Now Reading
IHhovisi likaMengameli seliphinde elidume ngakho
Dark Light

IHhovisi likaMengameli seliphinde elidume ngakho

Eminyakeni eyedlule iHhovisi likaMengameli noma laba abaluleka uMengameli uZuma bake basolwa ngokuthi kabazenzi izeluleko eziphusile nokugcina kufaka uMengameli nohulumeni wakhe ehlazweni. Lokhu kuphawulilwe odabeni oluthinta umbiko woMvikeli woMphakathi kanye nodaba lokubulawa kwabasebenzi emayini yakwaLonmin.

Kulezigameko zombili izingqapheli zasola hayi kuphela ithimba labameli kepha nalabo abeluleka ngezokuxhumana. Izigqapheli bezisola ngokuthi ukuphawula sekwedlule isikhathi noma sekube nomsindo kwehlisa isithunzi ihhovisi likaMengameli. Lomkhokha kubukeka ungezukuphela ngoba namuhla (ngoMsombuluko) ekuseni kube yisoleso. Ikhomishana yokuphenya (izigwegwe) ukusebenza kwaloyo ongu-Mqondisi Omkhulu kuNational Prosecuting Authority’s (NPA), u-Advocate uMxolisi Nxasana imiswe khona kulandela umyalelo kaMengameli.  Lokhu kuvezwe yilowo owusihlalo waleKhomishana u-Advocate uNazeer Cassim nowazise amathimba abameli nabezindaba ukuthi uthole umyalezo “izolo kusihlawa” ukuba “amise loluphenyo” ngakho “lokhu ebengijutshwe ukuba ngikwenze akusekho”.

Lamazwi kaCassim amangaze iningi lezintatheli ebezihambele lesisithangami ebesibanjelwe emahhovisi akwaSouth African Law Reform Commission. Okumangazayo wukuthi kungani ihhovisi lika Mengameli lingakwenzanga lokhu kusenesikhathi lize lilinde usuku lapho winke umuntu eselinde ukuba luqalwe uphenyo lolu. Izinkulumo ezingakaqinisekiswa zithi sekukhona ukuvumelana ngasese phakathi kukaMnu uNxasana kanye no Mengameli uZuma. Lokhu kuvumelana kungase kunqume ukuthi uNxasana esule esecoshe isizumbulu semali njengoba kwenzeka nakwabanye ozakwakhe abahlala nje isikhashana bese kusuka ukukhuluma.

Uma lemibiko yokuthi uNxasane angase axoshiswe ngomehlo kabomi ukuze ashenxa kuyobe akuqali. Ngenyanga kaMfumfu iBAYEDE iveze  ukuthi uNxasane ngalesosikhathi wayenqaba ukuxoshiswa ngesamba semali engu-R5 million. Kuthiwa yena wayethi ufanelwe yizigidi eziyi-R7.5 million nokuyimali elingana naleyo yaloyo owayephethe isikhundla sakhe phambilini uMnuz Vusi Pikoli.

Umlando omfishane ngokuxoshiswa kwezikhulu zikahulumeni nezisebenzi

Ngeminyaka  yo-1960 uMhleli wephephandaba laseBrithani, i-Daily Express uMnu uFrederick Ellis, waqhamuka netemu elithi golden handshake. Lapha lo Mhleli wayechaza ngesigatshana esithize esasivame ukuba sezinkontilekeni zezikhulu zezinkampani nezikahulumeni. Lesi sigaba esiba kulezi zinkontileka sasiqinisekisa ukuthi uma isikhulu lesi kwenzeka siphelelwa ngumsebenzi ngenxa yokuxoshwa noma lapho inkampani ihlelwa kabusha noma sekufika isikhathi somhlalaphansi, umqashwa lo kube khona akutholayo. Lokhu kungaba yisamba esithize semali noma amasheya.Leli gama noma isenzo sesivamile kakhulu nakuhulumeni waseNingizimu Afrika, kusuka kuzwelonke kuze kuye kuhulumeni wezindawo. Ngisho nezinkampani eziphethwe nguhulumeni nazo ziyakwenza ukuthi nxa isikhulu sesishiya sigixabezwe ngezizumbulu zemali kube sekuphelile njalo. Isibonelo yilokhu okwenzeka enhlanganweni yezokusakaza kuleli i-South African Broadcasting Cooperation (SABC). Le nhlangano idume ngokugixabezwa kwezikhulu zayo ngezigidi. Ngokombiko wonyaka wezezimali wayo le nhlangano, loyo owayeyisikhulu sophiko lwezindaba, uMnu uPhil Molefe, uthole u-R4.8 million.

UMnu uMolefe washiya u-SABC emva kwesivumelwano esaba khona kulandela umdonsiswano wasezinkantolo mayelana nokumiswa kwakhe. Ngokombiko lesi samba semali agixabezwa ngaso siyisinxephezelo seminyaka emibili eyabe isisele enkontilekeni yakhe yeminyaka emihlanu. Loyo owayeyisikhulu esiphezulu sale nhlangano, uNkk Lulama Mokhobo, yena wahlomula u-R8 million emuva kokusebenza nje izinyangaeziyishumi nanye.

See Also

Ukuhlomula kwalezi zikhulu ezimbili kulandela okuka-Advocate Dali Mpofu ngo-2009 naye owazivumela ukuba waxoshiswa ngo-R14.1 million emuva kweminyaka emibili. Naloyo owaphatha phambi kwakhe uMnuz Solly Mokoetle naye ngo-2011 waphuma no-R 3.4million emva kokubamba.Esinye isikhulu esiphezulu kwa-SABC, uNksz CharlotteMampane, saxoshiswa ngemali ebalelwa ku-R4.3 million ngo-2012.

Lesi senzo sokugixabezwa kwezikhulu siyenzeka eminyangweni kahulumeni, ikakhulukazi kulabo abayizinhloko zeminyango  ezivame ukushiya kungakafiki isikhathi ngoba phakathi kokunye sekungena umphathi omusha. Kanti nakohulumeni bezindawo lokhu sekujwayelekile lapho izimenenja zenza izivumelwano nabaphathi ukuthizihoxe bese zithola izizumbulu.

Scroll To Top