Now Reading
Ubuhlanga bungezindlela eziningi kwabezindaba
Dark Light

Ubuhlanga bungezindlela eziningi kwabezindaba

Kuleli binza umbhali uthi akuyona imfihlo ukuthi aboHlanga bahlala bengabasolwa emithonjeni yezindaba

 

Ngokocwaningo lwe-Intellidex. Kudayiswa amaphephandaba abalelwa esi-1 300 000 ngosuku eNingizimu Afrika. Kunamaphepha azimele eligqamayo iMail & Guardian, nokho amaningi enganyelwe izinkampani zokushicilela ezine ezinkulu okuyilezi; iNaspers, i-Avusa, i-Independent News and Media neSekunjalo and CTP/Caxton. Kulesi sikhathi solwazi, kuhlala kubekwa eqhulwini ulwazi nokufuna ukwazi okudingwa ngabantu. Abantu bazo zonke izigaba zokukhula, uma nje bekwazi ukufunda, balalele noma/futhi baphawule ngokuthile okubathinta ngqo noma okuthile okuphathelene nomhlaba abphila kuwo. Okusemqoka, ngolimi abazikhethela lona.

INingizimu Afrika njengamazwe amaningi angaphansi kwenqubo yedemokhrasi elandela umoya wasentshonalanga inenkulumompikiswano ngabezindaba. Lenkulumo mpikiswano isuka odabeni lobinini ize ifike kuhlobo lwezindaba ezibikwayo. Njengoba ngishilo ngenhla, lenkulumo mpikiswano ayiyintsha njengoba yenzeka eminyakeni eyedlule kwamanye amazwe futhi kayikaphelile. Kanti enye inkulumo engaphelile nokho osekunabayinyathela ngezinyawo yileyo yobuhlanga kwabezindaba. Lobu buhlanga bukhonjwa kakhulu emibikweni ebakhona kakhulukazi nxa umbiko loyo uthinta aboHlanga.

Nxa sibuka ngeso elijulile izindaba ezimbi noma kokunye ezingenzi mqondo ngaboHlanga yizo ezihamba phambili. Lokhu kufakazelwa yimibiko eveza ukuthi amaphephandaba lawa ‘anenhlebo’ yiwo athengwa kakhulu yibo aboHlanga. Lapho kusukwe kukhulunywa ngalokho okubukeka njengemikhuba okuthiwa yenzeka kwaboHlanga kuphela lapho bevezwa njengezoni; oginqwayo abahambe belala noma belalwa, amaqola, abathakathi nabantu abangazinakekeli izingane zabo. Okumangazayo nokubuhlungu wukuthi yizo lezi zindaba esezakha isithombe “esiphelele”ngaboHlanga. Khona lapho okufike kuxake wukuthi abathengi balamahlazo yibo aboHlanga.

Kulesi simo abathengi kuba ngaboHlanga, ababhali kube ngaboHlanga bese kuthi abaphathi nabashicileli kube ngabezizwe, amaNgisi, amaJuda, amaBhunu namaNdiya muva nje. Uma benehlanhla aboHlanga bavezwa emakhasini aphambili hhayi njengabantu abenze kahle kepha “abangcono” kunalaba abanye bakwabo. Nakhona lapha inhloso kusuke kungekhona ukuqhakambisa aboHlanga kepha kuwukuqinisekisa ukuthi bayalithenga naleli lesiNgisi ngoba kukhona abakwabo. Ngamafuphi aboHlanga lapha bamqoka nxa bengabathengi, udobo ngabanye babo.

Kunjalo nasemisakazweni nakuthelevishini. Izindaba ezihlanganiselwe aboHlanga zilula nje kuthi lezi ezihlanganiselwe ontabakayikhonjwa kanye nalabo boHlanga asebethe ukugogoda ngesiNgisi kuhlelwe izindaba zangempela. Lapha kobantu kukhulunywa ngezimbuzi okuthiwa zenze izimanga zaphuza ubhiya njengalapha eMlaza kwake kwakhona udaba lwembuzi u‘Dennis’. Kuphinde kukhulunye ngokuthi “esifundeni iLimpompo utikoloshe uchaphe abantu ngenhlamba”. Kuthi uma uthi uvakashela esiteshini esinye sesiNgisi esisesitebeleni uzwe kukhulunywa ngobumqoka bomnotho, ezemfundo, ezempilo nokwakha ingcebo. Uma unganakile ungacabanga ukuthi lokhu kube yiphutha kanti cha sekwasebenzisa ucwaningo oluthi laba boHlanga kabanankinga bamukela konke, kabakhonondi. Kepha lapha esilungwini ungalokothi ngoba bazokunqamula ikhanda bayawazi amalungelo. Okwakho nje ukuqinisekisa ukuthi ubaphatha kahle kanjalo nezinhlelo zabo zingezezinga eliphezulu. Ungandi ngohleko nangengevu njengakweziteshi zaboHlanga kepha yanda ngolwazi olunzulu. Kudinga ukwazi lokhu ukuze wazi ukuthi lolu wuhlobo oluphambili lobandlululo nokucwaswa okubhekiswe kwaboHlanga emboni yezindaba.

Kula maphephanda amagama afana nokuthi umufi uMnu uJackie Selepi wabe eliqola noma ongathembekile sengathi abekelwe aboHlanga. Kepha bese kuthi amaqola afana noHansie Cronje owayengukaputeni wekhilikthi kuyena kuthiwe “kuwe ingilosi” elingwe yizimo zomhlaba. Nalapha lobu wubuhlanga obunqunu kepha akekho ophakamisa umunwe ababaze ngoba nabo laba okudlalwa ngabo sebakwamukela ukuthi ukucwaswa kwabo kuyimvelo.

Izikhangisi nazo ziyasihlaza

See Also

Obunye ubuhlanga bugqama lapha ezikhangisweni, lapha-ke kuyabhujwa. Kuzikhangisi aboHlanga bavela njengabantu behaba kuthi abezizwe bavele njengabantu bomndeni nengcebo. Nokho nakhona aboHlanga kabayiboni inkinga lapha kubo lokhu okuhlekisa ngabo kuluteku nje kubo. Isimanga wukuthi okuluteku kubo kuyingcebo kwabezizwe. Lolu teku ngaboHlanga lubonakala nasezikhangisweni ezisezindaweni zaboHlanga lapho cishe zonke zikhuluma ngezinto okuthiwa ngezaboHlanga kuphela njengalezo zomashonisa, ukuhushulwa kwezisu, yizimbiza zokukhulisa imiphambili njalo njalo. Kepha kuthi nxa usuwelisa amehlo kwabezizwe ubone izikhangiso zezimoto zikanokusho, imizi nokunye.

Leli yiqiniso (elibabayo) elingekho lapha eNingizimu Afrika kepha nabanye bayaqaphela phesheywa kwezilwandle. UJannnette Dates no William Barlow ababhali bebhuku iSplit Image: African Americans in the Mass Media baqaphela okujulile: Abanikazi nabakhiqizi basebenzisa okuthile kwesiko lama-African American ukunothisa izizinda zokwazisa nabo luqobo, basebenzise amandla okwazisa ukusonta nokuqhubulusha abamnyama base-Amerika,” kusho uDates noBarlow.

Kuleli bhuku uDates noBarlow bayasikhumbuza ukuthi “iqhaza lesizinzda sokwazisa lisondelene kakhulu nokulawula amandla, ngokusebenzisa izingxenye eziningi zokuqonela, kubandakanya ukwehliswa nokuqhubulushwa “kwabanye”. Izizinda zokwazisa zinomthelela omkhulu endleleni yokucabanga kwabantu. Ukuvezwa kwabamnyama okwenziwa ngabamhlophe, nokho, kusefwa kudluliswe ekucabangeni okubi nasemicabangwenize yabamhlophe ngokwesiko labo, okunqabela ubukhona bomnotho kanye nobuqotho besiko labamnyama ukuthi kuyalingana ngokobunjalosomo.” Umbuzo uthi ngabe laba abakhuluma ngoguquko bayakubuka yini lokhu, uma bekubuka bathi akweziweni.

Scroll To Top