Now Reading
UHlabisa akakawathathi amandla okuhola iqembu kubhekwe okhethweni
Dark Light

UHlabisa akakawathathi amandla okuhola iqembu kubhekwe okhethweni

Ngike ngabona ingxoxo kaMengameli we-Inkatha Freedom Party uMnu uVelenkosini Hlabisa nabezindaba zakwaSABC. UNgotsha ubuzwe ukuthi, ngesikhathi sokhetho oludlule iqembu lakhe lakhetha isithombe sikaMntwana waKwaPhindangene ukuba sibe wubuso beqembu, kulokhu kwenziwa yini baphinde basebenzise ubuso bakhe uShenge futhi, esikhundleni sokusebenzisa ubuso bukaMengameli njengoba kubhekwe okhethweni oluzayo. Ephendula uthi ngokudlule kwaba yisinqumo esathathwa yiqembu sokuthi bahloniphe uShenge nemisebenzi yakhe ayenzele izwe.

Kulokhu, uthi yingoba uMntwana unegama elihle nelikhulu, okungafanele iqembu lihlukaniswe nalo njengoba kuyiwa okhethweni.

Kungenzeka ukuthi ngishaya eceleni kodwa kubukeka kuyiphutha leli elenziwa nguHlabisa. Kuyinto esuke ilindelekile ukuba uMengameli weqembu abe wubuso balo uma kuyiwa okhethweni.

Uma sizobuka ezweni elidume umhlaba wonke iMelika kuyinto eyaziwayo nelindelekile ukuthi umholi weqembu abe wubuso balo, futhi igama leqembu lichunyiswa yigama lomholi ngesikhathi sokukhankasela ukhetho.

Umdlalo wepolitiki eMelika ulele kakhulu ekubeni nekhono lokuthatha amandla okuba ngumholi weqembu nezwe. Umholi uye ahambele imiphakathi abe nemihlangano nayo emahholo, akhulume nabo ngalokho akuphathele bona. Uyaye avulele umphakathi inkundla yokuzwakalisa ilaka lawo ngezinkinga zawo nokuxazululwa kwazo.

Avumele imibuzo esuka kubo abantu bendawo, ayiphendule babone ukuvuleleka kwakhe, ubuhlakani, nobuholi bakhe. Lokhu futhi, wukuthatha amandla okuba ngumholi weqembu nepolitiki yalo. Akuvamile ukuzwa kuthiwa omunye umuntu use phonsele umholi inselele uma esezuze uthando labantu.  Wonke umuntu ulandela umholi oyedwa kangangokuthi bagcina sebe khankasela yena.

UHlabisa ubengakawathathi  amandla okuba ngumholi. Ngokwenza njalo ubeke iqembu lakhe engcupheni yokubonakala lintekenteke, kulula ukuba kube noqhekeko.

Ukuphonselwa kwakhe inselele ngabalandeli bomholi weqembu iNkatha lapha esifundazweni uNtuli kuveza amandla obuholi bakhe ukuthi buntekenteke kangakanani. UHlabisa ungumholi weqembu aphinde abe ngumholi wabantu, ekwenza lokho emele iqembu engubuso beqembu. Unabo na abantu abamthandayo nabamthembayo emazingeni aphansi? Yibona labo bantu abaqinisa ubuholi bakhe ezinhlakeni zeqembu, izwi lakhe libe wumphela ndaba. Izwe lidinga abantu abangabaholi bazibonakalise ukuthi bangabaholi, iqiniso lobuholi.

Wake wathi uMandela, noma abantu bengafundile kodwa bayayazi impilo abayifunayo nekusasa abalifisayo. UHlabisa ubaphatheleni abanti? Bona bayayazi yini leyoyinto abaphathelwe yona nguye? Uyaziwa yini yena uHlabisa?

Abantu abalandeli igama lomunye umholi ukuze baseke omunye. Abasuke bemlandela banezizathu zokumlandela. Bayakwazi ukubona umholi ocashe emuva kwegama lomunye umholi. Lapha uHlabisa unika izitha zakhe izikhali zokuhlasela ikhono lakhe lokuba ngumholi ukuze kuvele ukuthi iqembu lakhe alinamholi. Avele ukuthi akazethembi yena uqobo, akanaso isibindi sokuziveza njengomholi okwazi ukuthatha izinqumo ezisesigabeni sobuholi, pho abantu bona bazomthembelani?

See Also

Kuyisu elikhulu ukuba iNkatha yakhe iqembu ukuze likhule lapha esifundazweni, libe nethuba lokudla uhulumeni waso libuse. Sikubonile kwenziwa yiDA eNtshonalnga Koloni ngaphansi kobuholi buka Helen Zille. UHlabisa akabonakali ekwenza lokhu, ehola iqembu ukuze likhule ngegama lakhe. Ikhaya leNkatha yilesi sifundazwe, okufanele likhule kuso kuqala libuse bese likhula kwezinye izifundazwe. Abayomhlulela kuqala ngabalesi sifundazwe sethu. Abangaphandle bayomhlulela ngemisebezi yakhe njengomholi weqembu, wepolitiki, nohulumeni wesifundazwe.

Mhlawumbe uHlabisa usathembe ukuthi iqembu elibusayo lisazoqhubeka lizigwaza ngowalo bese abalandeli balo beze bazokhalela eNkatheni. Kodwa uma sibuka uSihlalo weNkatha lapha eSifundazweni naye ngingeze ngathi unedumela. Mhlawumbe ngaphakathi eqenjini unalo kepha lapha eSifundazweni kangazi. Lokhu kwenza kubelula ukuthi abalandeli bakhe bambone efana noMongameli weqembu ngoba izihlwele emazingeni aphansi abanazo. Asebemi ngakho wukuthi angenza kangcono kuno Mongameli, mhlawumbe ekubeni wubuso beqembu. Inkinga ingayehlela iNkatha uma kuwukuthi kubhekwe izikhundla nje.

UNgotshabambona ewuthango endleleni kaNtuli ebheke ehhovisini likaNdunankulu weSifundazwe. Lokhu kungayihlukanisa iNkatha. Ngakho abalandeli abaqaphele, le ndlela abayiphendlayo kungabi ehlakaza iqembu. Indaba seyenziwa lukhuni yiqembu iFF-Plus, eliphakamisa ukuthi uMengameli ozolandela wezwe kungabi ngoMlophe. Bathi kufanele abe nguMuntu, base bephakamisa ukuthi lowo muntu kube nguNgotsha. Lokhu kudala yiphi ingcindezi eqenjini lakhe?


UMxolisi “uJojilanga” Themba ungusomabhizinisi emkhakheni wezamandla ezithuthi nezakhiwo eMgungundlovu

Scroll To Top