Now Reading
Inkulumo-mpikiswano mayingachemi ngabokufika
Dark Light

Inkulumo-mpikiswano mayingachemi ngabokufika

Amasonto amathathu esiphuma kuwo abe nganzima kakhulu kuhulumeni wakuleli. Lapha uhulumeni ubencelisa amawele. Kolunye uhlangothi ubezama ukuqinisekisa amazwe omhlaba ukuthi leli lizwe kalishi njengoba  bekunemibiko yokuhlaselwa kwabokufika kulo kanti ngakolunye uhlangothi uhulumeni ubezama ukungazikhohlwa izakhamuzi zakuleli obekungathi nxa engasazinaki bese zimsola ngokuthi usenaka abokufika kunazo.

Uma sibuka ukwenzeka kwezinto singasho ukuthi qha , yena uzamile.  Nokho noma kunjalo kukhona engibona sengathi kumele singalezi iphutha ngakho. Empeleni zimbili lezizinto , eyokuqala ukukhuluma iqiniso ngodlame lolu obelukhona  kanti okwesibili nokumqoka asingayivali inkulumo mpikiswano ngezinye zezinto eziphawulwe ngabokufika kuleli.

Lokhu okungenhla ngikusho ngoba senginokusaba ukuthi abaholi bethu kanye nabezindaba bazoqala manje benze abadume ngakho lokhu kokuthi bangaqondi gqo odabeni noma bamane balunyathele ngezinyawo. Isibonelo nje kuyothi ngoba sekuncengwe amaphalishi lawa izinkampani zakuleli ezifana no-MTN eziwathola e-Nigeria bese kuvunywa nje leliyazwe likhulume intimbothi ngeNingizimu Afrika?

Okunye engesaba ukuthi kuzokwenzeka wukuthi abaholi bethu kanye nabezindaba ngenxa yokwesaba ukukhonjwa ngomunwe noma ngenxa yokuzincengela,  bazongafuni sikhulume amaqiniso esiwazi sonke okuthi oke wawakhuluma bese enukwa ngokuthi akabafuni abakufika kuleli. Namuhla kubaholi bethu nakwabezindaba kasekho obuza umbuzo ukuthi konje kuliqiniso yini ukuthi kukhona abalapha hhayi ngobuhle kepha abayizinswelaboya esezehlule emazweni azo? Akasekho owaziyo ukuthi lelizwe linenkinga yabantu abangenayo iminwe okuthi nxa begile imikhuba bese amaphoyisa angakwazi ukubathola ohlwini lweminwe?  Mangaki nje amacala aziwayo angapheli nakuba izinsalela zeminwe zikhona? Lokhu kwenziwa wukuthi lezi zinsalela kazilondoloziwe ngoba kungenzeka ukuthi abanikazi beminwe kabekho kuleli ngokusemthethweni bese kuphela kanjalo.

Ngubani ongazi ukuthi amantombazane avela kwamanye amazwe njengako Thailand ayashushumbiswa angeniswe kuleli ezokwenziwa oginqwayo ethokozisa izimpunyela.  Ingani sikhuluma nje kunecala elihlezi kukhulunywa le migulukudu yase Czech Republic egila imikhuba yezidakamizwa kuleli. Ecaleni elise Gauteng uMnu George Louka uphalaza izindaba zokuthi yena qobo wayekhona usomabhizinisi nonukwa ngokuba ngumgulukudu uMnu Radovan Krejcir edubula uMnu Lolly Jackson naye othinteka ebugebengwini. Kakuyona-ke imikhuba egilwa ngabokufika kuleli le?  Zolo lokhu izisebenzi ezisebenzela  inhlangano yezokusakaza kuleli uSABC zibanjwe inkunzi kubuka wonke umuntu. Omunye wabasolwa kule licala uzisholo yena ukuthi ngeke ayicele ibheyili ngoba akanazo izincwadi zokuza kuleli.

Ingani beside sitshelwa ukuthi iKenya iqhunyiswa ngamabhomu nje kungenxa yenkosikazi yomlungu waseNgilande obizwa ngokuthi yi-White Widow ‘ okuthiwa waba ngungqondongqondo egila imikhuba ehleli lapha eNingizimu Afrika ngenxa yabo belu ubugebengu obuthinta ukungena nokuphuma kuleli.

See Also

Kukhona yini ongaphika ukuthi umnotho wakuleli ungaphansi kwegcindezi nokuthi kawusahlinzekeli kuphela abakuleli kepha nabakwamanye amazwe? Ingani ngisho noMengameli ababaleke emazweni abo bagcina belapha kithi sibanakekele. Impela kungakubi uma kungase kuthi ngoba sesaba ukubiza amagama bese sibalekela inkulumo –mpikiswano eyakhayo ngodaba lwabokufika, ukuphepha kanye nemingcele. Kuyimanje izwe laseKenya limunyunga ukwakha udonga olukhulu olungacishe lufane nalolo oluhlukanise u-Israel kanye neGaza ngenhloso yokuvimba impi ebhekiswe kuleliyazwe ngabantu abaqhamuka e Somalia.  Sekukhona ongathi iKenya esanda kufelwa zingane nje yenza okungalungile nxa ivikela izakhamuzi zayo?

Engizama ukukusho kwaboHlanga wukuthi akungathi ngoba sesaba ukukhonjwa bese singalikhulumi iqiniso elithi ikhona inkinga ekhona kuleli mayelana nabanye bokufika. Asiphinde futhi sivumelane ukuthi emva kwalokhu okubi esikubone kwenziwa kuyoba khona ithuba lapho siyoke sikhulume kabanzi ngaloludaba ngenhloso yokugwena okungase kwenzeke. Phela njengoba isiZulu sisho “Ukusuza kukhonga ukunya.”

Scroll To Top