Now Reading
Kuhlanya kuni lokhu okwenza sizonde abakwethu sesabe abelungu?
Dark Light

Kuhlanya kuni lokhu okwenza sizonde abakwethu sesabe abelungu?

ZIMBILI izinkulumo ezishiwo nguMengameli wezwe uMhlonishwa uJacob Zuma azishilo kulonyaka ezingenze ngaxukuza ugebhezi ngadepha. Eyokuqala kwaba yileyo ayethula ngesikhathi kunemigubho yeminyaka eyi-102 kwasungulwa iqembu lakhe, i-African National Congress. Lapha waphawula ukuthi usizi lwaboHlanga kuleli liqale ngesikhathi umfokazi owayaziwa ngokuthi ngu Jan van Rebeck ebeka unyawo lakhe kuleli.

Eyesibili uyithule nje esikhathini esingamasonto amabili lapho bekunemigubho yenkululeko.  Kulezizinkulumo zombili uMengameli ulandise ngesikhathi esiphuma kuso.

Sekungumlando ukuthi lelizwe elake laba nemithetho yobandlululo eyesabekayo nalo selino Mthetho-sisekelo. Lomqulu owaqoshwa njengomthetho ngonyaka ka 1996 unezigaba eziningi  waba ngenye yento yokwesula izinyembezi iningi laboHlanga ababephuba esikhathini sengcindezelo. Namuhla uma uzwa izizukulwane ngezizukulwane zichaza ubuhlungu nobunzima okwakuphila ngaphansi kwalo kawufikelwa kuphela zinyembezi kepha kufika noboya wokuziqhenya.

Lokhu kuziqhenya kusekwazini ukuthi empeleni kanti wena, mina noma thina sizalwa ngobani.  Uthi nxa uzwa ngosizi lokhokho kanjalo nabazali bethu umangale ukuthi pho yini le eyenza kube lula ukuxola kubo. Ihlaya kulokhu  wukuthi sengathi intsha eningi enye ezalwe nje nalo ubandlululo selwaphela namandla yiyo esidinwe ukwedlula abazali bayo bona abanezibazi ezasala ngobandlululo.

Kungalesizathu ngizibuze kaningi ukuthi konje ngabe uchaza ukuthini uma uMengameli wezwe ethi thina “siyisizwe esigulayo.”

Lokhu okaMatomela ukusho kwaze kwayiziqubi ezimbili ezama ukuchaza ukuthi kungani kube khona udlame olubhekiswe kwabokufika. Unede washo njalo uMengameli ngabe sengizwa nabanye kwiKhabhinethi lakhe becula lona lelo culo. Okube sekungihlupha kulenkulumo kube wukungabe kusanakwa ekuthini yini le esigulisayo. Uzothi omunye uMengameli ushilo ukuthi siguliswa wubandlululo okuyisikhathi esiphuma kuso.

Yize ngokwamukela ukuthi bukhona ubuqiniso balokho kepha sengithanda ukunengwa yilenkulumo ngoba kayilibeki lonke iqiniso lesimo esibhekene naso.

Okokuqala nje uma ubuka abantu abangena ezitolo baluthe noma abashisa izakhiwo zikahulumeni nxa befuna okuthile kuba wuswebezane nje lwezingane ezincane ezisuke zingayile esikolweni. Uma uke uzibone umbuzo uthi konje zona zilazelaphi ubandlulo osekungaze kuthiwe nazo ziguliswa yilo  nokwenza bacekele phansi impahla.

Khona nxa kuliqiniso ukuthi ukusangana kwethu lokhu kudalwa wubandlulo sisuke singasakukhipheli ngani ukunengwa kwethu kulabo ababeqhuba ubandlulo ngoba phela bayaziwa.

See Also

Kuhlanya kuni lokhu okwenza  sizonde abakwethu kepha sesabe abelungu okunokuvumelana ukuthi yibo ababesiqhoqhobele . okuyibo abasengaphezu kwethu ngezinga lempilo kuyinamuhla.

Kuyisicelo sami ukuthi nxa uMengameli ethi singenwe wukuhlanya asho phela ukuthi hlobo luni lolu. Mina nje ngiyababaza ukubona ukuthi unya lolu noma ke asithi isibindi sokubhokoda owakwenu ngejozi, umshise ngomlilo noma umdlwengule lubukeka lungenxanye.

Isicelo wukuthi okaMatomela kake avulele inkulumo emphakathi ukuthi sibe nezithangami lapho sizobuka, sikhulume ngalokhu kugula.

Ekubhekeni kwethu mhlawumbe soqhamuka nekhambi. Nxa ngikhuluma ngekhambi kangisho khona ukuba sibe namadili bese sithi sekuphelile. Ikhambi kumele kube ngelizohlala ungunaphakade ngoba phela ukuhlanya lokhu kuyobe sekwelashwelwe ingunaphakade.

Scroll To Top