Phansi uvalo uKhwela uyikusasa lomculo wombhaqanga


Isizulu sithi kayihlabi ngakumisa. Lesi sisho sigoqa konke ngeciko, uSandile Khwela.
UMA ulalele le nsizwa icula umbhaqanga noma ishaya isiginci, uzidwebela esakho nje isithombe ngalo muntu okhipha ulozolo. Indaba iba lapho lo mculi esema phambi kwakho.
Le nsizwa edabuka kwelikaMthaniya, endaweni yaseShongweni Dam kayilona ithwasa kule ndima ngoba iqale ukudlala neqembu lombhaqanga laseMkhomazi, elaziwa ngokuthi iMadlala Brothers. Ngokusho kwayo ithi omunye umuntu owayifaka ugqozi kwezomculo kwaba nguyise osekwelamathongo, uMnu uBhekisisa Khwela obengumdlali wenkositina.
Okuphinde kuhlabe umxhwele ngale nsiswa yisizotha enaso kanye nomsebenzi ewenzayo nxa ingadlali ingoma. USandile ungesinye sezikhulu eziphezulu enkampanini enkulukazi yezokwakha e-Afrika, i-Afrisum.
Indima yezomculo isiqalile ukulihlonipha ikhono likaKhwela ngoba ngonyaka owedlule (2014) yadla umhlanganiso, kuBest Mbhaqanga Album kumaSATMA Awards ayebanjelwe e-Eastern Cape, nge-album ethi Insimbi.
Ukutshengisa ukuthi lapha kwakungekhona nje ukuthi ucilo uthuke ezishaya endukwini nakulo nyaka (2015) ubuye nayo indondo kumaSATMA nge-albhamu yakhe entsha ethi Uvalo, nayikhiphe ngomhla zili-15 kuNhlolanja 2015.
Akukho ukungabaza ukuthi kule albhamu Uvalo, umfo kaKhwela ubefuna ukuqopha umlando omusha, noma nje sithi ukubuyisela inqola yoMbaqanga emzileni. Ekuqhamukeni nonyawo olusha usebenzise kakhulu isigingci esinezintambo ezilishumi nambili (12 string guitar) okuyinto engakaze yenzeke emculweni womgxobanyawo, ngoba lesi sigingci sisetshenziswa kakhulu ngabaculi bakamaskandi, kodwa ukwazile ukusifaka ngaphandle kokuguqula isigqi sombhaqanga.
Kanti okunye yikhono lokukwazi ukucwaninga ngezinto acula ngazo . Bheka nje engomeni ethi “Isimo Sezulu, lapha umfo kaKhwela ukhuluma ngokuguquka kwesimo sezulu, okuyinto esematheni emhlabeni jikelele. Ngobuchule lesi simo sokuguquka usithathe wasibhekisa entsheni ekhombisa ukuthi ibajikele abazali. Ukudlwengulwa kogogo nezingane ezincane, uyakubonisa umfo kaKhwela ukuthi bekungeke kwenzeke ukube instsha isabahlonipha abazali bayo kanye nabantu abadala nje jikelele.
Ephawula ngokudla umhlanganiso nonyaka uKhwela uthe: “Sijabule kakhulu ngendlela abantu abaningi abayithokozele ngayo le-albhamu ngokuthi iphinde idle umhlanganiso kumaSATMA ezi-2015 kuBest Mbhaqanga abebanjelwe KwaZulu-Natal, Ongoye. Lokhu kunikeza ithemba ukuthi umculo wombhaqanga abaningi abese belahle ithemba ngawo, uyavuka ngempela futhi uza ngesigqi esinzima.”
Ingoma eyisihloko sale-albhamu Uvalo idlalwe ngobunyoninco bokuhlanganisa isintu kanye nomculo wejazz lokhu ukuzwa ngendlela uBlack Moses Ngwenya angene ngayo ngekeyboard. Lokhu iyenza ibe yingoma engadanseleka umdanso wonyawo lwempungushe okungaba iball room noma icha cha cha.
Kuyaqapheleka futhi ukuthi usebenzisana nabantu ababodwa ukuqopha umculo wakhe, lokhu kwenza ukuthi isigqi sakhe sizinze. Uma abantu besebenza ndawonye sonke isikhathi, baya ngokwazana indlela abadlala ngayo, bese beyawukhulisa lowo mculo. Singabala izinsizwa uBlack Moses Ngwenya kumakeyboard, uDumisani Ngcobo kubass guitar, uThuthukani Cele kumelodica, uMahlengi Khwela kubacking vocals. USandile usekhiphe amasidi amane; eyokuqala ithi Yawin’Imali, yalwanya ethi Phansi Imthwalo eyaqokwa kumaSATMA awezi-2012, kodwa yangaphumelela, kweza ethi Insimbi eyanqoba amaSATMA awezi-2013, bese kuza lena ethi Uvalo enqobe kumaSATMA awezi-2015, futhi anethemba elikhulu ukuthi nayo izogila izimanga njengoba isiqalile nje.
Umsebenzi wakhe omusha uwukhiphe ngaphansi kwenkampani yakhe iSK Music Production. Impela umculo kaKhwela ubeka ithemba ekuthini umculo wombhaqanga ungeke ushabalale nokuthi uyohambisana nesikhathi.