Ulwazi kanjani ubizo lwakho?
UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Angiqale ngokucacisa ukuthi uma ngikhuluma ngobizo, kulesiqephu, angikhulumi ngokubizwa abaphansi. Ngifisa ukuphendula lombuzo namuhla ngoba sengibuzwe abantu abasha abaningi, ikakhulu ezinkundleni zokuxhumana. Angikuveze ukuthi ngiye ngidumale uma ngibuzwa abantu asebakhulile lombuzo. Ngicela ungizwe kahle, angisho ukuthi awubafaneli lombuzo kodwa ngiye ngijabule uma ubuzwa abantu abasebasha. Esikhathini esiningi abantu abasha basuke besanethuba lokuthatha uhambo lobizo lwabo, kanti uma usukhulile kuye kube nzima ngoba kusuke sekunezinto okungelula ukuthi uziguqule. Ubizo lunesikhathi salo futhi ludinga ukuthi usheshe uzinikele kulo. Kungaze kwendlule isikhathi ungasabelanga, kubanzima ukubuyisela isikhathi emuva.
Ngithe ngiqeda kuvalelisa kumsakazi kwinxoxo yethu ebesinayo komunye umsakazeli womphakathi kwangena ucingo luvela komunye wabantu abasha ozichaze njengomuntu oyilandelayo inkulumo engibanayo kulomsakazeli womphakathi. Uqhubeke wachaza ukuthi usengumuntu omusha onezifiso kanye namaphupho empilweni kodwa akazi ukuthi uyibona ngani into obizelwe kuyo, nokuyiyo okumele uyenze. Baningi abantu abasha abangakwazi ukubona isiphiwo kanye nobizo lwabo. Abanye basemisebenzini kuyimanje kodwa lomsebenzi abawenzayo abawuthandi ngenxa yokuthi abalandelanga ubizo lwabo. Akusabuyeleki emuva futhi isikhathi kanye nezinga lempilo alisabavumeli. Zimbalwa izimpawu ozobona ngazo ukuthi into ethize ubizelwe kuyo.
Uma into kuwubizo lwakho, ayisuki enqondweni yakho. Uhlezi uyicabanga futhi uyayihalela uma uyibona yenziwa ngomunye umuntu. Abanye abantu banebhuku lapho babhala khona imibono ngalo ubizo lwabo. Uma kuke kwakhulunywa ngento efaka phakathi lento abizelwe kuyo asikho nesidingo sokunikwa ithuba lokuphawula, uvele angenelele futhi abeke umbono ophusile. Into obizelwe kuyo ivamise ukuba yinto owawuyithanda kusukela kwasebuncaneni bakho. Indlela encono yokuthola isiqiniseko ngalento ocabanga ukuthi ubizelwe kuyo ukubuza abazali bakho uma besaphila. Uma ungasenabo abazali ungabuza abantu okhule phambi kwabo, bazokutshela uma unhlanhlatha noma kuwubizo lwangempela.
Ubizo lukubukanisa nabantu. Abantu bakubona njengomuntu ohlanyayo uma wenza into obizelwe kuyo. Kuthatha isikhathi ukuthi bayizwe into oyishoyo futhi bakuthatha kancane uze uphumelele. Uma ubaxoxela bavele bafe insini noma bakubalele izinto eziningi eziyizithibe ezingakwenza ungakwazi ukuyenze lento othi ufuna ukuyenza noma ofuna ukuba iyona. Baningi abantu esifunda ngabo kanye nesibabuka kwamathelevishini namuhla ongeke wabacabanga ukuthi baqala lapho ukhona nawe. Ungaphika uma bekutshela ukuthi nabo bake bacabanga ukuthi lento abafuna ukuyenza noma ukuba yiyo ingumbhedo. Uma into ubizelwe kuyo, kuba nalelizwi elincane elilokhu ligcizelele ukuthi “kungenzeka ngoba kuyenzeka”. Isizathu esenza ukuthi ungalilaleli noma ungalinaki leliphimbo ukuthi lisho kancane kunalawa asuke ethi angeke ukwazi ukuba yilento ofuna ukuba iyona.
Into obizelwe kuyo ubona ngokuthi uma ucabanga ngayo kube sengathi kuphelele. Noma ungavuswa ekuseni ngeyintathakusa, angeke ukhale. Ngike ngacelwa ngomunye wabasakazi bomsakazo we-SABC ukuthi ngibe sohlelweni lwakhe olungena ngensimbi yokuqala ekuseni, ngavuma. Akangikholwanga ukuthi ngizobe ngivukile futhi ngizilungiselele. Wathi uma engishayela ucingo ukungivusa wangithola ngivukile wamangala. Ngiyakuthanda ukukhuluma, ukweluleka kanye nokukhuthaza abantu ngempilo kanye nezemfundo. Noma ungangivusa ngasiphi isikhathi ngeke ngibe nenkinga.
Uma into ubizelwe kuyo imali ayihambi phambili kodwa iza ngemuva. Uma uke wacabanga indlela yokwenza imali njalo uma ucabanga ngephupho lakho, wokwazi kahle ukuthi kungenzeka ugijimise yona uze uguge. Nami angikholwanga uma bethi kimi yenze into oyithanda, leyonto izokukhokhela ngaphandle kokuthi uyifune ngenkani imali yakho. Ngeke ngikuqambela amanga, lamazwi abuhlungu kodwa uma eshiwo kumuntu omusha ubuhlungu abuzweli kakhulu ngoba usuke enganazo izindleko ezizomenza afune imali ngokushesha.
Angiqondile ukuthi imali ayinasidingo, kodwa ngiqonde ukuthi uma wenza into oyithandayo akuzweli nokuthi awukhokhelwe. Uma ngiqala ukumenywa ukuzokhuluma emicimbini, ngaqala ngingazi nokuthi ngikhokhise malini. Into engangiyifuna kwakuyithuba lokukhuluma nomuntu wakithi, ngimeluleke ngempilo kanye nekusasa lakhe. Abantu abangitshela ukuthi ngilungele ukukhokhelwa malini ngoba yibona ababona into enambithekayo kulento engangiyikhuluma.
Kulesiqephu sanamuhla ngizimisele ukukushiya uyicabangisisa indaba yobizo lwakho. Kungenzeka nawe ubalwa nabantu abangashintsha izinkulungwane zabantu kodwa uhleli awenzi lutho ngalento uNkulunkulu akuphe yona. Kulabo abasafuna ukukhetha imikhakha yezemisebenzi, ngiyacabanga ukuthi usuyazi ukuthi kubaluleke ngani ukwazi into obizelwe kuyo. Ngicabanga ukuthi usuyakwazi futhi usuzokwazi ukubona umkhakha ozokunika imali kodwa ungakuniki ukuthula empilweni.

