Bambelela kokwakho ungafisi okukamakhelwane wakho
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/05/Mulder-cartoon.jpg?fit=80%2C76&ssl=1)
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/05/Mulder-cartoon.jpg?fit=156%2C149&ssl=1)
UMfu uMulder ungoti wezifundo zenkolo nomholi webandla
“Ungafisi indlu yomakhelwane wakho; ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho,” i-Eksodusi 20:16. “Ungafisi umfazi womakhelwane wakho; ungafisi indlu yomakhelwane wakho, nensimu yakhe, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.” uDuteronomi 5:21.
Umyalelo weshumi womthetho kaNkulunkulu ukhomba ngqo enhliziyweni yomuntu. Kukhona labo abangasho ukuthi abanandaba nemicabango ecatshangwa ngabantu, yize imibi leyo micabango. Bathi okubalulekile nje ukuthi imicabango leyo mayingabi izenzo ezizobalimaza. Bathi: “Angigqizi qakala umona onawo ngami. Ukuthi nje ungathathi izinto zami.” Kanti umyalelo kaNkulunkulu othi “Ungafisi into yomakhelwane wakho…” uyakhombisa ukuthi uNkulunkulu akazondi isenzo sesono kuphela, kodwa uzonda nomsuka waso. Umsuka wesono usenhliziyweni yomuntu. Inhliziyo yomuntu iyimboni ekhiqiza konke ukubola esikubonayo emhlabeni. Asinabo ubunkulunkulu ngaphakathi kwethu njengokushiwo ngabanye. Cha, kusukela bewela ezonweni o-Adamu no-Eva, bonke abantwana babo nabazukulu okungabantu bezizwe zonke, bayizoni. Umfanekiso kaNkulunkulu esadalwa ngawo ekuqaleni waphihlika, kwenze ukuthi izono ziphuma ngaphakathi komuntu. uJesu uthe: “Okuphumayo kumuntu yilokho okumgcolisayo umuntu; ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala, nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso nokungabi namahloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula.
Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu.” NgokukaMarku 7:20-22. Wexwayisa kudala ngobungcwele baKhe uNkulunkulu, ukuthi uzojezisa umsuka wesono, kanye nesono. uNkulunkulu akanalaka ngokubulala nje, cha, unolaka futhi ngenzondo umuntu onayo ngomakhelwane wakhe ewumsuka wokubulala. uNkulunkulu akazondi ukuphinga nje, cha, uyazonda nenhlansi encane yezinkanuko eqhumayo enhliziyweni yofisa umfazi womakhelwane wakhe. uNkulunkulu akazondi ukungahloniphi kwezingane abazali bazo nje. Cha, uyazonda nokwedelela okuvunguzayo ezinhliziyweni zazo kubazali bazo. Siyafunda okulandelayo okwenzeke empilweni kaJosefa eGibithe: “Kwathi emva kwalezo zinto umkankosi yakhe waphonsa amehlo kuJosefa, wathi: Lala nami. Kepha wala, wathi kumkankosi yakhe: Bheka, inkosi yami ayikwazi enginakho endlini, inikele konke okwayo esandleni sami; ayinkulu kunami kule ndlu; futhi ayingigodlelanga-lutho ngaphandle kwakho kuphela, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu, na? Kwathi esakhuluma kuJosefa izinsuku ngezinsuku, akamlalelanga ukuba alale naye, nokuba abenaye. Kwathi ngosuku lumbe engena endlini ukuyokwenza imisebenzi yakhe, kungekho lapho phakathi noyedwa owendlu, wambamba ngengubo yakhe, wathi: Lala nami; kepha washiya ingubo yakhe esandleni sakhe, wabaleka, wagijimela phandle.” uGenesise 39:7-12.
Kulawa mavesi esiwafundile siyabona isibonelo esihle sikaJosefa engavumeli ukuthi kube khona ukufisa okuncane nje kumfazi womakhelwane wakhe. NjengamaKristu asikwazi ukunqoba imilingo kaSathane ngamandla ethu. uMoya Ongcwele uyanika amakholwa inkolo ukubambelela eZwini likaNkulunkulu. Kodwa ufunani uNkulunkulu kithina emyalweni weshumi na? uNkulunkulu ufuna ukuba kungeze kwasuka ezinhliziyweni zethu nehhuhha elincane nomcabango omncane ophambene nomyalo owodwa womthetho waKhe. Ufuna futhi ukuba sibe-yizitha zezono zonke ngenhliziyo yonke, sithande ukwenza ukulunga konke.
Kepha abaphendukele kuNkulunkulu bayakwazi na ukugcina imiyalo yaKhe ngokupheleleyo? Cha, bangeke, ngokuba nabangcwele kakhulu basaqala nje ukulalela lapha emhlabeni, kodwa-ke kanjena ukuze sebeqale ngokuzinqumela ngeziminya ukuphila, hhayi ngemiyalo eminye kuphela, kodwa ngayo yonke imiyalo kaNkulunkulu ngokwempela. Kusho ukuthi izinhliziyo zabo zinaso isifiso ukugcina konke okushiwo nguNkulunkulu.
Kanti uma kungekho muntu onamandla okugcina yonke imiyalo kaNkulunkulu ngokupheleleyo kulokhu kuphila, kungani uNkulunkulu asishumayeza imiyalo eyishumi kabukhali kangaka, na? uNkulunkulu ufuna ukuba siqhubekele phambili ukwazi imvelo yethu eyonakele ekuphileni kwethu konke, silangazelele kakhulu ukufuna kuKrestu Jesu ukuthethelelwa kwezono nokulunga. Ufuna futhi ukuba silokhu sikhuthale njalo ukumthandaza uNkulunkulu ngomusa kaMoya oNgcwele, ukuze senziwe basha njalonjalo sibe-ngumfanekiso kaNkulunkulu, size sifike kulokho kuphelela esikukhonjiswayo emuva kwalokhu kuphila okungaphelele. MaKhrestu, uNkulunkulu oyedwa vo, Oziquntathu – uBaba, neNdodana, noMoya oNgcwele anilondoloze ukuba ningafisi okuphambene nomthetho waKhe, Amen.
– Uma ufisa ukuphawula, ngokubhalwe nguMfundisi uFrikkie Mulder thintana no: jfkmulder@gmail.com. Silandeleni kuFacebook Ubuthathwemunye.