Izivuvaba zokukhula zamakha lo mlingisi



UKhumalo uqweqwe lombhali wamabhuku nemidlalo yomsakazo.
AKUSONA isimo esilekelela kangakho ekukhuleni kwengane yentombazane ukukhula unina engekho eduze.
Kodwa umlingisi owaduma ku-Backstage kanti muva nje ubeyingxenye yomdlalo we-e.tv i-Rhythm City uthi lesi simo, yize saba nzima, samfundisa ukumelana nezinselelo zempilo. UNokuthula Ledwaba, obedlala indawo kaTshidi Khuse kulo mdlalo wansuku zonke, ngeke wammatanisa nokuthi uthole ukuxakaziseka empilweni esemncane uma umbheka nje. Ukhululekile futhi amagama awaphimisayo azwakala ephuma kumuntu owazi kahle ukuthi ufunani empilweni. Nesizotha sikhona kule ntokazi yaseSoshanguve.
Kungesikhathi engizekela ukukhula kwakhe lapho ngithole ukuthi maningi amafindo adlule kuwo aze abe ufinyelela empumelelweni yokuba ngomunye wabalingisi abaziwayo kuleli. UNokuthula, abamazi kahle bambiza ngoNoks, washiywa umama wakhe uNancy Matanda eminyakeni eyisishiyagalombili edlule. Uthi kwathatha isikhathi ukuthi akwazi ukukhuluma ngalesi sehlakalo ngoba sashiya isibazi empilweni yakhe. Kodwa uthi uyilokhu ayikho namhlanje ngezinto asezifunde kule minyaka edlulile unina emhlabeni.
Ushona nje umama wakhe basanda kulungisa ubudlelwano bakhe naye ngemuva kokuthi kade engazi ukuthi washonaphi, okuyisimo esenza ukuba akhulele kugogo ongu-anti kunina. “Ubudlelwano bethu (nomama) babuxakile ngoba kwadingeka ukuba ngimxolele ngezinto engangikholelwa ekutheni akenzanga kahle kuzo,” usho kanje uNoks.
Kodwa kuthe ngesikhathi ethi uyasimama ngokomsebenzi wakhe njengomlingisi, ezama ukuthi bakwazi ukuphila kangcono bobabili, umama wakhe washona.
“Wagula iminyaka emibili, ephuma engena esibhedlela, wagula kakhulu ngonyaka ka-2005 washona esalinde ama-ARVS,” kukhumbula uNokuthula. Kwaba wukuphela kwephupho lakhe lokuba bahlale ndawonye nonina owayabashiye besebancane.
Umama kaNokuthula wamshiya nabafowabo esanameniyaka emibili nje kuphela ezelwe. Ngokucabanga kukaNoks unina wayengasakwazi ukubekezela ngemuva kokushona kukayise eshiya umkakhe nezingane ezintathu.
UNoks uthi kuthiwa unina wavuka ngelinye ilanga ethi uyobheka umsebenzi, wangaphinde wabuya. “Ngiyabona ukuthi akawutholanga umsebenzi wasesaba ukubuyela ekhaya. Kuningi okwakungashintsha ukube umama wayenomndeni omesekayo,” usho kanje.
Ngaphambi kokuba ingene kuthelevishini, le ntokazi yenza imidlalo eminingi yeshashalazi eyahamba izindawo eziningi kuleli nase-United Kingdom.
Indawo abeyidlalayo ku-Rhythm City lapho engu-Tshidi khona, iveza intombazane esike yaba nezigameko eziningi empilweni yayo ezifana nokusebenzisa izidakamizwa, ukuzwana nabantu abangalungile, ukukhulelwa usemncance nokunye. Kuthi ngesikhathi esezolungisa impilo yakhe aye esikoleni, kuqhamuke okunye.
Le ndawo esidlalwe uNokuthula isifundise intsha eningi ngokhula kwengane yentombazane kanti futhi naye uNokuthula useze wayithanda le ntokazi ayilingisayo kulo mdlalo emchaza njenge“ntombazane esakhula enamaphutha kodwa efuna ukujabulisa abazali bayo”.
Njengoba eseke wabhekana nodaba lokukhipha isisu elingisa uTshidi, uNoks othi uneminyaka “eyanele”, ukholelwa ekutheni akulula ukuthatha uhlangothi kulolu daba. “Abantu kumele sibayeke bazenzele izinqumo zabo, kodwa sibakhuthaze ukuthi bazivikele uma beya ocansini,” usho kanje egwema ukuveza umbono wakhe oqondile ngokuhushulwa kwezisu. Kukho konke athi lo mdlalo usumthinte kukho, uthi ukuveza nokufundisa abantu ngesifo sengculazi yisona sihloko esimhlalayo nakholelwa ekutheni kumele kuhlale kufundiswa ngaso.
Ekushiyeni kwabo wunina besebancane, uNoks wabe esethathwa ugogo wakhe uNkk Grace Ledwaba, ongu-anti kunina. Abanewabo bathathwa izihlobo zikayise. “Kwaphela isikhathi eside umama singamboni, kodwa kuningi engikukhumbula ngaye njengothando lwakhe lwengoma ka-Selaelo Selota. Futhi wayengumuntu wesifazane omuhle kakhulu,” kusho uNoks.
Yize kusamphatha kabi ukungalitholi ithuba lokukhula nomama wakhe amzalayo, uNokuthula akawuvali umlomo ebonga isandla sikagogo ekumenzeni angazizwa eyingane engenabazali. UNokuthula uveze ukuthi yize eseneminyaka emkhakheni wokulingisa ukusebenzaa kwakhe kwiRhythym City sekumenze wangasithola isikhathi sokuba enze izinto zakhe.
Kodwa kwashintsha kancane konke lokhu ngonyaka odlule ngesikhathi ephumela obala ezinkundleni zokuxhumana ememezela ukufika kwengane yakhe emhlabeni. Uthi manje useyizinika isikhathi ukuba athokozele ukuba ngumama. Iningi labantu lalifuna ukubona ingane befuna nokwazi ubulili bayo. Lo mlingisi akazange aphumela obala ngalokhu ngaleso sikhathi. Futhi kuze kube namhlanje iningi elingasondelene naye lisaqagela.
“Sengifunde ukuthi kukhona izinto okungamele uzitshele wonke umuntu. Ngenhlanla lokhu kuvele kakhulu kimina kule minyaka emithathu edlule. Sekukaningi ngizwa abantu bethi sengizoshada noma kukhona umuntu omusha esingithandana naye, isikhathi esiningi kuyahlekisa,” kusho uNoks.
Emsebenzini wakhe usekhombisile ukuthi akayena nje umlingisi ongayephi njengoba eseke waqokwa kuma-Golden Horn Award esigabeni se-Best Supporting Actress kuma-soapie kuma-South African Film and Television Awards (SAFTA) ngo-2009. Nokho wakhala ngaphansi lapha indondo ithathwa ngu-Candy Moloi odlala uVho Makhadzi kuMuvhango.
Kulezi zinsuku le ntokazi ike yaba sematheni ngokuqagela okwakukhona kokuthi ingase ijoyine iGenerations exoshe inqwaba yabalingisi.
Cishe abantu bebekusho lokhu ngoba uNokuthula eke wasebenzisana nomsunguli walo mdlalo uMfundi Vundla phambilini. Iphupho lakhe kusukela esakhula ukudlala indawo ka-Lady Macbeth okungumlingisi otholakala emisebenzini yombhali wasendulo u-William Shakespeare.