Bathethelelwe na laba abadovadova isiZulu?


AJULILE amazwi ayisikhombisa ashiwo uJesu ngaphambi kokuthi kuphume umphefumulo ngenkathi elenga esiphambanweni. Omunye la mazwi kaJesu angawabiza ngokuthi ngamazwi okulayela. Owabiza kanjena kungabe kuchaza ukuthi lokhu kulayela kwabe kuyilokhu okuseqophelweni eliphezulu kakhulu.
Emazwini ayisikhombisa kaJesu elenga esiphambanweni athandeka kakhulu kwezasexhibeni yilawa athi: Bathethelele Baba; abakwazi abakwenzayo. Lawa mazwi aphinyiswa uJesu esesiphambanweni acelela intethelelo labo ababemphanyeka esiphambanweni asuka enhliziyweni yomuntu engenaso nesincane isibi segqubu. La mazwi aphuma kumuntu ongenakho ukubhekisisa anameke izizathu ezenzweni zomuntu ngaphambi kokuthi kuthiwe uyathethelelwa lowo muntu.
Uma ucabanga indlela ababemhluphe ngayo uJesu laba bantu awalindelekile amazwi abacelela intethelelo. Ubuhlungu abamzwisa bona uJesu beze bemfaka nomqhele wameva buyesabeka. Phezu kwabo bonke lobu buhlungu aze afelwe nangamathe njengento enyanyekayo kodwa uyadlula uthi ucela ukuba bathethelelwe.
Konje kwakungaba lula yini lokhu kumuntu walapha emhlabeni? Akubukeki kulula lokhu kumuntu wakulo mhlaba ukuthi athi esedlule ebunzimeni obungaka ebazi nabantu abamfake kulobo bunzima kodwa avele abacelele intethelelo kulabo abayiziphathimandla. Umuntu wakulo mhlaba ungamuzwa eseqanganisa ethi ulibambe lingashoni. Ungamuzwa esethi uyoyikhotha imbenge yomile.
Akubukeki nakancane kungakhulunywa ngentethelelo kumuntu wakulo mhlaba ohlushwe njengoba kwahlushwa uJesu ezobethelwa esiphambanweni. Kukhona isifundo esisithola kula mazwi kaJesu athi bathethelele Baba; abakwazi abakwenzayo.
Isifundo esashiywa uJesu ngala mazwi yisifundo sokuxolela kumnyama kubomvu. La mazwi kufanele ngakube amaKristu awukudla kwawo kwemihla ngemihla. Ngokwala mazwi kaJesu kufanele ukuba akekho noyedwa umuntu ozibiza ngokuthi ungumKristu osenefundululu alibambele omunye umuntu ngisho noma engeyena umKristu lowo muntu.
La mazwi ngamazwi okungcwaba konke okungamagqubu, izinhliziyo ezigcwele izibozi nokungamfiseli omunye umuntu okuhle. Lawa ngamazwi okungcwaba ukumbuluza, ukubhixa nokunyekefula ngomunye umKristu kanye nomona oyisihlobo sobuthakathi.
Uma amaKristu esewa evuka nala mazwi kaJesu esewezwa ngaphakathi, angawedlulisela nakulabo abangewona amaKristu nabangenalo noluncane ulwazi ngokuhlushwa kukaJesu. Ukuba amaKristu awuthatha lo myalezo kaJesu abe eseyidlulisela nakwabanye le ndaba yokuthethelelana, ngakube kuheleza umoya woxolo lapha emhlabeni.
Ukuba la mazwi asatshalaliswa esuka ngaphakathi ezinhliziyweni asatshalaliselwa kwabanye abantu, ngakube akekho umuntu owakha umbimbi lokusoconga omunye umuntu. Ngakube abekho abantu abathunywa ukuyobulala abanye ngenxa yokufuna ukuziphindiselela ukuba la mazwi kaJesu afakwe kuwo wonke umuntu futhi efakwa bungekho ubujikankezo.
Inkolo yobuKristu ithe chithi-saka umhlaba wonke. Kuthi kunjalo futhi kube yiyo ebukeka izihola phambili zonke ezinye izinkolo. Njengoba ithandwa kangaka emhlabeni jikelele iNkolo yobuKristu, kusobala ukuthi ukuba ashunyayelwa kahle la mazwi kaJesu ngabe ayayithola indawo kubantu. Mhlawumbe la mazwi amaKristu awakhumbula ngezinsuku zePhasika kuphela zinele zedlule bese ekhohlwa yiwo abuyele enyameni kubuse umgomo weso ngeso. Ukuba akunjalo ngakube la mazwi angenile kubantu futhi ayasebenza. Sesike sizibuze nathi lapha kwezasexhibeni ukuthi la mazwi amakhulu kangaka kaJesu singawasebenzisa yini kulezi zinkinga zolimi lwesiZulu esibhekene nazo.
Ulimi lwesiZulu lungezinye zezilimi ezadalwa wuMdali ngenkathi edala zonke izilimi ezikhulunywa ngabantu lapha emhlabeni. Baningi abadovadova ulimi lwesiZulu balwenze umathanda wabo. Baningi abakuthanda ngokwedlulele konke okungesona isiZulu esimsulwa. Bakusebenzisa ekutheni kulalelwe noma kufundwe yiwo wonke umuntu.
Siyathandabuza lapha kwezasexhibeni ukuthi konje laba bantu abagila lo mkhuba olimini lwesiZulu kufanele sibacelele intethelelo yini kuSomandla. Laba bantu batshelwa imihla namalanga ngalo mkhuba wabo omubi lokhu okungelula ukukuchaza.
Ngabe nathi kufanele sithi kubenzi balo mkhuba bathethelele Somandla; abakwazi abakwenzayo?