Now Reading
Sekudale umdosiswano ukumiswa
Dark Light

Sekudale umdosiswano ukumiswa

ASONGA ngokuya enkantolo amakhosi angaphansi koMasipala uThungulu emuva kokususwa kwesiteshi somsakazo Indonsakusa Community Radio (ICORA FM).

Lesi siteshi ebesisakazela edolobheni lase-Showe sesisusiwe kulendawo emuva kwesinqumo sabaphathi sokuba sithuthele eMpangeni. Ngokulawula kwe-ICASA okuyiyo enikezela ngamalayisense okusakaza, lesisiteshi somsakazo kumele sisakazele umphakathi wasoThungulu namaphethelo. Ngokomlando  wokusungulwa kwaso, amakhosi endawo abamba elikhulu iqhaza kanti abekweseka ukusebenza kwaso kusuka sasungulwa.

IBAYEDE ithole ukuthi amakhosi kawaneme ngesenzo sabaphathi sokususa lomsakazo esizindeni sawo okuyiShowe siyiswe eMpangeni. Kuthiwa futhi amakhosi ayababaza ngokuthi kawazazi nezinkinga eziholele ekutheni sivalwe, nawo njegawo wonke umuntu ezwe sekwenzeka.

USihlalo weNdlu Yabaholi boMdabu oThungulu,  iNkosi u-Victoria Dube ushaye phansi ngonyawo wathi lingawa licoshwe zinkukhu kunokuba bavume kususwe isiteshi sabo somsakazo bengatsheliwe.

“Sifuna izincazelo kubaphathi balo msakazo ukuthi kwenzekani njengoba sivaliwe nje . Sifuna futhi  basichazele ukuthi basiyisa ngaliphi igunya eMpangeni. Ngale kwalokho kuzoyiswana enkantolo ngoba lesi siteshi sasungulwa ngamakhosi angaphansi koMkhandlu uThungulu,’’ kuphawula  inkosi uDube. Isikusho konke,  iNkosi uDube ibuye yawukhomba ngakuwo amakhosi umunwe .

“Sasuke sethemba kakhulu laba bantu sangathumela igama lomuntu noma abantu abazomela amakhosi eBhodini, yingakho manje sebesigila. Sizolwa kuze kunqamuke izingalo  sivikela umsakazo wethu  ukuba ungasuswa eShowe. Sizwile nokuthi sivalwe ngenxa yokudliwa kwezimali,’’ kuphetha inkosi uDube.

Omunye wabaphathi balo msakazo uMnuz Bonga Msweli ukuqinisekisile ukuthi ICORA FM ivaliwe nokuthi ivalwe nyakenye ngenxa yezinkinga okubalwa kuzo nenkinga yezimali nengqalasizinda.

“Phakathi kwezinto ezenze  sanquma ukusivala isiteshi  kube yizinkinga ezidalwa ukunqamuka kukagesi okwenzeka ngaso sonke isikhathi eShowe. Lokhu   bekuphazamisa izinhlelo zokusakaza nobekusibeka kabi  kosomabhizinisi abasuke bexhase phakathi kokunye ngezikhangiso’’ kusho uMnuz Msweli.

Uqhube wathi “Okunye okudale sasivala isiteshi wukuthi  imishini ebesiyisebenzisa isimidala kakhulu manje sesizosebenzisa uhlobo lwesimanje lwemishini,’’

Khona lapho kuvumbuke izinsolo zokuthi isiteshi sivalwa nje yingoba izimali kazisekho kanti umunwe ukhomba kubo abaphathi nokuyizinsolo uMnuz Msweli azichithe njengelumbo. “Uma kukhona abathi sidle izimali zomsakazo mabahambe bayobikela abezinhlaka zomthetho ukuze kuboshwe abantu abathintekayo. Bonke abasho njalo bayazihhumela nje bazifunela udumo kwabezindaba,’’ kusho uMsweli.

Odabeni lokuthuthelwa kwesiteshi eMpangeni, uMnu Msweli uthe balandela ibhodwe eliconsayo namathuba angcono.  “Phela kumele sikhumbule ukuthi njengoba siyisiteshi esingenzi nzuzo nje, kumele silandele ngalapho osomabhizinisi kanye nezimboni zingakhona ukuze sithole uxhaso olwanele. Besingeke sikhule uma besilokhu sizinze eShowe,’’ kuqhuba uMnuz Msweli. Ukhale ngezinkulumo ezidweba isithombe esithi njengabaphathi bamane balala bavuka sebethatha isinqumo sokususa lomsakazo eShowe bawuse eMpangeni. Lapha uphawule ngokuthi isinqumo ( sokususa isitheshi eShowe)  sathathwa emini libalele kulandelwa imigudu ehlinzekelwe yimithetho elawula imisakazo yomphakathi nokuphathwa kwayo. “Isinqumo sokuthuthela umsakazo eMpangeni sathathwa emhlanganweni owawuse Mfolozi College eShowe ngo-2013 nasemhlanganweni wonyaka owawuse Mpangeni zingama -21 kuMandulo 2013,’’ kusho uMnuz Msweli.

Indinda yobunini bomsakazo

Leli phephandaba limbuzile ngqo uMsweli ngokuphawula kwakhe ekukhulumeni okuvela emakhosini endawo nakhomba uhlaka akulo (abaphathi be-ICORA) ngomunwe ukuthi baphucha umphakathi  umsakazo wawo. Lapha uMsweli uqale wakucacisa ukuthi  iCORA FM akusiyo eyomphakathi waseShowe kuphela kepha  ngeyawo wonke umphakathi ongaphansi koThungulu.

Ube esecela ukungaqophisani namakhosi kwabezindaba ngaloludaba.  “Siwahlonipha kabi amakhosi ngakho ngicela ukungaphawuli ngalokhu akushoyo. Engingakuphawula   wukuthi thina njengabaphathi be-ICORA FM umnyango siwuvulile kulabo abanezikhalazo,’’ . Kukho konke ukukhuluma uMnuz Msweli kaphumelanga obala odabeni lobunini  njengoba amakhosi ethi isiteshi ngesawo kanye nomphakathi.

Kulo mdonsiswano abantu okubukeka  beshayeka kakhulu ngumphakathi ongabalaleli kanye nabasakazi abebethokozisa umphakathi .Okhulumela abasakazi be-ICORA FM abasele dengwane njengoba lesi sisteshi sivaliwe, uMnu Sbusiso Ntetha uhambe emazwini eNkosi uDube wathi nabo bazowalekelela amakhosi empini yokuvimba ukuba isiteshi sisuswe eShowe.

“Empeleni uMnu Msweli ukhuluma okungesilo iqiniso uma ethi bathuthela eMpangeni ngoba kungasebenzeki eShowe. Babaleka ngoba bekhwabanise izimali ze-ICORA FM. Kumanje itshe lome inhlama esikhwameni somsakazo,’’ kusho uMnu Ntetha.

Eyizeka indaba yokuvalwa kwaso isiteshi, uMnu Ntetha uthi inkinga iqale ngo Ncwaba ka-2013 lapho kunyamalale izizumbulu zemali esikhwameni somsakazo.

UMnuz Ntetha uqhuba uthi ezinye zalezi mali ezinyamalele nokunukwa kuzo uMnuz Msweli kanye nozakwabo ababili zaziqoqwe emicimbini eyahlukene okubalwa kuyo nekaZime we-ICORA FM kanye nomcimbi obizwa nge, “Hhayi Kabi” okwakuqoqelwa sona isiteshi izimali njengoba singenzi nzuzo.

“Enye enyamalele yimali yezikhangiso ebikhokhwa yibhange iThala. UMnuz Msweli, uNksz Queen Mhlongo noNksz Nozipho Zulu baphinde bazitapela emalini yesiteshi ebigcinwe ebhange, bavala ne-account yaso ebise-Standard Bank bazivulela eyabo e-First National Bank ngale kokwazisa ezinye izikhulu,’’ kuqhuba uMnuz Ntetha.

See Also

Uthi lokhu kuholele ekutheni ezinye izikhulu zesule emsebenzini ngenxa yokunganeliseki. UMnuz Ntetha uthi indaba yonakale ngesikhathi abasebenzi bengasaholi izinyanga eziningi nebhilidi okusetshenzelwa kulo lingasakhokhelwa ngoba kuthiwa isiteshi asisenamali.

“Sithe uma sifuna ukuthi abaphathi basivezele amabhuku ukuze sibone ukuthi zisebenze kanjani izimali eziqoqwe ngemicimbi bashaya phansi ngonyawo, uMnuz Msweli wathi ngeke sikubone lokho,’’ kusho uMnuz Ntetha. Uthi baphinde benqaba ukubavezela ukuthi ishonephi imali yezikhangiso ebifakwa yibhange iThala.

“Benqabile nokusichazela ukuthi bayinikwe ngubani imvume yokushintsha i-account njengoba sebezivulele eyabo yase-FNB. UMnuz Msweli wasitshela kwezikabhoqo ukuthi asinalo ilungelo lalolo lwazi nokuthi akukho okubaphoqayo ukudalula leyo mininingwane,’’ kuqhuba uMnuz Ntetha.

UMnuz Ntetha uthi kuyaxaka uma uMnuz Msweli nozakwabo ababili bethi isiteshi asisenamali ekubeni bebebonakala nsukuzonke betetemuka, beqhuba izinqola ezigcwele amagilosa ezitolo ezinkulu kodwa abasebenzi belambile. Uqhubeke wathi ngenxa yokudinwa abasebenzi bangene esitelekeni befuna amaholo nezincazelo ngezimali.

“Ngenxa yokushuba kwesimo, uMnuz Msweli wagijima wayobhoncula umbhobho wokusakaza ogxunyekwe eNtumeni ngenhloso yokuvala isiteshi ukuze singakwazi ukusakaza njengoba abengasekho amagagasi omoya, konke lokhu  ekwenza ngale kokugunyazwa,’’ kusaqhuba uMnuz Ntetha.

Odabeni lobunini , uMnuzNtetha ukuqinisekisile ukuthi ICORA FM yasungulwa ngamaKhosi ngokubambisana noMfundisi wendawo, uMvuselelo Mathias Mkhize ngo-1997. “Ngaleso sikhathi sasisabizwa ngoNyanga-ntathu. Ngakho amakhosi anelungelo eligcwele lobunini balesi siteshi somsakazo. Empeleni uMnuz Msweli uthi umphakathi waseShowe awukufanele ukuba nesiteshi somsakazo ngoba iningi lawo awufundile futhi ungamabhinca ngakho kungcono uthuthele eMpangeni,’’ kuphetha uMnuz Ntetha.

Ngokusho kukaMnuz Ntetha,  uMnuz Msweli wagcina emangalele abasebenzi ethi bangene ngokungemthetho esiteshini somsakazo base bebabamba izikhulu zomsakazo njengezimpango. Kumanje loludaba lokuxoshwa kwabasebenzi nombango wobunikazi lusesenkantolo yamaJaji eShowe.

Lo msakazo ungeminye yemisakazo yomphakathi esungulwe emva kokuba iNingizimu Afrika ithole inkululeko. Phambilini lezi ziteshi bezi sakaza isikhashana esincane ziphinde zivalwe kodwa eminyakeni embalwa edlule uMnyango wezokuXhumana kuZwelonke ukhiphe umyalelo wokuthi yonke imisakazo ethola izimvume isizonikezwa iminyaka emine ngaphambi kokuba kubuyekezwe ukuthi iyayilandela na imiyalelo ebekiwe nezithembiso ezenzile isafuna imvume. ICORA isungulwe mhlaka ziyi  10 kuZibandlela 1997 ngaphansi komgomo  othi izoba nezingxoxo ezingama 30%  ekhulwini ezigxile kokwenzeka oThungulu nomculo ongama 70% ekhulwini. Izwakala ezindaweni eziningi okubalwa Ulundi, Nongoma, EMpangeni, eShowe, Vryheid, Dundee, Glenco, Madadeni, nakwezinye e-Vryheid nase-Newcastle.

Iningi labasakazi abaziwa eziteshini ezinkulu namuhla njengo-Khozi FM, Metro FM, Gagasi FM nezinye, baqale baqeqeshwa eziteshini ezifana ne-ICORA FM. KwabeGagasi FM singabala uMzokoloko Gumede, Kini Shandu nabanye. NasoKhozini FM kunoSipho ‘DJ Sgqemeza’ Mbatha, Khetha Gwala, Sthandwa Nzuza, Zanda Mthembu nabanye. KwiVuma kukhonya bona njengoLinda Sibiya, Linda Ndimande, Lucky Sefatsa nabanye. Bagcwele nakwezinye iziteshi ezenza inzuzo. Namuhla sezingaphezu kwekhulu lezi ziteshi zomphakathi kanti iKwaZulu-Natal iyodwa inezingama-25.  Ezinye zisemoyeni kanti ezinye zikhona ngamagama kuphela njengoba zingakaze zibe semoyeni.

Scroll To Top