Now Reading
Okungenzeka ngomnotho wezwe ngowezi-2017
Dark Light

Okungenzeka ngomnotho wezwe ngowezi-2017

UNonkosi uthi elakuleli kufanele liqinise ukuhwebelana namazwe ase-Afrika ukuze lisimame

 

NGOKOMQULU we-International Monetary Fund (IMF) kaMfumfu wezi-2016, iNingizimu Afrika ikleliswe yaba yizwe lamashumi amane nambili ngokomnotho emazweni angamakhulu amabili emhlabeni. Lo mumo ukhomba ukuthi iyizwe eliyingxenye yamazwe abizwa ngokuthiwa athuthukayo kakhulu ngokomnotho. Yize noma iNingizimu Afrika isahamba phambili okwamanje maqondana nobukhulu bomnotho e-Afrika, kodwa isalokhu icikizela futhi ifana nezwe elisesegumbini labagula kakhulu ekuphumeleni obala ngokuhola ngendlela ecacile e-Afrika. Leli lizwe lisalokhu liphazanyiswa ekubeni umholi we-Afrika ngokucacile. Amazwe afana neNigeria kanye ne-Egypt alokhu elivikisa kanzima kubemnyama phansi. Futhi lokhu kusazoqhubeka ngenxa yomncintiswano osazobakhona phakathi kwamazwe ase-Afrika ewodwa nje.  Yize nokho kusazothatha eside isikhathi ukuthi amanye ala mazwe adlisele iNingizimu Afrika ogageni afane ncamashi nayo, ngenxa yobuchule nobuxhakaxhaka bokwakheka komnotho wayo. Nokho kuzoshesha ukukhula kwawo ngenxa yezizathu ezifana nalezi: isivinini sezibalo zokukhula kwabantu bakula mazwe, iminotho yala mazwe esiqala ukuthi nayo ifuna ukufana nezwe laseNingizimu Afrika ngokwabeka kwayo, amathuba amaningi emisebenzi adalekayo kula mazwe akhuphula izinga lempilo, nokunye.

Ngenxa yezinhlaka ezikhona e-Afrika kusukela ku-African Union (AU) nezinye ezikhuthaza ukuhwebelana kwamazwe, ukwakha kabusha umnotho wezwekazi, ukusiza ukwakha amathuba amaningi emisebenzi nokunciphisa ububha obusakhungethe amazwe amaningi; ukukhula komnotho weNingizimu Afrika akusezukuncika nje kuphela ekuthengeni nasekuhambiseni umkhiqizo emazweni angaphesheya, kodwa sekuzoba nesimo esisha lapho iNingizimu Afrika kumele yenyuse izinga lokuhwebelana namazwe angaphakathi kuleli zwekazi. Yingakho kufanele yenyuse ukuzicija ekukwazini ukubhekana nezimo ezingafani nezamazwe asevele ethuthukile futhi anengqalasizinda esezingeni eliphezulu kwezamabhange, imigwaqo, uchungechunge lobuxhakaxhaka bethekhnoloji nokunye.

Njengamazwe asethuthukile, iNingizimu Afrika akumele ingabi namdlandla ekusebenzisaneni namazwe angekho ezingeni ekulo. Okunye njengalokhu iNingizimu Afrika yaziwa njengezwe elihamba phambili ngokuhleleka komnotho, kuzomele isebenzisane nokusiza ukuhlela iminotho yamaye amazwe ase-Afrika ukuze izokwazi ukuhlomula eminothweni yawo. Lokhu-ke kuyosiza ukukhulisa umnotho wethu nokwandisa amathuba emisebenzi edingakalayo ngaphakathi.

Enye nokho ingwijikhwebu okumele iNingizimu Afrika iyibheke yile nzukazikeyi ehambisana nezigameko zepolitiki yamazwe omhlaba. Izehlo nezivuvaba ezahlukahlukene emazweni ngamazwe, ikakhulukazi i-USA neRussia zishiya leli lizwe esimweni lapho limele ukukwazi ukuhlela indlela yalo ngokwemibandela ezothi ilibeke esimweni sokukwazi ukuzuza noma ngabe kwenzekani kulezi khondlakhondla.

Sike sayibuka kakhulu ipolitiki yezomnotho kule ngosi ngaphambilini. Lapho sabheka khona indlela eba nomthelela ngayo ezweni elifana neNingizimu Afrika. Emuva kokuhlabana ngokhetho lwase-USA, uMnu uDonald Trump usetshengise okukhulu ukuzethemba ngomsebenzi azogcotshelwa wona njengoMengameli omusha wase-USA mhla zingamashumi amabili kuMasingana. Kupolitiki yamazwe omhlaba nomthelela kwezomnotho sike sabuka ukuvuka kweRussia ngaphansi kobuholi bukaMnu uVladimir Putin, lapho ifuna ukubuyela ekutheni iphinde ibe yisikhondlakhondla esizobhekana ngqo ne-USA, futhi isize ukubuyisela ukuziphatha kwamanye amazwe ngokungalawulwa uhlelo olwaziwa ngokuthi lwenza onke amazwe omhlaba aphenduke izincelebane ze-USA ngokomnotho. INingizimu Afrika njengengxenye yamazwe akuBRICS isethubeni elingandele bani lokuzuza ngokuphindaphindiwe ekuhlakazweni kwesidleke seminyovu yaseNtshonalanga. Ngaphandle nje kwezingqinamba la mazwe eBRICS abhekene nazo, kuyacaca nokho ukuthi phakathi kwabaholi bayo kukhona ongqondongqondo abanesibindi ekubhekaneni namazwe aseNtshonalanga abelokhu eqhoqhobele iminotho yamazwe, etinyela kwasani esondela ‘ekhekheni lenkosi’ kuhle kwezinyosi. Lesi simo seBRICS sinokuqala kwendlela entsha engeke isaguquka nxashana ukubuka ngeso lezomnotho. Singabalula nje lapha elinye lamazwe eBRICS okuyiChina ekweletwa i-USA izigidigidi zemali, okuthi noma i-USA iphakamisa izwi ibuye nganeno ngoba ubuchule iChina isiyibambe ngamakhwahla. Okanti i-India yona yenyuka ngesikhulu isivinini ekwakheni umnotho wayo, ngangokuthi manje selilele isikhombisa emhlabeni ngobukhulu bomnotho walo. Izindimbane zabantu balo zenza kube lula futhi ukuthi likhule cishe ngesivinini seChina. IBrazil yona yize inezinkinga okunukekayo ukuthi kwayona iphazanyiswa yi-USA ngokwezepolitiki, ilele isishiyagalolunye okuyinto ebalulekile kakhulu kumazwe eBRICS.

See Also

Nxa sibheka iRussia, elele ishumi nambili ngomumo we-IMF 2016 emazweni omhlaba, iholwa ungqondongqondo uMnuz uPutin. Okufike kuvuse ilukuluku kobuka akhe umkhanya, yindlela ezidlana ngayo umlala njengoba uMnu uBarack Obama oqedela ihlandla lesibili lobumengameli esefana nophake impi, maqede wayidedela ezandleni zikaMnu uTrump maqondana nomkhonyovu uMnu uPutin asolwa ngawo ekufakeni isandla soboya okhethweni lwase-USA.

Indlela okwenzeka ngayo, kubonakala sengathi uzithela ngabandayo uMnu uTrump ngala mahebezi. Okanti nganxanye uMnu uPutin, ubonakala eba nokubethemba ubuholi obuzoza noMnu uTrump. Ngokomnotho, ngaphansi kobuholi bukaTrump, i-USA ibukeka izoba nokuqikekela ukuthi ibhekana nokukhulisa umontho wayo kunokubheka kakhulu ipolitiki yamanye amazwe. Ukuthi kuzoguquka yini lokhu noma qha, kodwa izinkomba zithi lokhu kuzokwenza iRussia idlondlobale ngamandla amakhulu kupolitiki yomnotho namazwe omhlaba, okuthi ngoba incinda dengezini lunye namazwe akuBRICS ingaletha omkhulu umthelela ekukhuleni kwala mazwe namanye amazwe iBRICS enomthelela omkhulu ekuwasizeni, njengezwekazi i-Afrika.

  • UMnu uGugulethu Xaba ungumsunguli we-Adamopix, onothando olunzulu lwezindaba eziphathelene nentuthuko yezezenhlao nomnotho. Uyilulungu leBhodi yenkampani eklelisiwe kuJSE iCorwil Ltd.
Scroll To Top