukhethwa kwezwe elizosingatha iNdebe yoMhlaba ka-2010, okwakumele kwenzeke ngoNhlaba 2004, uJack Warner nomunye ayesebenzisana naye, banikela eMorocco njengoba babenzile ngo-1992 ngaphambi kokuvotelwa kweNdebe yoMhlaba ka-1998.

See Also

Ngesikhathi sebeseMorocco, isikhulu esasisebenza ophikweni lokubhida saphakamisa ukuthi sizokhokhela u-Warner ukuze iMorocco inikwe iNdebe yoMhlaba ka-2010. Ngaleso sikhathi uWarner wayeyisikhulu esiphezulu kwi-FIFA.

Izolo bekulindeleke ukuthi uNgqongqoshe weZemidlalo uFikile Mbalula aphawule ngalezi zinsolo.

I-Uefa ibiphakamise ukuthi ukhetho lwayizolo lwe-FIFA luhlehliswe.

Scroll To Top