Now Reading
Asiyibuke ngelinye iso imiphumela kamatikuletsheni
Dark Light

Asiyibuke ngelinye iso imiphumela kamatikuletsheni

ISIZWE sonkana sizivalele emsindweni wokucubungula nokuphikisana ngemiphumela kamatikuletsheni kuleli sonto.

 

Zonke izinhlaka sizibone zikhala ngento ecishe ifane – okungukwehla kwesibalo sokuphumelela kwabafundi sisuka ku-77.4% siya ku-69.7% nonyaka KwaZulu-Natal, nokwehla kwawo kuzwelonke.

Kubalulekile ukuthi sibuye sibuke ukuthi isho ukuthini le miphumela, sikhohlwe sampela izinombolo okuyizona ezisetshenziswa ukuhlonza ukusebenza kulabo abasemkhakheni wezemfundo.  Sisemshikashikeni wokukhipha isizwe nesifundazwe sethu ngaphansi kwengcindezi yobubha nokuswela, ingcindezi eyadalwa ubandlululo okumanje kusabonakala izibazi zalo ngezindlela eziningi kubantu bakithi. Ingcindezi eyaqhamuka nesaqhutshwa abaseNtshonalanga.

Kuliqiniso esingeke salibalekela ukuthi imfundo ngesinye sezikhali ezasetshenziswa uhulumeni omdala ukuqhuba nokushiqela ingcindezelo esizweni esimnyama.  Imfundo yasetshenziwa ukujikisa umqondo wabantu ukuze bakholwe okwakushiwo ngabo ukuthi bayize leze abasoze baba namandla nemiqondo ephusile yokuqhubela izwe phambili nokuzenzela kanye nokuzisungulela izinto ezintsha ngaphandle kokungenelela kwabaseNtshonalanga.

I-Afrika yizwekazi elihlukumezeke kakhulu licindezelwa amazwe aseNtshonalanga, izinhloso zawo kuwukuthatha wonke umnotho okumbiwa phansi komhlaba bakusebenze emazweni abo bese bekudayisela i-Afrika futhi ngezizumbulu zemali engafinyeleleki ngabampofu.

Lokhu kukhombisa ngokusobala ukujula kwengcindezi okubhekenwe nayo okumele imfundo ilekelele ukuyiguqula.  Njengamanje izwe lethu lisebenzela ukwakha izwe elithuthukayo, ukuthuthuka kwalo okuzoba isisekelo sokuthuthukisa izimpilo zabantu beziphumele ngokwabo kulo lonke uhlobo lwengcindezelo.

Lokhu kusenza sizibuze ukuthi le miphumela  esiklwebhana ngobunjalo bayo ngabe sonke sibuka imiphumela yemfundo ezosilekelela yini ekwakheni leli zwe ngendlela okukhulunywa ngayo emqulwini owumkhombandlela wokuthuthukisa isizwe (National Development Plan noma ngabe  i-Freedom Charter)? Ngabe le miphumela isibeka kuphi ezinjongweni zokukhulula abasebenzi ekucindezelweni imisebenzi abayenzayo ezimpilweni zabo ukuze kusasa bakwazi ukuthi kungenxa yemfundo nemiphumela kamatikuletsheni engawuthola okwenza impilo yami, eyomphakathi neyesizwe iguquke ngalolu hlobo esengikulo?  Ngabe izoba nomthelelo omuhle yini ekuthuthukiseni nasekukhipheni izindawo zethu (nezasemakhaya) enkingeni yokungathuthuki ezinhlangothini zonke?

Ngabe iyimiphumela ezokwenza nabaphumelele bathuthuke bonke yini ngokwezinombolo namaphesenti esiwanikiwe. Ngamanye amazwi uma sibonana mhlawumpe emuva kweminyaka engamashumi amabili kusuka manje singakwazi yini ukubona umehluko olingana nalezi zibalo ezimpilweni zabantu nesizwe sonkana? Ngeke yini sithole ingcosana kubo seyiphila impilo ezobenza baqhelelane kakhulu nemiphakathi yabo eyayijabulela imiphumela njengempumelelo yomphakathi wonke nesizwe sonke?

Lokhu kungifikisela imicabango ngoMnuz Kenny Kunene nempumelelo yabo nobunjalo bayo esizweni nakubantu bakubo.

Ngeke sikubalekele ukuthi leli zwe lisenezinhlobo ezimbili zemfundo, eyabanothile neyabamhlwempu. Nemiphumela emenyezeliwe iyinkomba yalolu hlobo uma usubuka abafundi abaphumelele ngamazinga aphezulu. Ukuphasa kwabafundi kuhlelwa kahle isifundo ngesifundo nezinga lokuphasa kuleso sifundo. Ezinye zalezi zifundo abafundi baziphasa ngamamaki aphansi njengo-30%. Ukuphumelela kumatekuletsheni kunika abafundi ithuba lokuya ezikhungweni zemfundo ephezulu. Kulezi zikhungo baqala phansi babuzwe ngokuphasa isifundo ngasinye okuyilapho bebhekana khona nezingqinamba zokuqala ezibakhombisa ngokusobala ukuthi le miphumela yabo eminye eyemibukiso nje nokubhiyoza uma uyibona.

Maningi amathuba ukuthi eminye imiphumela ibagcine beyilokho ababeyikho ngaphambi kokuthi baphase. Ngelinye ilanga kuyomele sibheke izinhloso zalezi zikhungo ekuthuthukisweni kwezwe lethu.

UMnuz Zwelakhe Sisulu ngo-1986 wathi: “imfundo edingekayo akuyona efana neyabamhlophe edala ingcindezelo kwabanye kodwa imfundo enza abantu (abafundile) basebenzele abantu bonke, imfundo ekhulula abantu, imfundo eyenza abantu bekwazi ukulawula futhi baziphathele izimpilo zabo.”

See Also

Zonke izinhlangano zomzabalazo e-Afrika zazigcizelela ekutheni ingxenye kumbe isisekelo senkululeko ukuba bonke abantu bekwazi ukuthola imfundo efanayo. Uma njengamanje sisakhuluma ngemiphumela yemfundo engafani, asikakabi semfundweni eyokhulula abantu ukuze balawule izimpilo zabo, babambe iqhaza ekuthuthukeni kwesizwe sabo. Njengabantu base-Cuba bazi futhi bekuqonda ukuthi izwe nesizwe sabo sibadinga befundile bephumelela emfundweni ethuthukisayo bese bethuthukisa izwe nezindawo zabo.

Uma singase sithi bekuphase bonke abafundi ngamazinga anelisayo nafunwa izikhungo zemfundo ephakeme, kambe singajabula yini sithi bebezothola imfundo ezokwakha umntwana wom-Afrika ozosebenzela i-Afrika ukuze izimele noma imfundo nje esakhiqiza izifundiswa ezizobona ukuthi ikusasa nentuthuko yezwe lethu nezwekazi lase-Afrika kumele ibuzwe kuzo izingcithabuchopho zaseNtshonalanga. Abantu abazosebenzisa imfundo nobuholi ababuthola ngemfundo ukunikela ngezwe nabantu balo  eNtshonalanga nasebugqilini obusha. Izifundiswa ezikholelwa ekutheni izindawo nezikole zasemakhaya kumele zikhiqize abantu okumele benze imisebenzi ejwayelekile nengathuthukisi.

Njengesizwe nemiphakathi kungani singalweli ukuthuthukiswa kwemfundo kulezi zindawo ngesivinini kutshalwe izimali ezizokwenza abasebenzi bezemfundo jikelele bangabaleki beyofuna ukusebenza emadolobheni, izifundiswa zasemakhaya zingabaleki ziyosebenza kwezinye izifundazwe? Silwele imfundo ezokwenza abantwana bethu bekwazi ukucubungula, babhekisise izinto abenzelwa zona ezidalelwe ukubuyisela izwekazi lethu emuva (nezinto ezivezwa komabonakude namaphephabhuku ezizwe zonke).

Imfundo ezovukuza imizwa ilethe inkululeko yomqondo kubantu bazi ngokubaluleka kokuzibandakanya ekwakhiweni kwezwekazi lethu basebenzise amandla okuvota ukukhetha izinhlangano okumele ziphathe kuyo yonke imikhakha. Imfundo ezokwenza izifundiswa nabantu bakwazi ukubona okumele bakusebenzise kumbe bakuthathe kwezinye izizwe babuye bavikele okwabo kwezwekazi labo ngaphandle kokubalekela okungokwabo. Imfundo ezodala ukwakhana nokwakhisana nokwazisana kubantu, engadali isifiso sokucindezela nokungalingani kwabantu nezizwe. Imfundo ezokwenza sibone isidingo sokususa imingcele mbumbulu  esihlukanisa ngobuzwe ize isihlukanise nangokuzalana kwethu.

Sithi siyi-SADTU kulesi sifundazwe kubo bonke abantu kumele sisebenze ngokweqile, njengoba le nyunyana seyaqala, sithuthukise abantwana bethu ukuze bakwazi ukuzimela ngomuso bezimisele ekufundeni bazi ukuthi izwe liyophumelela ngokuzimisela kwabo basebenzele i-Afrika yonke.

  • UNkk Nomarashiya Caluza unguNobhala we-Sadtu KwaZulu-Natal
Scroll To Top