Umculo wesintu awuvikelwe njengegugu


Kuleli binza umbhali uthi ukulondoloza lokho okuyifa loboHlanga kuyadingeka nasemculweni wabo onhlobonhlobo
Izwe nezwe linomculo walo oyigugu futhi okuqikelelwayo ukuthi awuvikelwa nje kuphela kodwa uyaqhakanjiswa. Njengoba bengiseDublin (Ireland) ngizibonele ngamehlo ukunakekelwa nokubalulwa komculo wama-Irish nowuthola udlalwa yonke indawo ngisho nasesikhumulweni sezindiza sakhona ubingelelwa yiwo kanti emakhonsathini abekhona bekugcwele phama izakhamizi zithokozela okungokwazo futhi zinesikhathi okuchaza ngawo. Ngisho intsha yakhona ihamba phambili ekudlalweni kwawo umculo.
Kuleli laboHlanga ngonyaka ofile kube nenjabulo ngenkathi iculo elithi “Elamanqamu Namhlanje” lehlukanisa unyaka nokube yingqophamlando ukuba iculo likamaskandi kube yilo elenza lokhu. Lokhu kutshengiswe abeNgabadi ukuthanda okungokwabo njengoba bekuyibo abebevotela leli culo bedicilela phansi okwamakhovula ngabomvu awezinye izinhlobo zomculo. Yize kungekho simanga esitheni ngeculo kodwa kuthokozisile ukubona iculo lomculo owasungulwa kulesi sifundazwe kuyilo eliqwaqwada amanye emakhanda. Kuyaziwa ukuthi kwanyakaza izwe kanjani ngenkathi umfo kaMajazana uPhuzekhemisi ebhikla ingoma ngeculo “Imbizo” no “Dlayedwa”, kanti nesiXaxambiji sikaPhuzekhemisi, uMfazomnyama noHhashi’ elimhlophe phansi kweziNgqungqulu zoMhlaba liyaziwa igalelo laso emculweni kamaskandi. Akekho onganyakazi lapho umfo kaMagubane uMfiliseni, eseqandula ngeculo elithi “Thandaza Baba…”. Nanamhlanje uShwi noMtekhala basahamba phambili ngokudayisa isidi eyakhuza kwacishe kwafika esigidini. Lokhu kusho lukhulu ngomculo owaqalwa umqali wentambo “uPhuzushukela mude uyibukwana”. Lo mculo kamaskandi uma udlala akwenzeki umuntu weNgabadi engavukwa usinga umuzwe eseshwashwatha yedwana. Ngisho phesheya kwezilwandle lo mculo ukhalisa abezizwe ngisho bengezwa ukuthi kuthiwani ngolimi lwesiZulu kodwa ubona ngenhlokomo enokuthile phakathi nokufakazela okwashiwo umfo kaNzimande uBhodloza kokuthi lona umculo ohamba negazi.
Kuyajabulisa ukubona intsha ingena shi ekuculweni kukamaskandi nasekulandeleni. Umculo kamaskandi yiwona kuphela umculo wesintu odayisa kunayo yonke kuleli futhi nokungakhalwa kakhulu ngokukotshelwa kwawo okuchaza ukuthi uvikelwa kakhulu abalandeli bawo. Lo mculo awuqhakambisi nje kuphela umculo kodwa uhambisana nokudliwa kwendwangu kanti izinsizwa zakhona usuke ungaphelele uma ungagqokanga ibhulukwe iBrentwood. Kufanele le nkampani eyenza la mabhulukwe inxenxwe ukuba iwuxhase lo mculo ngoba ngaphandle kukamaskandi mhlawumbe ngabe kade yawa. Yiwo futhi lo mculo kamaskandi owenze nokugqokwa kwemvunulo yesintu kwagcineka kahle nokwelekelela lokho okwenziwa abebandla lakwaShembe zimpelasonto zonke. Okungacishe kuwone lo mculo ilokhu kungcofana okungenasidingo kanti kungakuhle nabasakazi bawo emisakazweni bagxile kakhulu ekuwuqhakambiseni nokuchema nokukhuthaza ubuqembuqembu lokhu kungawucekela phansi kakhulu lo mculo oyigugu. Yingakho ukungenelela kweminyango yezobuciko ekuwenzeni uhlonzwe njengegugu lesizwe kungawuvikela futhi kuhlahle nendlela yokulawula kokuhlonishwa kwawo.
Isicathamiya umculo omdala kakhulu kuleli lizwe kanti ukuqhakanjiswa kwawo emazweni aphesheya iqembu iLadysmith Black Mambazo kuwenze waze waqopha umlando njengomculo wesintu oklonyeliswe ngamaGrammy Awards amane waqokelwa ngaphezulu kweshumi nesikhombisa. Lo mlando uhamba wodwa ezwenikazi i-Afrika kanti wenze lo mculo wathakaselwa zonke izindawo. Amaqembu afana neMzolo Mbube Group, iMpangeni Home Tigers namanye amaningi kuwakhele igama lo mculo awenza wahlala uthakaselwa njalo kuleli. Lokhu ukubona ngokusabalala kwemicimbi yesicathamiya ehlale ithe chithi saka cishe izimpelasonto zonke kugcwele phama kuyona yonke. Abalandeli bawo bawuthanda udlalwa ebusuku kuze kunqamule ukusa. Okuphawulekayo ngalo mculo ukuthi abathandi bawo bakhonze kakhulu ukuhambela imicimbi yawo kunokuthenga amacwecwe – nalapho abasuke bedlisa ngendwangu bengabalandeli. Ngisho emcimbini owenziwa esikhungweni sasePlayhouse Theatre Company kusweleka indawo yokupaka kuze kuvalwe ngomuntu emnyango ubusuku bonke. Lesi simanga sitholakala kulesi sifundazwe kuphela kanti sehlukile. Ukuvikelwa kwawo nawo njengegugu kuzoba nomthelela omuhle kakhulu ekugcinweni kwawo nasekubekweni kwawo ezingeni eliphezulu kakhulu kunalokhu okuyikho. Kuhle futhi ukubona lo mculo sewukhuthazwa nasezikoleni ngabagqugquzeli bawo. Lokhu kuzokwenza ukuthi ugcineke.
Emculweni woMbhaqanga akekho ongalazi igalelo loGandaganda baseNingizimu Afrika, amaSoul Brothers. Lo mculo wombhaqanga ungehluka kakhulu emhlabeni jikelele kanti nangendlela odanselwa ngawo yehluke kakhulu – ngisho nokugqokelwa kwawo kwehlukile. Izingoma zomculo woMbhaqanga zikushaya ngaphakathi zithinta kuwona kanye umphefumulo njengegama lawo. Lona umculo wothando kakhulu. Umculo woMbhaqanga wona uthanda ukuthwala kanzinyana ngenxa yokudlalwa kwawo kahle eziteshini eziningi zemisakazo kanti uyintandokazi enkulu. Kumanje abalandeli bawo abaningi sebeziduduza ngokuzithengela amacwecwe ngisho amadala ukuze bazidlalele wona emakhaya. Kuyadabukisa ukubona ukuthi namaqembu alo mculo aya encipha, kanti amanye awo asaze azibandakanya nomculo kamaskandi. Sengathi sikhulu kakhulu isidingo sokuthi lo mculo kewusatshalaliswe nasezikoleni ukuze kuphendleke indlela yokugcineka kwawo.
Akwehli kahle khona ukubona ukuthi nasezikhungweni ezifundisa ngomculo kuphakanyiswa kakhulu lowo waseNtshonalanga. Lokhu ukubona ngisho nabaneziqu zomculo, amaningi awo esecula ijazz ngoba vele afunzwa ngayo kakhulu ezikoleni zomculo. Kuzomele iminyango yezemfundo iyibheke ngempela le nto yokuthi okufundwa ezikhungweni zemfundo ephakeme akukhulumi nokudingwa yimboni yezobuciko. Lapha kufuneka nesibindi sabaphathi beminyango yezobuciko bafake inselelo enemigomo ezikhungweni zemfundo ephakeme ukuba ihlele izifundo zayo ngendlela yokusiza izwe ukuba liye phambili.
Uma isifundazwe sethu KwaZulu-Natal singase sihambe phambili ngokushaya umgomo wokuvikelwa komculo kamaskandi, isicathamiya nombhaqanga njengohlobo lo mculo oyigugu nakanjani izwe lonke lingalandela sibone nezinye izifundazwe zivikela umculo owumsuka ezifundazweni. Lokhu kungasho ukwanda kokudlalwa kwezinhlobo zomculo nokuthengwa kwayo okuyisinkwa kubaculi bawo nenjabulo kubathandi ngenxa yokuthi bazobe sebefuna uhlale usezingeni futhi belindele okusha nokuhlabahlosile njalo. Ukuthatha uMphephethwa, uMnu uBhodloza Welcome Nzimande, abe sekhaleni lohlelo lokuvikelwa kwale minxa yomculo. Kungazuzisa lesi sifundazwe okukhulu futhi kuwenze umakethwe naphesheya nokuyinto engakaze yenziwe ngohlelo. Ukusonga kwethu izandla ngokungokwethu ngeke kusisize ngalokhu. Abaphathi bethu abatshengise ukuthi njengabaphathi bayakwazi ukuthatha izinqubo ezizobenza bashiye ilegacy eyobongwa izizukulwane ngezizukulwane.
Kukhulu umculo kamaskandi, isicathamiya nombhaqanga engakwenzela elikaMthaniya uma ivikelwa njengegugu. Kungamnandi kabi uma ungena ehhotela uzwe lolu hlobo lo mculo kunokufunzwa ngeMozart nokwaseMelika. Futhi lokhu kungamele kungayishiyi ngaphandle imboni yamatekisi nengenza lolu hlelo lusebenze kahle kakhulu. “Isizwe esingenalo isiko negugu sifana nesihlahla esingenazimpande.”