Izizathu ezenze iGhana yathela uGandhi othulini



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
ENINGIZIMU Afrika akaconsi phansi. Izitaladi, izikhungo ezifana nesibhedlela kwethiwe ngaye kanti abaholi abahlonishwayo njengoMengameli uMandela bamthatha njengevulandlela ekulweleni amalungelo esintu. Ezigigidigidini zamaNdiya emhlabeni jikelele ubizwa njengomuntu omnene (mahatman). Nguye owahola izwe lakhe i-India ekutholeni inkululeko. Ngakolunye uhlangothi kuthinteka izwe elihlonishwa umhlaba wonke ngokukhiqiza abaholi abahlonishwayo nokuba ngelokuqala ukukhululeka e-Afrika.
Lapha kukhulunywa ngoMnu uMohandas Karamchand Gandhi kanye neGhana bobabili ababe sematheni kulezo zinsuku kulandela umkhankaso wokuba kwehliswe ibunjwamuntu likaGandhi ngaphansi komkhankaso i#GandhiMustFall. Lo mkhankaso obuqonde kubunjwamuntu ebelibekwe eNyuvesi yaseGhana ubuqhutshwa ngaboHlanga eGhana okuhlanganisa izifundiswa nebezikhala ngokuthi uGandhi osedume umhlaba njengomuntu woxolo nobunye empeleni wabe ecwasa aboHlanga.
Ubufakazi balokhu butholakala kwenye yezinkulumo azenza lapho ayesola khona amaKoloni ngokwehlusila amaNdiya ezingeni eliphansi laboHlanga ngaleso sikhathi abebizwa ngegama lokujivazwa leKhafula. Enkulumeni ayenza mhla zingama-26 kuMandulo ngowe-1896, uGandhi wathi ngaboHlanga “
“Okwethu ukuba siqhubeke sizabalaze silwe nokwehliswa isithunzi okugxishwa kithina ngabelungu, abaqonde nje kuphela ukwehlisa isithunzi sethu basibeke ezingeni lamaKhafula phaqa umsebenzi wawo kuwukuzingela, ehlose kuphela ukuba nesibalo esithile sezinkomo ukuze alobole, emveni kwalokho ahlale dekle ngenxa yobuvila futhi enqunile.”
Kulabo abaseka lo mholi baziphungela ngokuthi lokhu akusho engakaguquki njengoba kwathi uma efika eNingizimu Afrika wabona ngokunye, waguqula indlela ayecabanga ngayo.
Zimnuka nxa zonke
Akuqali ukuthi uGandhi anukwe ngokucwasa. Muva nje abantu abayizi-3000 eMalawi basayine isivimelwano sokuthi ibunjwamuntu likaGandhi lakhiwe enhlokodolobha iBlantyre bethi leli qhawe lamaNdiya alikwazi ukuzohlonishwa ezweni labo ekubeni lingayenzelanga lutho iMalawi. Kuthiwa leli bunjwamuntu lizohambisana nanokwethulwa komgwaqo ngaye uGandhi. Kuvele ukuthi uHulumeni uthamba nje ukuthi kwenziwe lo msebenzi yingoba i-India ithembise ukwakha isithabathaba sendawo yemihlangano ezodla izigidi ezili-$10 khona eBlantyre.
Kulabo abathi akangahlonishwa lo mholi bamile ekutheni akalona iqhawe labo. Esitatimendeni abasikhipha bathi; “UGandhi akakaze enze lutho emzabalazweni wenkululeko nowokuzimela kweMalawi. Ngakho-ke sibona ukuthi ibunjwamuntu liyaphoqelelwa kubantu baseMalawi futhi lokhu kuwumsebenzi wamandla okungesiwona awalapha aqonde ukukhulisa ukuzibonakalisa nokuqonela abantu baseMalawi bengazalele.”
Nalapha eNingizimu Afrika kukhona ukukhuluma okuphetshezwayo nosekusenkantolo. IHuman Right Comission ne-Ahmed Kathrada Foundation ibeke amacala aboHlanga ababili okunguMnu uZwe Sangweni noMnu uPhumlani Mfeka “ngokucwasa” ngoba bathi phakathi ngokukhuluma kabi ngamaNdiya. UMfeka yena ubhekene nelakhe lokuthi ukhulume amagama alumelayo ngoGandhi. Kulokhu uMfeka uthi kazilime ziye etsheni umile kulokho ayekusho. Ngowezi-2015 ibunjwamuntu likaGandhi eGoli labhunyelwa ngopende.