Kuhle ukuphawula emva kokubuzisisa nokucwaninga okunzulu


UKHONA umbono lapha phandle othi ipolitiki yinto ‘yamanga’ noma bona kanye osopolitiki kabathembekile.
Kungasa emnyango kuphikiswana ngobuqiniso noma ubuhaba bombono onjengalona. Nokho okungethathe sikhathi ukuba sonke sivumelane ngakho wukuthi osopolitiki laba kabaveli emkhathini, bavela emphakathini.
Uma sivumelana ngalokho, siyophinde futhi sivumelane ngokuthi osopolitiki laba esithi banamanga bayisibuko somphakathi abavela kuwo. Uma ‘amanga’ abo echuma asuke enziwa wukuthi izakhamuzi eziyithi ziyawalalela futhi ziyawemukela.
Izigameko zesikhathi esiyizinyanga ezimbili ezedlule kuleli zikuqinisekisile lokhu engikhuluma ngakho. Indaba iqale lapho kukhona imibiko ebivela kwabezindaba lapho bethi Ongangezintaba Zakhe, ISILO ukhulume amagama anokucwasa emcimbini owawuso Phongolo. Lezi zindaba zabhebhethekisa okomlilo wequbula, kwasha ubuhanguhangu. Namuhla sekuya ngokuvela ukuthi kwaba khona ihaba kuleyo mibiko.
Okwamangaza kwaba wukuphawula kwabathize emaqenjini epolitiki. Ngaphandle kokubuza, ukucwaninga noma ukufundisisa inkulumo yeSILO egcwele babe sebephawula ukuthi ukukhuluma koNgangezwe Lakhe kube yiphutha. Isimangaliso kube wukuthi ngisho nabantu abathathwa ngokuthi bayizazi nabo bangene ogibeni lokuphawula bengakaze bayibone nenkulumo yeSILO. Omunye walaba bantu ngu Mnu Pierre De Vos novame ukuphawula ezindabeni ezithinta umthethosisekelo. Yize kuyilungelo lakhe oka De Vos ukuphawula, inkinga iba sekuthini uze eqe akhulume sengathi lokho akushoyo kuyisinqumo senkantolo, kanti ngumbono nje. Nalapha odabeni oluthinta ISILO wenze njalo.
Omunye ophawulile kube yiloyo okhulumela i-DA uNksz Phumzile van Damme naye othe ISILO sikhulume kabi. Isimanga wukuthi ngaphandle kokuthi naye njengeningi labahlaba inkulumo, akakaze azihluphe ngokuthola ubuqiniso bodaba. Kwala ngisho eseboniswa ngokuthi hleze abezindaba kabakhulumanga okuyikho, qha, le ntokazi ibambelele kwekholelwa yikho nesikushilo.
Okuhlekisayo wukuthi ngonyaka owedlule (2014), le ntokazi ibisematheni inukwa ngokuba ngumkhohlisi ngoba ithi ingeyakuleli lizwe kodwa empeleni ibe idabuka kwa Ngwane. Kwanele kwaphuma leyo mibiko iqembu lakhe layiphebeza lasola ihaba kwabezindaba. Impela baze basho into engakholakali ukuthi lentokazi yaluthwa ukuthi ithi ingeyaseNingizimu Afrika.
Yona kanye le ntokazi neqembu layo ithi kasikholwe yimbudane yokuthi lobu bugebengu bokuthi kuthi unina noyise bengabakwaNgwane kodwa yona ithi ingeyaseNingizimu Afrika kwenziwa yisisebenzi thizeni sakwaNdaba Zabantu. Ilumbo uqobo lwalo!
Okuhlekisayo ngabantu abafana noDe Vos noNksz Van Damme wukuthi kuthe uma sekuqhamuka izindaba zokuthi intandokazi yabo okuyintatheli eyaziwayo uMnu Alister Sparks ecashunwa bukhoma uthe, omunye wabaholi abaqala uhlelo lobandlululo babekhaliphe lokhu okwedlulele. Lomholi nguHendrik Verwoerd weqembu lamaNeshinali nowayengubhongoza ekwakhiweni kwemithetho yobandlululo. Isimanga wukuthi kuthangi lokhu iningi labantu bebethi u Mnu Mcebo Dlamini wenze iphutha ngokuthi athi uyazifela ngalowo mholi owayephambili kubhuqwa amaJuda eJalimane u-Adolf Hitler.
Abanye balaba bantu banuke uDlamini ngokuthi inkulumo yakhe inobuhlanga njengoba benza nakuleyo kaNgangezwe Lakhe lapho bethi ukhulume wacwasa. Nasi isimanga, nxa sekungu Sparks ophawula ngofeleba lo ongu Verwoerd sekusho inhlangano ka Van Damme ukuthi uSparks ucashunwe kabi. Okuhlekisayo wukuthi uSparks uthi umile akaguquki kwakushilo. Ubencoma uVerword esemcimbini wayo i-DA obusakazwa bukhoma kumabonakude.
Isifundo esibi esisibonayo kuzo zonke lezi zehlakalo wukuthi eNingizimu Afrika sengathi kukhona abantu okumele basho okuthile bangaphikiswa kodwa abanye banqanyulezwe. Kukhona okumele kumbandazwe kubo kuthiwe bacashunwe kabi ngabezindaba. Kube sekuba khona okumele kuthiwe benze iphutha elesabekayo elingabekezeleleki.
Njengoba uSparks ekhulume kanje ungamangali uma indaba yakhe inyathelwa ngezinyawo ngisho nangabahleli bamaphepha ngoba phela kone intandokazi. Lokhu okuthinta ISILO, awu yinto yokwenza ibhizinisi leyo isazoqhubeka inqobo nje uma amaphephandaba esafuna ukukleza ngegama leSILO.