Now Reading
Uyangenisa kwaboHlanga umdlalo wegalofu 
Dark Light

Uyangenisa kwaboHlanga umdlalo wegalofu 

ABENGABADI bahlasele njengoZulu eSandlwana emdlalweni odume ngokuthi ungowezimpunyela.

Lo mdlalo, owaqalwa abelusi base-Scottland ababeshaya amagenqele bawafake emgodini ngenxa yesithukuthezi, ususabalele nomhlaba wonke. Nakwabamhlophe kwathatha isikhathi eside ukuthi lo mdlalo uvuleleke. Kwakuwumdlalo wezinkinsimane ezazihambe zidonsa amakhilesibhande.

ENingizimu Afrika, umdlalo wegalofu awuphunyukanga esihlukwini sobandlululo. Abengabadi babengavunyelwe ukudlala nabelungu. Ababenenhlanhla babedlala ezinkundleni zabamnyama ezifana noMlazi Golf Club neSoweto Golf Club. EyaseMlazi seyashabalala kanti i-Soweto Golf Club yake yawa ngezikhathi zodweshu lwezombangazwe, kepha seyiphinde yavuka qingqo.

Umncintiswano wokuqala wezimfundamakhwela (amateurs) owawuvulelekile wabanjelwa e-East London ngo-1972. Abakwazi ukuphumelela ukudlala ezinsukwini ezimbili zokugcina, kokwaziwa nge-cut, kwaba ngo-R Mamashela, R Ngquka no-S Doorasamy.

Abamhlophe abathile babezimisele ukucindezela abengabadi kulomdlalo ngangokuthi ngo-1973 i-South African Professional Players Association yakhetha ukuthi umdlalo wabo ungabi namxhasi kunokuthi bamukele ukugxekwa ngabaxhasi ngobandlululo lwabo. Abadlali babelungu ababedlale emidlalweni engabandlululi bamiswa iminyaka emibili. Kwaze kwalamula u-Piet Koornhof, uNgqongqoshe wezeMidlalo, ngoMandulo ka-1975 ememezela ukususwa kwemingcele yebala emdlalweni okhokhelwayo wegalofu.

Emhlabeni wonke igalofu selaba wumdlalo okhokha izizumbulu kulabo abasezingeni elikhokhelwayo. Kunezinsizwa ezake zazama ukuphakamisa igama labengabadi egalofini. Lapha sibala o-Theo Manyama, Vincent Tshabalala, Solly Sepeng, nabanye. Kodwa iningi labo lalidlala enhlanganweni eyayibizwa nge-Non-European Tour. Kule nhlangano isimo sasisibi kakhulu. Imali yayingabonwa, abaxhasi begxile kweyabelungu. Amakhono amaningi abengabadi aphelela emoyeni njengezithukuthuku zengcanga. U-Theo Manyama uyenze yaziqhenya ingabadi ngokuthi afunde agcine eseyisikhulu semithetho yegalofu. Ubizwa ngisho nayizingqungqulu ezesatshwayo ezinjenge-European Tour ne-US Tour okudlala khona o-Rory Mcilroy, Tiger Woods nabanye. Njengesikhulu sezemithetho izinqumo zakhe ziwujuqu. Ngakho-ke noma ngabe laba badlali bakhulu kangakanani emdlalweni wegalofu, kufanele bamhloniphe uManyama. Kukodwa nje ukuphasa isivivinyo sokuba yisikhulu sezemithetho egalofini kukulethela inhlonipho enkulu. Alufakwa lubuya nodaka kulezi zivivinyo.

U-Vincent Tshabalala naye waliphakamisa kakhulu igama lendlu emnyama ngokuthi abaqwaqwade bonke emakhanda ababefuna indebe ye-French Open. Lokho kwamvulela namathuba okudlala emidlalweni eminingi ehlonishwayo efana no-British Open eyaziwa manje ngokuthi yi- The Open. UTshabalala wabuye wamela iNingizimu Afrika enomunye umdlali emdlalweni womhlaba. Kodwa-ke akazange aye kulowo mdlalo.

U-Gary Player useke wahlaselwa kabana egxekwa ngokuthi wayedlala igalofu emazweni ngamazwe ngesikhathi  iNingizimu Afrika idutshiwe. Kodwa kubalulekile nokusho lokho okuhle akwenza. Ngesikhathi engu Mongameli we-South African Professional Golfers Association, u-Player waqala uchungechunge lwemidlalo yabakhokwelwayo yabamnyama. Abamnyama babeklonyeliswa bedlala bodwa kuphinde futhi kuklonyeliswe abayishumi abamnyama abaphezulu kwi -Sunshine Tour eyayisixubile. Ngo-1985, u-Player wazithola esho lawa mazwi, ngenxa yesimo esibucayi.

See Also

“Abase-South Africa abangakhali ngenxa yokudutshwa (kwezemidlalo). Ubandlululo kufanele luqedwe nya. I-South Africa iqonde ehlathini inqobo nje uma kusenobandlululo. Uhulumeni makavume ukuthi wenze iphutha ngokuba nalenqubomgomo.

Kulezi zinsuku isibalo sabamnyama abadlala lomdlalo esigabeni sezimfundamakhwela nalabo abakhokhelwayo linyuka ngesivinini esikhulu. Nabesifazane nabo sebekhombisa ukuwuthanda kakhulu lomdlalo.

Kusadabukisa ke nokho ukuthi ezingeni elikhokhelwayo kusemnyama. Lomdlalo ubiza kakhulu kuleli zinga. Ngaphambi kokuthi umdlali aklonyeliswe  ngezizumbulu kufanele adlale ezingeni eliphezulu kakhulu elidinga umqondo nomzimba ophilile. Ngakho-ke ukudla akudlayo nokuzivocavoca kubalulekile. Singezishiye-ke ngaphandle izindleko zokuhamba nokulala lapho kuyodlalelwa khona. Okokugcina wukuthi kufanele ube nesikhathi esiningi esilingana naleso osichitha emsebenzini oqashwe kuwo. Kwabengabadi-ke bona kulukhuni ukwenza lokho.

Konke lokhu kukhombisa ukuthi impumelelo yezinga elikhokhelwayo incike kakhulu ekutholeni uxhaso. Kwabengabadi uxhaso ngabakhwekazi. Ngisho nabo labo bengabadi asebephumelele, asebedla izambane likapondo, ababonakali belula isandla kwabakubo.

Scroll To Top