Kulandwe amaphisi anomlando wokuhlabana


EMUVA kwesikhalo mayelana nokusebenza kwezinkampani zikahulumeni kubukeka ukulandwa kwezinsizwa ezimbili ezinamava kuyimizamo yokugcina kahulumeni ukulungisa isimo. Emasontweni edlule uhulumeni umemezele uMnu Brian Molefe njengozobamba izintambo kwa-Eskom kwathi uMnu Siyabonga Gama yena waqokwa njengobambile esikhundleni se-Chief Executive kwa-Transnet. Okuqaphelekayo wukuthi lezi zinsizwa ezihlonishwayo zishintshisane ngejezi. UGama obeyi-CEO kwa-Transet Freight Rail (TFR) uthathe isikhundla sikaMolefe yena osedlulela kwa-Eskom.
UGama ubukeka enogazi nakubasebenzi ngoba ukuqokwa kwakhe kushayelwe ihlombe yiNyunyana i-South African Transport and Allied Workers Union (Satawu) ngomlomo kalowo onguNobhala wale nhlangano uMnu Senzo Mahlangu nothe ukuqokwa kukaMnu Gama yinto okumele ngabe kade yenzeka.
“Siyakuthokzela ukuqokwa kwakhe , yinto okumele ngabe kade yenzeka. Ungomunye wabantu asebemnkantshubomvu kanti nomlando wokusebenza kwakhe uyaveza ukuthi ungumuntu owaziyo umsebenzi,” kuphetha uMahlangu.
Phakathi kwezinto uGama atuswa ngazo wukukwazi ukuguqula isimo sezimali laphaya kwa-TFR angena ilahlekelwa yinzuzo elinganiselwa ku-R21 million ngeminyaka eyedlule. Namuhla isiyenze inzuzo yama-R5.1 billion onyakeni ka- 2013/14. UGama ukufunda kwakhe kuhlanganiswa ne University of Swaziland, Vrije Universiteit, New York University kanye ne-University of Singapore.
Amehlo athe njo ku-Eskom:
Ukuqokwa kukaMolefe kubuyise ithemba lokuthi okungenani u-Eskom usuzoba nomholi onamasu omsebenzi nohlonishwa nangabaholi bepolitiki. Ukusebenzisana phakathi kukaMolefe kanye naloyo obambe njengoSihlalo weBhodi uDokotela Ben Ngubane kuthathwa njengento emqoka. Izinqapheli bezikhala ngokuthi yize akade bekhona phambilini bebenawo amakhono kepha bebengamathwasa kwipolitiki. Ukuzinza ngolwazi lwepolitiki kuyinto emqoka uma ufuna ukuthi uphathe izinkampani zikahulumeni. Uhulumeni usevele ukuqinisekisile ukuthi uzolekelela u Eskom ngemali engu-R6.488 billion nokuhloswe ukuthi yelekelele ekutheni le nkampani ikhokhele izidingo ngonyaka wezimali ka-2014/2015.
Nokho, ukufika kukaMolefe sekudale isivuvu kakhulukazi ngalokho asekuphakamisile ngokusebenza kuka-Eskom. Lapha uMolefe uphakamise ukuthi u-Eskom okweletwa imali elinganiselwa ku-R4.6 billion ngomasipala, izakhamizi aziwuthenge ngqo kuye ugesi ungadlulanga komasipala. Le nkulumo yethuse kakhulu omasipala kuleli nababone sebekhishwa iqatha emlonyeni ngoba phela bona bawuthenga kwa-Eskom bese bewudayisa sebefake nemfalakahlana eyinzuzo yabo. Ngokombiko amaphesenti angama-40 ekhuliwni kagesi odayiswa u-Eskom uya komasipala abagcina bona bewudayisele umphakathi.
Akungabazeki ukuthi ukutshalwa kuka-Molefe noGama kuhloswe ukuguqula isithombe esingesihle ngezinkampani zikahulumeni. Kunethemba lokuthi lawa madoda azobuyisa hayi kuphela inzuzo kepha nesithunzi sazo.