Ukuguqulwa kwamaqiniso ngempucuko yase-Afrika
Ubunjalo bom-Afrika abusamile ncimishi ezimpandeni zase Afrika kuphela, kodwa sebugxamalazile: unyawo olulodwa lume e-Afrika olunye eNtshonalanga. Lokhu kwenziwa ngabacindezeli ngabomu ukuze um-Afrika alahlekelwe ubuyena (African personality). Ngaleyo ndlela ke kungumsebenzi wabanye bethu ukuqwashisa abakwethu ngalokhu, ukuze izinyawo zombili zime zizimelele e-Afrika. Izinyawo zabacindezeli zona zime nse ndawonye ezweni labo.
UCheikh Anta Diop (injula’buchopho yase Senegal) encwadini yakhe “Towards the African Renaissance (1946-1960: 50) uthi: um-Afrika akazi ukuthi amadlozi nokhokho bakhe baqhamuka kwiNile Valley, nokuthi yiwo akha lempucuko yase-Afrika. Um-Afrika makakholwe wukuthi ngokhokho bakhe abaqala inkolo, ukubhala, izincwadi, usiko-mpilo lwase-Afrika, izibalo, isayensi, ubukhenikha, ulwazi ngezinkanyezi, ikhalenda, umuthi wokwelapha iziguli, ukwakha izindlu, njalo njalo. Konke lokhu okhokho bethu baseGibithe yasemandulo (Nile Valley) bakwakha ngenkathi wonke amazwe omhlaba afana ne-Asia, Europe, Greece, Rome, njalo njalo, esakhungethwe ubuwula bokungazi, besahlala emgedeni.
Lolu lwazi, ngokusho kuka Diop, lwacashiswa kum-Afrika ukuze ahlale engazazi ukuthi ungubani. Ekugcineni, kusho uDiop, um-Afrika usale esemukela imfundisoze yaseNtshonalanga. Ngenxa yalokhu um-Afrika ugcine esezenyeza, engasazazi, engesenakuziqhenya ngobuyena. Uphenduke wafana nesilahlwa ezweni lakhe. “Kungalokhu ke, singene emshikashikeni wokukhumbuza futhi sifundise um-Afrika ukuthi ungubani, uvelaphi, nanokuthi nguye ongumzali wesintu. Noma lokhu kungeke kube yinto elula, kusho uDiop, kodwa sizimisele ukukwenza njengento esesizoyiphilela.” Kubeka uDiop.
Abacwaningi baseNtshonalanga bezomlando nezemvelo bakuqikelele ukuthi balihlanekezele iqiniso ngeGibithe yasemandulo, ukuthi yatholwa, yakhiwa, yathuthukiswa ngama-Afrika ngezandla zawo, ngaphandle kosizo lweNtshonalanga. Isibonelo: ama-pyramids aseGibithe akhiwa ngezandla nomjuluko wama-Afrika kuphela, ngaphandle kobuchwepheshe lobu osebukhona. Alikakabi khona elinye izwe emhlabeni eselike lakha ama-pyramids afana nawaseGibithe.
UHerodotus, umbhali wokuqala womlando emhlabeni ngeGibithe yasemandulo, ebhukwini lakhe elithi “The Histories around 457 B.C.”, uyaqinisekisa ukuthi abantu baseGibithe yasemandulo kwakungama-Afrika. Nxa ebhala uthi: “AmaGibithe, amaNubians, ama-Ethiopian, kanye namaColchians banezindebe zomlomo ezinkulu, amakhala amakhulu, izinwele ezisongene njengezom-Afrika kanye nesikhumba esishile esimnyama. Usethi ke impucuko yaseGreece yathathela konke kwimpucuko yase-Afrika, ngale kwalokho ngabe kwayithatha isikhathi eside i-Europe ukuba iphucuzeke. Ngamanye amazwi, iNtshonalanga yaphuculwa yi-Afrika, yingakho i-Afrika iyindlalifa ekuphucuzekeni komhlaba. Ngizokucacisa lokhu uma sengibhala ngokuthi yantshontshwa kanjani impucuko yase Afrika, intshontshwa yiNtshonalanga.
UHerodotus, owangowaseGreece, embhalweni yakhe eminingi, uthi abantu bokuqala basemandulo baseGibithe, okuyibona abakha iGibithe, kwakungabantu abamnyama base-Afrika. Okuhle ngoHerodotus ubhala ngezinto ayezibona ngamehlo akhe ngqo, hhayi izinto ayezifunda ezincwadini.
Ngakho ke, izizwe zonke zase-Afrika ziqhamuka emfuleni iNile zabe sezihlakazeka umhlaba wonke. UWallis Budge, ongungoti emlandweni wasemandulo waseGibithe, uthi ama-Afrika aqhamuka emnyombweni womfula iNile ehla njalo ehamba ngayo iNile aze ayofika endaweni ayibiza ngokuthi yiGibithe, afike akha isizwe sase-Afrika. Mhlawumbe yingakho kuthiwa savela emhlangeni. Kuchazwa kabanzi lokhu encwadini ethi “AmaZulu: Ancient Egyptian Origin” (2015).
Usethi-ke uDiop, kubalulekile ukuthi ama-Afrika asebenzise impucuko endala yaseGibithe, ngoba yiyo equkethe umnyombo nomsuka wesidalwa esingumuntu. Umlando wethu njengama-Afrika kudingeka uqale eGibithe yasemandulo ngaphambi kokuba kwenzeke noma yini enye.
Okuhlalukayo lapha wukuthi umhlaba wonke wabukela, waphinde wantshontsha ulwazi oluningi lwase-Afrika. Okwalandela lapho kwaba wukucindezela i-Afrika, kwathathwa wonke umnotho wayo, yasala ihlwempu iphundlekile. Kodwa ke, noma kunjalo, asikho esindlebende kwaso. Okusalayo wukuthi um-Afrika uyindlalifa njengoba nguye phela owasungula futhi wadala okuningi eGibithe, osekusetshenziswa umhlaba wonke jikelele.
- UMnu Mfuniselwa Bhengu ungumbhali wencwadi Amazulu: Ancient Egyptian Origin