Now Reading
Ngifuna ukuphila ngale nto
Dark Light

Ngifuna ukuphila ngale nto

UMA ucabanga ngembongi, kungenzeka ukuthi kufi ka isithombe somuntu oziphuphelayo, ocabanga izinto ngendlela yakhe, umuntu onamagama ehla kamnandi.

Ungacabanga izinto eziningi ngaphambi kokuba ufi ke ekucabangeni “ngosomabhizinisi”. Lokho kungenxa yokuthi ngokujwayelekile amagama amnandi awakhokheli, nokuwahaya kamnandi akujwayele ukwenza umuntu isigwili. Izinwele eziphothiwe zibonakala zinyakaziswa wumoya zihambisana nomsindo wesiginci kwenye indawo esondelene nechweba laseThekwini. Kumnandi lapha. Abaculi benza into yabo, amaciko ehlukene ahleli alalele kodwa nengxoxo ngobuciko nepolitiki iqhuma phezulu. Lena yintambama ejwayelekile e-Bat Centre. Kulapho sifi ca khona uSimiso “Slashfi re” Sokhela, kule ndawo esifana nekhaya kuye.

USimiso ubeka umakhalekhukhwini wakhe ngesineke etafuleni ngaphambi kokuhlala phansi. Ukhumula isigqoko sakhe, nakuye kuvela izinwele eziphothiwe. Ube esenwaya lezi zinwele zakhe kancane, bese esephica umkhono weyembe lakhe elimhlophe. Uyasibheka. Ube esemamatheka, kuvele uthotho lwamazinyo amhlophe nelilodwa eselihlotshiswe ngegolide. Namuhla sikhuluma ngebhizinisi.

“Uma abantu becabanga ngezimbongi, bafi kelwa isithombe eish… somuntu ongcolile,” usho kanje bese ehleka kancane. “Izinkondlo zinabalandeli abaningi kodwa inkinga azikhokheli kahle, futhi azinakiwe ngendlela efanele.” USimiso ufuna ukwakha isithombe esisha ngobumbongi. Ufuna abantu bazithenge izinkondlo, batshale izimali zabo kuzo, futhi kube nokuhlonipheka kulo mkhakha.

Njengoba eneminyaka engu-23, uSimiso usevele useke wenza izinto ezinkulu. Okuphambili wukuthi uyimbongi. Kodwa futhi ungusomabhizinisi, umsunguli wamabhizinisi amasha, umsizi womphakathi, umuntu ongaqondakali… kuningi nje. Lezi yizinto oziqaphelayo uma ulokhu uhlangana naye. Ubonakala engumuntu ohambisana nesimo akuso ngaleso sikhathi.

USimiso wazalelwa elokishini laseMlazi, kodwa wakhulela endaweni yemijondolo ebizwa nge-Canaan e-Clare Estate, ngaphandle nje kancane kwedolobha laseThekwini. Ukuze aphephe ezingozini kwazise le ndawo iseduze nomgwaqo onguthelawayeka, esemncane uSimiso wayezihlalela endlini, ezibhalela izinkondlo zakhe. Namuhla unencwadi enamakhasi angu-207 aseyishicilelile, i-Wordography with a Pen.

Njengoba akhulela endlini enezindonga ezakhiwe ngamabhodi nangothayela uSimiso wakuzwa futhi wakubona kaningi ukuhlukunyezwa kwabesifazane emphakathini akhulele kuwo. Nokho wayesemncane kakhulu ukuqonda okwakwenzeka ngaleso sikhathi. Kodwa manje njengoba esekhulile, uzimisele ukunika omakhelwane bakhe nabangani ithuba ababengenalo lokuzikhulumela ngalokhu.

Izinkondlo ezisencwadini yakhe, i-Wordography with a Pen zixoxa ngezinselelo abesifazane endaweni akhulele kuyo ababebhekene nazo. “Le ndaba yezinsuku ezingu-16 (zomkhankaso wokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane) ayikho,” kusho yena. “Umkhankaso kumele kube yinto yansuku zonke.”

Izinkondlo zencwadi yakhe uzisebenzisa ukuvula ithuba lokuxoxisana phakathi kwabesifazane abahlukunyezwa nalabo ababahlukumeza.Uyindoda ematasa kakhulu. Njengoba sihleli naye, ucingo lwakhe seluphayize kaningana, kanti kulokhu kufi ka nabantu bebuza okuthile kuye.

Ungumsunguli wezinkundla eziningi lapho izimbongi nabathandi bezinkondlo behlangana khona. Enye yazo yi-Bold New Poets ayisebenzisela ukunika izimbongi ezisencane inkundla yokugiya ziqephuze ngomsebenzi wazo nokuzihlelela izifundo ngalo mkhakha. Ubuye abe ngumphathi wenkampani eyenza ama-websites, uhlale efuneka ngapha nangapha, uhlelela ukubhala incwadi yesibili.

See Also

Pho ngabe usithathaphi isikhathi sokubhala yonke le nto? “Ngibhala noma kuphi. Emapheshaneni amancane, noma ngabe ngisetekisini ngisho ngihamba ngezinyawo imbala, ngihlezi ngibhala,” usho kanje ehleka.

USimiso ufuna ukuba izinkondlo zingabi nje ngezamaqoqwana athile abantu, kodwa zingene kuyo yonke imikhakha yempilo. “Uma ubhala ngotshwala, thatha izinkondo zakho uyozihaya ezindaweni zokucima ukoma!” ukusho lokhu ememeza kuhle komuntu okhuluma phambi kwezinkumbi zabantu emhlanganweni.

Akagcini nje ngokukhuluma. USimiso kumanje izinkondlo zakhe uzihlanganisa nemidanso, imibukiso yemfashini nezinye izindlela zokuzidayisa. Izinkondlo zakhe uzisa noma kuphi lapho ekhona. “Ngifuna ukuphila ngale nto,” usho kanje, ephakamisela emoyeni incwadi yakhe.

Lolu daba silucaphune ku: mahala.co.za

Scroll To Top