Inkulumo yeSILO yokukhuza udlame



INgonyama kaZulu esesihlalweni ingowolibo lweLembe.
Lena yinkulumo yeSILO esayethula eMoses Mabhida ngomhla zingama 20 kuMbasa 2015. Lapha Ongangezwe Lakhe wayebabaza udlame olubhekiswe kwabokufika
INYANGA kaNdasa kanye no Mbasa kubukeka kuyisikhathi esinzima ezwenikazi lase Afrika. Ngo 2004 ezweni lase Rwanda kwakuyiyo le nyanga ka Ndasa lapho abantu ababalelwa esigidini okwakungama Hutu nama Tutsi babulawa. Lesi kwaba ngesinye sezigameko ezibuhlungu emlandweni weAfrika kanye nesintu jikelele. Umbiko we Human Rights Watch ka 1999 nalowo owakhishwa yi-Criminal Tribunal for Rwanda kayivezanga kuphela indima eyadlalwa ngabaholi abathize kepha yaveza nendima eyadlalwa ngabezindaba ekufeni kwabantu abacela esigidini .
Ngenyanga ka Ndasa 2015, i-Afrika nomhlaba wonke bavuka nezibuhlungu zokubulawa kwezingane zethu eNyuvesi yase Kenya. Lesi kwaba yisenzo esasihlukumeza kakhulu njengoBukhosi kanye nomphakathi wase Ningizimu Afrika . Ngokwemibiko kwasala phansi izingane eziyi 147. Isehlakalo sase Kenya selama udlame olwenzeka kuleli lase Ningizimu Afrika nolusabikwa nanamuhla lapho kukhona ukuhlaselwa kwabokufika ikakhulukazi abavela ezwenikazi lase Afrika. Ngokwemibiko yabezindaba kulokhu kwakamumva iningi labantu selikhoseliswe ezindaweni ezithize. Okubuhlungu nokudala amahloni ngalolu dlame olubikwe kulamasonto amathathu wukuthi lokhu akukhona okokuqala.
Ngonyaka ka 2008 e Gauteng kwaba nesigameko sokuhlaselwa kwabokufika abavela ezwenikazi lase Afrika. Ngithi angikugcizelele lokhu ngoba kungayiphutha ukwenza sengathi lezi zenzo zobubi zenzeka kuwona wonke umuntu ongowokufika kuleli. Iqiniso lithi loludlame lubhekiswe kubafowethu nodadwethu abavela e-Afrika nokuyinto elichilo. Ngokwemibiko ngodlame lwango 2008 kwadlula emhlabeni abantu abayi 62 okwakuhlanganisa abokufika kuleli kanye nezakhamizi zakuleli. Umbiko owakhishwa ngabe Human Rights Commission ngonyaka ka 2009 wazibeka ezinye zezimbangela ezadala loludlame olwaqala eGauteng lwakapakela kwezinye izindawo. Umbiko we-Khomishana waphinda wenza izincomo kuHulumeni wase-Ningizimu Afrika.
Ngiyafisa lemibiko emithathu owe; Human Rights Watch , Criminal Tribunal for Rwanda kanye nalowo we-Human Rights Commission isatshalaliswe ngazo zonke izilimi ngoba kukhulu umphakathi ongakufunda ukuze kugwemeke inhlekelele ngesikhathi esizayo. Lokhu ngikusho ngoba uma uyifunda le mibiko kuyacaca ukuthi iNingizimu Afrika iphinda khona lokho eyayixwayiswe ngakho kulemibiko engiyibalulayo
Lokhu okwenzeka edolobheni lase Thekwini kuwubufakazi bokuthi njengezwe asifundi lutho emaphutheni edlule. Ngokwemibiko yabezindaba udlame olukhona lungenxa yenkulumo engayethula oPhongolo ngomhla ziyi 15 kuMbasa nonyaka. Izindimbane zabantu ababengilalele oPhongolo abakabulali muntu futhi asikezwa kuthiwa uPhongolo luyasha. Nginesiqiniseko sokuthi lezi zindimbane engikhuluma ngazo zisiqonda kahle isiZulu kazitolikelwa.
Yize ngiyihlonipha imithetho yalelizwe okuhlanganisa nomthetho onika igunya i-Human Rights Commission ukuba iphenye nxa kunezikhalo ngibona kumqoka ukuba ke ngiphawule ngokuthile. Okokuqala ngiyacela ukuba i-Human Rights Comission inikwe ithuba elanele ukuba yenze uphenyo lwayo ngokukhululeka ingajahwa muntu futhi ingesatshiswa.
Kulamasonto amabili ngibhale izincwadi ezimbili kwi- Khomishana, lokhu ngikwenza ngoba ngikwamukela ukungenelela kwayo. Sengikushilo lokhu ngiyafisa ukuba iKhomishana isheshise uphenyo ukuze siqhubekele phambili. Okunye esikunxusa kwi Khomishana wukuthi uphenyo lwayo luvuleleke luphenye nangendima edlalwa abezindaba ekubhebhethekeni kodlame olubhekiswe kwabokufika kuleli, ikakhulukazi labo abavela eAfrika.
Siyakholwa ukuthi abezindaba base Ningizimu Afrika bazovuma ukuthi nabo baphenywe uma kungekho amaqiniso abawafihlile. Ngikusho lokhu ngoba kuze kube yimanje inkulumo yami yaso Phongolo yayiqondiswe emaphoyiseni nginxusa ukuqiniswa komthetho. Kodwa angikuboni nakwelilodwa iphephandaba noma umsakazo ukugqamisa umongo wenkulumo yami. Kunalokho izwe liboniswa noma lilaleliswe inkulumo esihluziwe yahlanekezelwa kugodlwe ngamabomu umongo wenkulumo yami. Nanamhlanje ngisabakhiphela inselelo abezindaba ukuthi kabakhiphe yonke inkulumo yami bangayihluzi njengoba benza nje. Lenkulumo isimqoka kakhulu kunalesikhathi eyathulwa ngaso. Lokhu engikubalula ngenhla kumqoka ekuvezeni isithombe esiphelele ngokuthi loludaba lusukaphi.
Uma sengibuyela kumongo walokho engikubizele lembizo yanamuhla, okumqoka okumele ngikucacise wukuthi lembizo angiyibizile ngoba ngithi wuZulu odale noma oqhuba lolu dlame olukhona. Kepha nginibize ngoba ngazi ukuthi isibalo sethu singakwazi ukugqiba idlanzana leli elishisa izwe namuhla. UZulu ngobuningi bawo ungakwazi ukuphebeza lempi yomshoshaphansi yokunukubeza isithunzi sikaZulu kanye nese Ningizimu Afrika. Kungithokozisile ukuthi namuhla uhulumeni waseNingizimu Afrika uyavumelana nami nxa ngithi loludlame olukhona kukhona isandla sesithathu okumele sonke silwe naso.
Akuyona imfihlo ukuthi lapha phandle abasabalalisa ukwesaba eSizweni basebenzisa igama likaZulu kanye nobuKhosi. Nonke niyizwile imibiko ebithunyelwa ngama SMS ebithi uZulu ugcwele izitimela uhlome uyizingovolo uyobulala abakokufika. Lona ngumzamo wokunyundela uZulukanye nokuqhatha izizwe ezikhona kuleli kanye nama Afrika. Inhloso yalaba bantu iyodwa – ukuxova abantu abangama Afrika ukuba balwe bodwa.
Lo mkhankankaso usikhumbuza umgunyathi owawusetshenziswa ngeminyaka yawo 1990 lapho kuthiwa amaZulu yiwo abulala abantu ezitimeleni okwathi uma sekuvela kwatholakala ukuthi kwakukhona isandla sesithathu esaphumelela ngaleso sikhathi ukuqhatha izinhlangano zepolitiki zabamnyama kuleli. Kulolo dlame ngalahlekelwa ngabantu bami ababalelwa ezinkulungwaneni ezingamashumi amabili. Sizwile futhi ukuthi uhlelo lwalaba bantu wukuqhatha uZulu kanye naboHlanga lwamaNdiya. Umbuzo uthi kungani laba bantu benza lokhu , ukuthi ziyini izinhloso zabo. Umlando wase Afrika uyawuveza umkhuba owenziwa ngabathile ekushiseni izwe. Omunye walemikhuba wukuqhatha izizwe ezakhele lelozwe.
Yikho ngibize amakhosi ezizwe nezinhlaka zobukhosi kulembizo eyingqophamlando. Ngibize nina njengezizukulwane zamaqhawe namadelamizimba kaZulu ukuba nibe yihawu leSizwe niphebeze abafo. Njengoba ngike ngasho ngesonto eledlule ukuthi, ukuba lemibiko yokuthi ngiphake impi iyiqiniso ngabe lelizwe lingumlotha. Namuhla nginibize ngoba ngifuna ukuphaka impi yangempela nedingekayo manje. Lempi ngeyokuvikela wonke umuntu wokufika okhona kuleli okungakhathaleki ukuthi uvela kuliphi izwe. Kuzinduna zobukhosi ngiyaniphaka ukuthi nibe yizindlebe zami enhlabathini niphinde nibe ngabavikeli bomphakathi okungakhathaleki ukuthi ungowakuphi.
Ngokwesiko lesiZulu engiwumvikeli walo, umuntu kakhulumi phezu kwesidumbu. Kuthi noma kukhona okusalayo kube neseluleko sokuthi akuqalwe kulungiswe udaba lwesidumbu kuqala bese kubhekwana nokungaba zikhalo. Odabeni olwenzeka edolobheni laseThekwini namaphethelo kuyasiphoqa ukuba sedlule ebuhlungwini esikubo emuva kokuphicwa kwenkulumo yami nokuthukwa kweSizwe samaZulu. Ngiyazi Zulu ninengiwe zinhlamba ezibhalwa ngani nangami emaphepheni kanye nasezinkundleni zokuxhumana. Kepha njenge Nkosi yenu ngithi okwamanje lalani ngenxeba. Zimbili izizathu engithi okwamanje lalani ngenxeba ngazo, ngoba okokuqala sekunezidumbu phansi. Okwesibili yingoba ngifisa nigweme umgodi enimbelwa wona yilabo abafuna uZulu abukeke njengezidlova nezephulamthetho nikanye neNkosiyenu.
Okunye engifisa ukukucacisa angiwabizanga amakhosi kanye nezinhlaka zobukhosi ngoba ngithi yizo eziqalelolu dlame. Kunalokho ngithi lezi yizona zinhlaka zokuletha ukuthula emphakathini. Ngaleyondlela ngithi ngithuma lezinhlaka ukuqinisekisa ukuphepha kulowo nalowo okulesi sifundazwe ohlala ngaphansi kobukhosi. Kungaba semadolobheni noma kuzo izindawo zasemakhaya nginxusa ukuba lezi zinhlaka zibambisane nazo zonke izinhlaka zokugcina umthetho nokuphathwa kwezwe. Lapho zibona ukwephulwa komthetho noma okwaluphi uhlobo aziqiniseke ukuthi labo abenza okubi bayabhekana nengalo yomthetho. Imithetho ebhekele imiphakathi kanye namasiko ethu makuvikelwe yithi uqobo. Thina siyisizwe esikuthandayo ukuthula. Yize abaningi benu bebonile sichukuluzwa ngendlela engakaze ibonwe nangesikhathi sobandlululo yilabo bezindaba asebezijubile ukuthi bangabehluleli ukudlula izinkantolo nazo zonke izinhlaka ezibekwe umthetho kulelizwe, ngithi ukuthula akuhambe phambili.
Ukusukela namuhla ngijuba amakhosi ukuthi aqonde emiphakathini engiwabeke ukuthi ayibheke eluleke ngesidingo sokuvikela izakhamizi nokulandelwa komthetho nalabo bokufika abangaluqondi usiko mpilo lwethu baqondiswe ekutheni thina siyisizwe esinjani futhi siphila kanjani nabokuhamba.
Sikukhathalele kakhulu ukuphepha kwawo wonke umuntu. Kanjalo nabokuhamba siyafisa bazi ukuthi ubukhosi buwumvikeli walaba abawumnsinsi kanye nalabo abangabokuhamba. Ngaleyondlela ngithi ozihlalo bazo zonke izindlu ezikhona kuleli likaMthaniya mababize imihlangano yezindlu zingakapheli izinsuku ezingamashumi amathathulapho bezodingida khona izinhlelo zokuvikela ngokubambisana nazo zonke izinhlaka zikahulumeni ezibhekele ukuphepha. Labo bokufika abangaphakathi kulesi sifundazwe siyabamema ukuthi ngokwezinhlaka zabo baziveze ezinhlakeni zobukhosi kanye nalezo zikahulumeni. Inhloso yalokhu ukuthi sakhe ubudlelwane nabokuhamba ngokumelwa yilabo ababamele.
Nginethemba lokuthi namanxusa alezi zizwe zangaphandle ezithintekayo azoziveza futhi axhumane ngokufanele nohulumeni wesifundazwe kanye nezinhlaka zobukhosi. Ukuqinisekisa ukuthi kukhona ukuxhumana phakathi kwethu namanxusa amele amazwe enu, ngizojuba ihhovisi likaNdunakulu wakwaZulu-Natal ukuba lihlele umhlangano ophuthumuya phakathi kobukhosi kanye namanxusa amazwe ase Afrikaathintekayo. Ngicabanga ukuthi ukusukela lapho sizokwazi ukwakha usomqulu woxolo nokuzibophezela ekuthuleni nasekugcinweni kwemithetho yonke yaleli lizwe. Lokhu sizokwenza ngaphansi kohlelo engaluqala ngonyaka ka 2013 olubizwa ngokuthi yi KwaZulu-Natal Public Peace Process. Nginethemba ke lokuthi losomqulu sizowusayina esikhathini esingangezinyanga ezintathu lapho enginethemba lokuthi sizophinde sihlangane kanje kuyo lenkundla sisayine nalowo mqulu.
Sengiphetha ngifisa ukubonga bonke labo abelule isandla ngesikhathi sobunzima sivukelwa wulaka obeluhlose ukubhubhisa, hayi kuphela impahla kepha ubudlelwane obuhle esinabo nabafowethu nodadewethu baseAfrika. Nokho sisekhona isidingo sokuthi selule isandla, yikho ngijuba ukuthi kube nothisha abazoqala izifundo kubafundi abathikamezekile ezifundweni ngenxa yalolu dlame. Nokuthi osomabhizinisi baqhubeke nokulekelela, hayi kuphela ngalesi sikhathi esikuso kepha baxhase nohlelo lwe KwaZulu-Natal Public Peace Process oluzoba sekhaleni lokuhlanganisa imiphakathi yalabo bokufika kanye nezakhamuzi zakuleli.
Ngiyanxusa futhi ukuthi uhulumeni nomasipala bacacise imithetho yokuhlala kanye neyokuhweba ezindaweni zabo. Nokuthi lemithetho ilandelwe ngokugcwele. Ngiyethemba ukuthi ekwenzeni lokhu uhulumeni uzoqhamuka nohlelo lokuthi labo abasezinkambini bayakuthola ukunakekelwa kulandelwa umthetho wamazwe ngamazwe.
Singelibale ukudlulisa isandla sokutusa kumaphoyisa ngokwezinhlaka zawo ngokuthi akwazi ukudambisa umoya obusushubile nobugovuzwa ngabomu. Ngithi nonke hlukanani lapha niyokwenza uxolo emiphakathini enivela kuyo futhi nihambe noxolo.
Mungu Ibarika Afrika,
Nkosi Busisa i-Afrika,
God Bless Afrika!
Ngiyabonga