Abaholi bathi leli bhodwe kade laphekwa


Seluthanda ukungalingani ucu emaqenjini epolitiki (i-ANC neNFP) ashintshisana ngalo ngesikhathi kuvunyelwana ngokusebenzisana komasipala ababengenalo iqembu elibawine ngokucacile okhethweni luka-2011
Lokhu kubukeka kuzophazamisa ukusebenza kwabaningi omasipala njengoba sekuqale ukulungiselelwa indlela ebheke okhethweni luka-2016. IBAYEDE inemibiko eqinisekisiwe yokuthi ubuholi beNFP KwaZulu-Natal sebuthathe isinqumo sokuphuma ekubambisaneni ne-ANC ekuphathweni komasipala kodwa baqoma ukusebenzisana ne-IFP, okuyiqembu abahlubuke kulo.
Okhulumela i-IFP futhi oyilungu leSishayamthetho, uMhlonishwa uBlessed Gwala, ukuqinisekisile ukuthi zikhona izingxoxo eziqhubekayo ngasese phakathi kwabo ne-NFP zokusebenzisana komasipala.
Nomholi oqavile we-NFP, KwaZulu-Natal futhi oyilungu leSishayamthetho kodwa ongathandanga kudalulwe igama lakhe naye ukuvumile ukuthi sezihambe elide ibanga izingxoxo zokusebenzisana phakathi kwabo ne-IFP.
“Sesithathiwe isinqumo sokuthi sisebenzisane ne-IFP komasipala baKwaZulu-Natal, futhi lo mkhankaso wethu wokusebenzisana ne-IFP wesekelwa kakhulu yintsha yethu kanye nabaholi abangabasunguli be-NFP,” kusho lo mholi.
Uthe isizathu esenze banquma ukuphuma ekubambisaneni ne-ANC wukwedelelwa nokubukelwa phansi ngabaholi be-ANC KwaZulu-Natal.
“Okunye okusikhiphile yinkohlakalo yamathenda komasipala eqhutshwa ngabaholi abathile be-ANC nokugcina sekusichaphazele nathi ngoba sibambisene nabo ekuphathweni komasipala,” kuqhuba lo mholi we-NFP.
Lo mholi ubale izinkinga eziqhubeka kumasipala iNdumeni eDundee, eMkhanyakude, Mhlathuze, uThungulu, oPhongolo naseMzinyathi lapho i-NFP inesivumelwano noKhongolose khona.
“Abaholi be-ANC abasazi nokuthi siyini ngendlela abasiphatha ngayo, ungathi basenzela ufefe ekubeni sibasizile ukuphatha omasipala. Futhi i-ANC iqashana yodwa komasipala, abaxhumani nathi nasekuthathweni kwezinqumo,” kuqhuba lo mholi. IBAYEDE ithole ukuthi isinqumo se-NFP sokushaya ingwijikhwebu ngokubambisana ne-ANC sidingidiwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu kuleli qembu obuse masontweni edlule nobuhanjelwe nanguMengameli we-NFP, uNkk Zanele Magwaza-Msibi.
Kuvelile ukuthi ubuholi obuphezulu be-NFP kuzwelonke benze imizamo yokuvimba lesi simo kwasho ukuthi amanzi abeseqa emadolweni ebuholini besifundazwe. Ithimba elijutshwe ukuba liyophenya komasipala “ngokuphathwa kabi kwe-NFP” ngaphambi kokuba kuthathwe isinqumo abaholi besifundazwe bathi sengathi lisindwe yizinyawo.
UMhlonishwa uGwala uthe empeleni akusiyo into entsha ukuxoxisana phakathi kwabo nabe-NFP. “Nangaphambi kokhetho olwedlule sasivumelene nabe-NFP ukuthi sizosebenzisana komasipala kodwa uNkk Zanele Magwaza-Msibi wavele wafaka unyawo lwakhe ngoba nakhu i-ANC yayisimethembise isikhundla ePhalamende uma ebalethela amavoti e-NFP ukuze baphathe isifundazwe,” kusho uMhlonishwa uGwala.
Uqhube wathi bona njenge-IFP bayemukela ngezandla ezimhlophe i-NFP ngoba kwakungaxatshenwe nangesikhathi benquma ukushiya iNkatha.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe i-ANC ibingenalo ulwazi lokuthi i-NFP KwaZulu-Natal isinqume ukusebenzisana nabe-IFP komasipala.
“Noma ngabe sebesithathile isinqumo esinjalo kulungile kodwa thina ngeke lokho sikuthathele phezulu futhi ngeke silokhu siphendulana nabo kwabezindaba,” kusho uMnuz Zikalala.
“Thina esikwaziyo siyaxhumana nabaholi be-NFP. Ngakho asithandi ukukhuluma ngale nto kwabezindaba,” uphetha kanje.