Lesi yisikhathi sokuthi aboHlanga baqonde amandla evoti
Siyizakhamizi zaseNingimu Afrika ukhetho lwango we-1994 lwasivezela ukuthi siwuju kumaqembu ayegaqele isicoco sokwengamela izwe ayesina ededelana ikakhulukazi kwimphakathi yaboHlanga . Lokho kwakukhomba ukubaluleka kwevoti laboHlanga njengoba kuyibo abaningi ngokwesibalo sabantu abakhona lapha eNingizimu Afrika.
Futhi kuphinde kwagqama kakhulu ukubaluleka kwevoti laboHlanga nanjengoba kwaguqulwa inhlosongqangi yalabo ababelwela ukuthi aboHlanga nabo bavumeleke ukuvota ukuze bakhethe uhulumeni wabo ozobeka phambili ukuphucula inhlalo yabo kanye nokubuyiselwa kwabo umhlaba ababephucwe wona ngaphansi kwemithetho yobandlululo. Kwathi uma ababethi balwela ukukhululeka kwaboHlanga sebebamba izingxoxo nabo abacindezeli kwavunyelwana ngokuthi lohulumeni makube nguhulumeni wentando yeningi. Ilokho-ke okusaphoqa abaholi abagaqele ukuya ePhalamende kanye nalabo abagaqele ukuqhoqhobala umbuso njalo makusondele ukhetho bakhumbule ukuthi kumele babuyele emiphakathini yaboHlanga bazozicelela ukuphinda bakhunjulwe ngosuku lokhetho bavotelwe.
Iphutha elenziwe yibo labantu abathathwa ngokuthi babalulekile njengoba kubaluleke ivoti labo kodwa bangaziboni bona ukuthi babalulekile futhi bangakuboni nobumqoka bokusebenzisa ivoti labo ukuba bajezise ngalo labo abangazifezanga izethembiso abazenza besacela ukuvotelwa. Kodwa bona laba abanamandla asevotini baqoma ukuwagodla lawomandla ngokuqoma ukungavoti ngosuku lokhetho, kanti abanye lelithuba elimqoka kangaka bavele balifele ngamathe ngokuvele banikele khona esikhungweni sokuvota kodwa umuntu afike alone iphepha ngezindlela ezahlukene okubalwa nokufaka isiphambano sakhe kuwo wonke amaqembu asephepheni.
Lokho kukhomba ukungaziboni wena mvoti ukuthi ubalulekile futhi uyafana nomuntu okhungwe ngamaketanga bese enikwa ukhiye wokuziqaqa kodwa yena aqome ukuwuphonsa emfuleni yena aqhubeke ahlale namaketanga akhe.
Izibalo zabaqoma ukungavoti kanye nalabo abakhetha ukulona ivoti labo yizo ezinika labo esingeneme ngabo ilungelo lokuqhubeka nokuqhoqhobala izikhundla. Kumele sikuqonde ukubaluleka kokusebenzisa ivoti lethu ukuze nabo laba abacela ukuthi sibavotele beyosihloipha uma sibaklomelisa ngevoti siphinde sibajezise ngalo ivoti.
Kanti futhi okumele sikuqonde ukuthi akusiwo umlingo ukubuyela ezintanjeni kweqembu eliphethe kungabe kuzwelonke, esifundazweni, kumasipala kanye nakwisigceme libuyela ngoba abalivotela ukuthi liphathe basuke bengalisebenzisi futhi elinye ithuba mabelinikwa ukuba bayozinciphisa noma bazikhuphule izibalo zalo. Lokho sikwenza ngokuthi silivotele uma silincoma ukuthi lenze kahle noma sivotele lelo esifisa ukulinika ithuba ukuthi lizibonakalise. Kanti futhi noma ngabe alikho iqembu olithembayo noma olithandayo kepha ivoti lakho ungalipha noma iliphi iqembu elingenele ukhetho kodwa hayi ukufaka uphawu kuzo zonke izikhala ngoba alibalwa uma sekubalwa amavoti. Ngakho-ke kubalulekile ukusebenzisa ubuchopho kunokusebenzisa inhliziiyo uma sinikwa ithuba lokuyokhetha abazosimela kuHulumeni.

