Umfundisi uzale umfundisi egalofini lakuleli
UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Isimanga sentokazi edla imihlanganiso egalofini
INTOKAZI yakwaDlamini sengathi iphume inqina lokuphikisa labo abakholelwa wukuthi umfundisi akamzali umfundisi. Le ntokazi esanda kuphumelela izivivinyo zokungena emazingeni akhokhelwayo egalofini, ikhombisa impumelelo emdlalweni ongathathwa nje kuphela ngokuthi owabamhlophe kodwa futhi oqhoqhobalwe abesilisa isikhathi eside.
UNobuhle Dlamini uzalwa uJohannes Dlamini, inkakha kwezegalofu eyaliphakamisa igama labohlanga ngamagalelo ayo kulo mdlalo obungabakhwekazi kwabengabadi. Lo mdlali (uNobuhle) osedle umhlanganiso kaningi. Wake wakleliswa waba ngowokuqala kwabasafufusa eNingizimu Afrika, kanti wayekleliswe waba ngowesithathu emhlabeni jikelele. Miningi imidlalo ephunyelelwe yile ntokazi yakwaDlamini. Lapha sibala ukuqokelwa ukumela elaseSwazini emidlalweni yoBukhosi BamaNgisi, i-South African Amateur Strokeplay, i-Ackerman Championship, neWomen’s Championship lapho iSouth Africa yadla khona umhlanganiso ngamagalelo akhe uNobuhle Dlamini nezinye izintokazi, yiFree State and Northern Cape Women’s Championship eyayidlalelwa eClarens eFree State.
Eminye imincintiswano asedlale kahle kuyo ngonyaka wezi-2014 uNobuhle Dlamini yile elandelayo: i-Dimension Data Ladies Pro-Am walala isine, iChase to Investec Cup waba ngoweshumi, iTshwane Open walala isihiyagalombili, iSuperSport Challenge waba ngowesithathu, i-Investec Ladies Cup walala isihlanu, kanti kuZambian Ladies Open wagcina ephume isine. Ngonyaka wezi-2011, kwaqhilika izihlathi kubathandi bezimidlalo eNingizimu nase-Afrika ngesikhathi uNobuhle Dlamini ekleliswa eba ngowesibili emhlabeni jikelele ezingeni labangakhokhelwa.
Lo mdlali, owaqala ukudlala eneminyaka eyi-12, wafundiswa igalofu uyise uJohannes Dlamini owayengumdlali wegalofu eSwazini. UDlamini owayaziwa kakhulu ngoJoe Dlamini, wayenekhono elihle kakhulu lalo mdlalo. Ngeshwa elikhulu uJoe Dlamini wadlala ngesikhathi abengabadi babesacindezelwe kulo mdlalo. Noma bephumelela babengenzi mali engakanani. Ngenxa yokuzinikela kukaDlamini emdlalweni wegalofu, iMTN Golf Academy seyamenza umqeqeshi walo mdlalo eSwazini.
Lude ukhalo oseluhanjwe ngabesifazane kulo mdlalo uNobuhle Dlamini asephumelela kuwo. Umdlalo wegalofu kwabesifazane uqale ngokusemthethweni kuleli lizwe ngowe-1889 kuCape Golf Club. Nakhona kubikwa ukuthi le kilabhu yamukela abesifazane njengamalungu ngoba isilulu sasesifana nenduku yombangandlala. IMaritzburg Golf Club ekuyiyo endala kunawo wonke amakilabhu egalofu kuleli lizwe, yamukela abesifazane ngowe-1898, kwase kuthi i-Durban Country Club yabamukela ngowe-1903. Noma kunjalo, abesifazane babefana nezintandane, ngoba ngesikhathi kwakufanele bagudlukele abesilisa uma kudingeka. INational Ladies Championship yokuqala yadlalwa ngowe-1906.
Inkinga Yomhlaba Wonke
Akukhona eNingizimu Afrika kuphela lapho abesifazane bebenenkinga yokwamukelwa egalofini. Nasezweni elithathwa njengelihamba phambili ngamalungelo abantu, i-Melika, igalofu bekuwumdlalo oqhoqhobelwe amadoda kakhulu. Kukhona abaze batekule ngokuhumusha igama lalo mdlalo lesiNgisi elithi GOLF, bathi limele ukuthi: Gentlement Only, Ladies Forbibben.
NgesiZulu okusho ukuthi ‘Abesilisa kuphela, Abesibhuda abavunyelwe. Kuze kufike eminyakeni embalwa edlule, abesifazane bebengavumelekile ukuba amalunga e-Augusta National. Le nkundla, nekilabhu, ihlonishwa kakhulu emhlabeni wonke ngoba yilapho kudlalelwa khona enye yemincintiswano emikhulu nelukhuni emhlabeni, i-US Masters. Nakhona kwaze kwalamula ukuthi abaxhasi abakhulu be-August National, i-IBM, basebephethwe usihlalo wesifazane, kanti bekuhlale kuyisiko ukuthi usihlalo wabaxhasi abakhulu uba yilungu lekilabhu.
Omunye wabokuqala besifazane ukuba amalungu e-August National yilowo owayenguNgqongqoshe WezaNgaphandle eMelika, uCondoleeza Rice. Ngesikhathi udaba lwase-Augusta National lusashisa kakhulu amashoshozela amalungelo abesifazane ake acela owayengumpetha wegalofu uTiger Woods ukuba abalekelele empini yabo, kepha wazihlangula.
Libukeka liqhakazile ikusasa legalofu labesifazane elikhokhelwayo. Ngonyaka ozayo elinye lamabhange amakhulu elixhasa igalofu labesifazane lithembise ibhonasi yesigidi samarand (R1 million) kulowo oyodla umhlanganiso ekupheleni konyaka. Kanti futhi yonke imincintiswano yokuhlunga izoba nomklomelo ka-R200 000, okuwukuthi sewuphindwe kabili kunalokho oyikho manje.
Umdlalo wegalofu uthuthukiswa yiSouth African Golf Development Board ekwazi ukuthi iqeqeshe intsha eyizi-2500 ezifundeni eziyishumi. Bakhona-ke abalandela ezinyathelweni zikaNobuhle Dlamini, abanjengoZethu Myeki waseBorder ocoboshisa kwani endleleni yakhe.