Ipolitiki iyazakhela umlando namaqhawe ayo
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
YIZE mhlawumbe bekunganakekile, kulamasonto amabili kuya kwamathathu kukhona into eyenzekile nesiphoqayo ukuthi sibe nenkulumo mpikiswano njengezakhamuzi.
Okokuqala kube umkhankaso omkhulukazi wokususwa kwezithombe-mfuziselo zabantu kanye nezigameko ezihlanganiswa nesikhathi samakoloni kanye nobandlululo. Phezulu eqhulwini bekungesika Mnu Cecil Rhodes onomlando omude wonya nobugovu kuleli kanye nakwamanye amazwe ase Afrika. Okwesibili kube wukwethulwa kwenkulumo nguMengameli wezwe uMhlonishwa Jacob Zuma lapho azisa isizwe ukuthi ingcwaba longasekho uMnu Thembisile Martin Chris Hani seliyoba yindawo yamagugu. Kwaphinda kulo leli sonto kwethula isithombe-mfuziselo sikabamakade ebona we African National Congress uNkosikazi Ruth Mompathi
Lezi zigameko zibuyisa inkulumo-mpikiswano endala emhlabeni ethi konje yini ‘iqhawe’ noma ngonjani osekungathiwa kuye lo ‘uliqhawe lesizwe’. Ohlangeni lwamaBhunu noma ngabe uyakwenyanya lokho, uMengameli uPaul Kruger uliqhawe elaphakamisa loko okuyisiko nezimfuno zawo mhla idudulana namaNgisi kanjalo noJenene u De la Rey uyilokho. KumaNgisi nakuwo uMnu Cecil Rhodes uluphawu lomuntu owayethanda nowawakhela ingcebo amaNgisi akukhathali ukuthi wathini noma wabenzani abamnyama.
Kumalungu e Al-Qeda umufi uMnu Bin Laden ngisho angawu ‘sathane’ ngokweMelika namazwe ase-Ntshonalanga, kubo uyidlozi lokulwisana nobuqhude baseNtshonalanga. Kanjalo nakuZulu uSigidi, uNodum’ ehlezi kaMenzi, iLembe liyiqhawe elabumba izizwe lakha isizwe. Kepha kwabanye lingokunye. Kwabanye abantu ikakhulukazi laba okuthiwa bamhlophe, uMengameli uRobert Gabriel Mugabe yingcanga uqobo lwayo. Kwabamnyama uyisigomagoma somzabalazo.
Engizama ukukusho lapha wukuthi esikhathini esiningi kwipolitiki akubalulekile ukuthi wenzeni noma uthini umlando wakho. Okuliqiniso wukuthi ipolitiki nosopolitiki bayakwazi ukuzakhela owabo umlando . Bayakwazi ukwakha nokuklomelisa amaqhawe abo, baphinde bakwazi ukudweba ngepeni elibomvu basuse emlandweni nasemiqondweni abantu nezigameko abangafuni zikhunjulwe ngabantu. Lokhu bakwenza ngezindlela eziningi besebenzisa umthetho noma labo ababizwa ngokuthi ngo ‘somlando bakahulumeni’ abakwazi ukususa into engekho bayenze iphile ibe ngumlando.
NaseNingizimu Afrika-ke siphethwe futhi siphila ngaphansi kwepolitiki. Ngenxa yaleli qiniso kumele samukele ukuthi ipolitiki yethu iyozakhela amaqhawe ayo kuthi labo engahambisani nabo ibenze amakheswa omlando. Ipolitiki yethu nosopolitiki bethu njengoba kunjalo nakwezinye izindawo izosakhela amaqhawe isifunze ukuba siwamukele , futhi kugcine kunjalo. Ngezikhathi zamaKoloni nohulumeni wobandlululo oMnu Cecil Rhodes, Jan Smuts, Jenene De la Rey, Hertzog no Botha babengamaqhawe kanti oMnu Nelson Mandela, Robert Sobukwe, Steve Biko, Chris Hani, Sabelo Phama, abesifazane abafana Ruth Mompathi, Winnie Mandela nabanye ngaleso sikhathi babengamaphekula zikhuni angenandawo emlandweni weNingizimu Afrika yangaleso sikhathi.
Namuhla ngonyaka ka 2015 itshe libukeka ligaya ngomunye umhlathi , selithathe owayesemsamo lambeka emnyango lathatha osemnyango lambeka emsamo. Ngeshwa lokhu ngeke kuguquke okwamanje njengoba kwenzeka umhlaba wonke.
Uma uyisakhamuzi kumele ukhulekele ukuthi lokhu kunyakaza kusheshe kwedlule ngoba vele kuyedlula. Igidigidi leli lokuqumba phansi umlando othize lizodlula, liyophinda libuye mhla sekuphethe abanye ohulumeni nabanye osopolitiki.
Okwamanje izakhamuzi ziyokugwinya kubaba kunjalo ukuthi lo noma labo uhulumeni abaqokayo nabesekayo yibo abangamaqhawe azohlonishwa ngezichuse nemibhalo yomlando. Injalo-nje ipolitiki.